Ukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana uthi izikhwama zemali kufanele zibafune zibathole abanemali eduve kuzona. Isithombe: Sithunyelwe

Zihleli noR88 billion ongalandiwe izikhwama zemali – ukhomishana

WUBONISWA MOHALE 
IZIKHWAMA ezihlukene zemali zihleli noR88 billion wemali okufanele ukuthi ikubantu kodwa ayilandiwe. 

Usho kanje ukhomishana wenhlangano elawula imboni yemali iFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana izolo engqungqutheleni ebheka okwenzeka embonini ebisenkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe.

Uthe le mali ihleli ngoba kwesinye isikhathi abantu basuke bengazi nokuthi kukhona imali yabo esezikhwameni, bagcine bengayilandile.

“Loku kusiphethe kabi ngoba kusho ukuthi kunabantu abathwele kanzima bebebenemali ehleli esikhwameni. Simatasa nohlelo lokuqonda ukuthi le mali ilawulwa kanjani futhi inakekelwa kanjani ukuze igcine ibuyele kubanikazi abafanele. 

“Sishicilele iphepha elisihloko sithi ‘A Framework for Unclaimed Financial Assets in South Africa’ ngo-2022 ngoba sifuna le mali ikwazi ukubuyela kubantu. Sifuna izikhwama zibabheke zizezibathole kanti ngesikhathi besabhekwa sifuna ibekwe kahle,” kusho yena. 

Uthi ukuguquka  kwezinto nokuphucuka kobuchwepheshe kusho ukuthi izinhlangano ezilawula imboni yemali emhlabeni jikelele kufanele zishintshe indlela ezenza ngayo. Ubalule ukuthi ubuchwepheshe benza impilo ibelula ngoba busondeza izinsiza kubantu kodwa kufanele imboni iqaphele izinkinga eziza nabo, abale kuzona ukudlanga kwamaqola asebenzisa ubuchwepheshe ama-cyber attack, i-algorithm bias nokungasebenzi ngendlela efanele kobuchwepheshe obuzenza samuntu.

Uthe lezi zinto zingenza abantu abazizwa bevalelwe yimboni ngaphandle benganakiwe, yingakho kufanele ziqashelwe ngendlela efanayo okuqashelwa ngayo ukukhwabanisa.

“Uma sishaya umthetho kufanele siqinisekise ukuthi ugqugquzela abatshalimali, uvikela abathengi futhi ufukula umnotho. Kuningi esikubhekayo ngoba asigcini ngokulawula izikhungo ezisebenza ngemali kodwa nabantu siyabheka, siqinisekise nokuthi abatshalimali eNingizimu Afrika balandela imithetho yokuletha impilo engcono kubantu,” kusho uKamlana. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/08/ukhukhulelangoqo-wemboni-yezimali-wokufundisa-abantu/
Uthi kuningi ababhekene nako njengabantu abashaya umthetho olawula imboni ngoba sekukhona nemali ye-internet i-crypto currency, ukutshala imali esiza ngengqalasizinda yokuguquguquka kwesimo sezulu neyokuletha impilo engcono kubantu. 

Mayelana nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu uthe imali esiza ezinhlelweni zokuguquka kwesimo sezulu kufanele ilawuleke ngendlela ecacile ezozanemisebenzi nenzuzo kubantu baseNingizimu Afrika. 

Uthe njengoba iNingizimu Afrika yengamele iG20 kulo nyaka kufanele isebenzise loku ukungenisa imali ezweni, izenezinhlelo zokuqaphela ukuthi imali okuthiwa izosiza ekuguquguqukeni kwesimo sezulu ayishushumbiswa.

Mayelana nabantu abanyula imali yempesheni ebhodweni, uKamlana uthe njengoba abantu benyula imali yabo kusho ukuthi bathwele kanzima. Loku kuzobanomphumela omubi emalini yabo yempesheni njengoba izoncipha. 

Uthe kufanele kube nemithetho enqala ezoqinisekisa ukuthi imali yabo esele igcinwa kahle futhi iyakhula.

Unxuse ukuthi kufundiswe abantu ngezimali, kusetshenziswe ubuchwepheshe ukufinyelela kubona.

Inhloko ye-Fintech eBhange lomBuso uNkk uLyle Horsely uthe basebenzisa ubuchwephe ukulawula imboni ngemithetho ekhona nephuculiwe. 

Isikhulu seTyme Bank uMnu uChris Becker sithe ubuchwepheshe busondeza amabhange kubantu.
Wenze isibonelo sokuthi bayibhange elisebenzisa ubuchwepheshe futhi uma buthuthuka bafundisa amakhasimende abo nezisebenzi ngokusha okuzosiza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page