SesiwuR2.38 trillion isikhwama sempesheni kahulumeni
YINTATHELI YOMBELE
INANI lempesheni yezisebenzi zikahulumeni likhule ngoR61 billion, lafinyelela kuR2.38 trillion ngonyaka wezimali u-2023/24.
Ngokombiko wezimali oshicilelwe yisikhwama sempesheni sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) kuleli sonto, inzuzo ebesikhula ngayo lesi sikhwama iwu-4.9% uma kuqhathaniswa no-3.5% ngo-2022/23.
I-GEPF ithe: “Unyaka wezimali u-2023/24 ubunezivunguvungu futhi izinto zingacacile kahle kubatshalimali eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele. Yize kunjalo, imali etshalwe yiGEPF yandile futhi iyakwazi ukumelana nezimo ezinzima njengoba ikhule ngo-2.6% yafinyelela ku-R2.38trn, okuyilona nani elikhulu kunawo wonke emlandweni wayo.
“Ukukwazi ukukhulisa isikhwama esikhathini esinzima kanje kutshengisa ukuthi sikwazi ukumelana nezimo ezinzima nokuthi amaqhinga asetshenziswa ukutshala imali ayaqhubeka nokusivikela. Iyagculisa indlela esikhule ngayo (ngo-2023/24) njengoba bekunzima umnotho ungakhuli, izinga lokungasebenzi kwabantu liphezulu, izinselelo zezimpi emhlabeni, ugesi obizayo namanani ezimpahla aphezulu.”
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/30/kunor11-billion-wokunciphisa-isibalo-sezisebenzi-zikahulumeni/
Eminyakeni eyishumi phakathi kuka-2015 no-2024, lesi sikhwama sikhule ngo-7.2%. Isibalo samalungu esikhwama sikhuphuke ngo-0.84% safinyelela ku-1 277 902 kanti imali abeyikhokha ikhuphuke ngo-10.8% yaba ngu-R91.94 bn. Athathe umhlalaphansi anyuke ngo-4.3% afinyelela ku-351 100.
Imali ekhokhelwe abantu abasule emsebenzini ibe wuR27.6bn uma kuqhathaniswa noR32.9bn owakhokhwa ngo-2022/23. Imindeni yabashonile ikhokhelwe uR7.9bn, okwehlile kuR9.8bn owakhokhwa ngonyaka odlule.
Isikhwama seGEPF senganyeelwe yiPublic Investment Corporation, okuyiyona enquma ukuthi itshalwa kuphi futhi kanjani ukuze ikhule.