IBhange loMbuso lititinye iStandard Bank ‘ngokuphula umthetho’
YINTATHELI YOMBELE
UPHIKO lweBhange loMbuso elengamele amabhange iPrudential Authority linswinye futhi lahlawulisa iStandard Bank South Africa u-R13 million emva kokuthola ukuthi kunomthetho wezimali i-Financial Intelligence Centre Act 38 owashaywa ngo-2001(iFIC Act).
IBhange loMbuso lithole ukuthi kunezimiso zomthetho leli bhange elingazihloniphanga, okuholele ekutheni lithole izexwayiso eziyisithupha.
Phakathi kwezinto iStandard Bank South Africa elingazenzanga wukuqhubeka nokuhlola amabhizinisi amakhasimende awo amabili njengokusho kwesigaba 21C seFIC Act, okuyinto okufanele ihlale iyenza kodwa ayikwenzanga ngo-2018 nango-2019.
“I-SBSA ihlulekile wukuhlonipha isigaba 23(c) seFIC Act njengoba ihlulekile wukugcina irekhodi lokusetshenziswa kwemali ngendlela esolisayo okwaba yizikhawu eziwu-43 okwathunyelwa kwiFinancial Intelligence Centre. I-PA iyixwayisile ukuthi ingakuphindi loku,” kusho isitatimende seBhange loMbuso.
Okunye ejeziselwa kona iStandard Bank wukungabiki ngesikhathi ukusetshenziswa kwemali ewukheshi izikhawu eziwu-1 466. Kukhona nezinye izigameko zokuphula umthetho esolwa ngazo.
Liziphendulela leli bhange, likuqinisekisile ukuthi lihlawuliswe uR13m ngenxa yokuthi kukhona izimiso zomthetho elingazigcinanga mayelana nezinto okwakufanele lizibike ezenzeka ngo-2019. Lithe selikulungisile konke obekonakele.
“Kumqoka ukusho ukuthi lolu nswinyo alusho ukuthi iStandard Bank itholwe inecala lokwenza izinto ngenhloso yokushushumbisa imali noma ukuxhasa izenzo zobushokobezi. Ibhange lizibophezele ekubekeni yonke into obala ngokusebenza kwalo nangokubika njalo kubalawuli. Loku kufaka ukubika uma kukhona izinto ezisolisayo nokunye okufanele kuvezwe kwiFinancial Intelligence Centre nakwiPrudential Authority.