Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers uthi omunye umonakalo odalwe yimizamo yokuvala Ithala ngeke usalungiseka. Isithombe: Sithunyelwe

IBhange loMbuso liphikisa isinqumo senkantolo evune Ithala

YINTATHELI YOMBELE 

UPHIKO olwengamele amabhange eBhange loMbuso iPrudential Authority selufake isicelo sokudlulisa isinqumo esikhishwe yiNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ethe Ithala lingaqhubeka nomsebenzi walo wokwamukela amadiphozithi.  

Esitatimendeni elisikhiphe namhlanje, lolu phiko luthe kumqoka ukusho ukuthi umlawuli ebelimqokile oyi-repayment administrator uMnu uJohannes Kruger ubengakaze vele alengamele uphiko lweThala olwemukela amadiphozithi njengokusho kwenkantolo. 

“Nokho-ke (uKruger) akaze akwazi ukuhlukanisa imali yamadiphozithi kwenye imali yeThala ngoba Ithala alikaze liyihlukanise lemali. Kumqoka ukugcizelela ukuthi isinqumo senkantolo sihlukile kwisicelo sokuvala leli bhange, naso esifakwe kuyo le nkantolo. IPrudential Authority ilinde kuphothulwe isicelo sokuvala,” kusho iBhange loMbuso. 

INkantolo ePhakeme eMgungundlovu inqume ukuthi Ithala lingaqhubeka nomsebenzi walo wokumukela amadiphozithi emva kokuthi kufanele leli bhange lidedelwe liqhubeke nomsebenzi walo esikhundleni sokuthi lenganyelwe wumlawuli.  

Likhipha isinqumo ngoLwesihlanu iJaji uMuzi Ncube lithe uKruger akanalo ilungelo lokuphatha iThala nomsebenzi walo wokuqhuba umsebenzi nsuku zonke. Lesi sinqumo siphuma nje, mhlaka-17 wangoMashi kwakunecala elaliqhubeka eNkantolo yeziSebenzi. 

Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancios Rodgers uthe kumqoka ukuthi kutholakale isixazululo esivuna isifundazwe, Ithala namakhasimende alo. Ukhale ngokuthi izenzo zikaKruger zihlukumeze izakhamuzi, zabeka engcupheni amabhizinisi amancane esifundazweni futhi zanqinda Ithala ukusebenza kahle.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/09/ibhange-lombuso-lichaza-ngokwenzeka-e-ithala/

“Selokhu kwathi nhlo sasho ukuthi uKruger akaze acabangele Ithala namakhasimende alo. Kufanele kukhunjulwe ukuthi sekungokwesibili iJaji uNcube linquma ukuthi uKruger ugagameliile. Ngeshwa, sikhathazekile ukuthi omunye umonakalo owenzekile ngeke usalungiseka.

“Ithala linakekela kakhulu abantu basemakhaya abangasizwa kalula ngamabhange amakhulu. Ukuzama ukulivala yinto embi futhi ihambisana nomhobholo. Kukhombisa ukungazikhathaleli izakhamuzi ezihlwempu,” kusho uRodgers. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page