Ukuthula iSabelomali ngenye yezinto ezihlale zibhekwe ngabantu ngamehlo abomvu. Izithombe: Sithunyelwe noThobile Zwane

Okulindelwe ngabantu ngaphambi kwenkulumo yeSabelomali

WUTHOBILE ZWANE

NJENGOBA iNingizimu Afrika ilindele inkulumo yeSabelomali ebhekwe ngabomvu ezokwethulwa kusasa izakhamuzi zilangazelela ukuzwa ukuthi uhulumeni uhlela ukubhekana kanjani nezinkinga ezibalulekile zomNotho.

Umbele ubuze abantu ukuthi balindeleni enkulumweni kangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi kuzobakhona yini ukwehla komthwalo wokunyuka kwezindleko zokuphila, ukwakha amathuba omsebenzi noma ukunyuka kokuseka amabhizinisi nokunye. Yizwa izakhamuzi ziphawula ngezansi.

UMnu uMenzi Mhlongo uthe:Ngilindele ukuthi akhulume ngokuvuleka kwamathuba emisebenzi, anyuse imali yesibonelelo sezingane nempesheni yogogo nomkhulu. Ngibuka ngoba ukuphila ngendlela sekubiza ngako, lemali abayiholayo ayanele ukuthi kuphilwe ngayo. Ogogo nomkhulu yizona asebondla abazukulu ngalemali futhi bakhokhele nomasingcwabiswane.”

UMhlongo

UNks uGugu Mlangeni uthe:Ngilindele okuningi. Okunye okungenasidingo abasuke behhema ngako ngifisa bangayimosi imali ezintweni ezingenasidingo. Uma kuza ezimalini zesibonelelo ukuthi inyuswe ngemali esile, hhayi ngemali encane esingayiboni. Ngiyafisa kogogo nomkhulu inyuke kakhulu ngoba yibona abondlayo emakhaya kulesi sikhathi samanje. Wonke umuntu ohleli ekhaya ongasebenzi kufanele ayithole umali uma kuphela inyanga, nabaqedile esikoleni amabanga aphezulu kufanele bathole imali yokuphila.”

UNksz uMlangeni

 UNksz uNoxolo Khanyile uthe: Engizobe ngikulindele wukuzwa kungqongqoshe ngokunyuka kwemali yesibonelelo sabantu abangasebenzi, iSabelomali emabhizinisini amancane nokuthi ngilindele ukuthi agxile emikhakheni yezempilo, impilo yethu ibalulekile futhi sididekile.”

 UNks uKhanyile

UNks uBonakele Masoka uthe: Kungabakuhle ukuthi imali yezaguga kube yiyona engase inyuke, ngoba yibona ezigcina sezondla izingane emakhaya, zibezinabazali abahola imali yesibonelelo kodwa ogogo yibona abagcina bondla lezo zingane. Ngiyafisa futhi ukuthi akhulume ngamathuba omsebenzi entsheni ehleli emakhaya.”

UNks uMasoka

UMnu Sihle Sikhakhane uthe: Mina njengomuntu ohlala elokishini akukuningi engikulindele kwiSabelomali ngenxa yokuthi iningi lethu asisiqondi. Siyafisa ukuthi nathi sifundiswe ukuthi sisiqonde iSabelomali, singacabangi ukuthi ngesabantu abathile, okungabantu abheke kakhulu amabhizinisi. Kwabanye bethu wukuzwa nje ukuthi imali ethile iye kuphi. Esingakubheka thina wukuzwa ukuthi imali (yezaguga)  izonyuka ngamalini neyezingane, ukunyuka kukagwayi notshwala.”

USikhakhane

UNks uSilindile Phungula uthe: Mina bengingathanda ukwazi ukuthi kuzoshintsha izinto ngayiphi indlela, okubalwa amathuba omssebenzi, uma udinga ukuzisebenza ungasizakala kanjani ukuzivula umsebenzi.

UNks uPhungula

“Emananini okudla kuzoba khona umehluko njengoba ukudla kunyuka kodwa imiholo ayishintshi. Ngifuna ukuzwa isixazululo ngokushoda kwemithi emitholampilo, imali yesibonelelo njengoba izinto zinyuka ezitolo. Ezinye izikole azinayo imitapo yolwazi namakhompyutha emiphakathini yethu. Lezo zimali zizokwazi ukugadeka kulena ekhona ukuze kufezeke  izidingo zomphakathi.”

Kusasa uGodongwana uzokwethula iSabelomali sango-2025 ePhalamende.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page