NgokweSabelomali, ezolimo ziyingxenye yezinhlelo zikahulumeni zokusimamisa umnotho kule minyaka ezayo. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni ufuna ukusimamisa umnotho ngamabhizinisi amancane nezolimo

WUSLINDILE KHANYILE 

Ebika eseCape Town

UMNYANGO weziMali umemezele izinhlelo ezihlukene ezizosetshenziswa ukuthuthukisa umnotho, amabhizinisi amancane nezolimo eminyakeni emithathu ezayo.  

Ngesikhathi lo mnyango wethula iSabelomali sango-2025/26 eCape Town, eNtshonalanga Kapa, namhlanje uthe imali eyabelwe loku izonyuka ngo-8.1% isuka kuR252.4 billion ngo-2024/25 iya kuR318.4bn ngo-2027/28. 

Kule mali, umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane wabelwe uR2.1billion eminyakeni emithathu ezayo ukuze useke amabhizinisi amancane awu-120 000. 

Umgcinimafa uthe amabhizinisi azosekwa kakhulu ngawabesifazane, intsha nabantu abanokukhubazeka emalokishini nasemakhaya.

“Ngaphezu kwaloku, uhulumeni uhlinzeke uR313.7 million eminyakeni emithathu ezayo ukusungula izikhungo ezizoseka ukukhula kwamabhizinisi,” kusho umNyango weziMali.  

Mayelana nezithinta ezolimo, umNyango weziMali uthe uzohlanganisa izibonelelo ezimbili zezolimo, i-Comprehensive Agricultural Support Programme Grant ne-Ilima/Letsema Projects Grant kube yisibonelelo esisodwa esizoba noR7.3bn eminyakeni emithathu ezayo.

“Inhloso yaloku wukuphucula ukwengamela lesi sibonelelo, indlela esabiwa ngayo nokuseka abalimi abadayisayo nabalimela ukuziphilisa nemindeni yabo. Ukunciphisa ukubheduka kwezifo eziphazamisa umkhiqizo wezolimo, umnyango uzophuthumisa okwenzayo ukuze abantu bahloniphe umthetho eminyakeni emithathu ezayo, nokuzodla uR30.3m,” kusho umnyango.  

Ukusheshisa ukuphothula uhlelo lokubuyisa umhlaba, umNyango wemiHlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya uhlinzekwe ngoR11.6bn wezicelo eziwu-844 eminyakeni emithathu ezayo. Kule mali, uR3bn uzosetshenziselwa ukuhlinzeka umhlaba ongamahekthare awu-138 000.

Uhulumeni uhlinzeke noR18.4bn ukuphucula umkhiqizo, ukuncintisana nomnotho ohambisana nokuvikela imvelo ukuseka amabhizinisi ngezinhlelo ezihlukene zokuwakhuthaza ezingaphansi komNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana. 

Lezi zinhlelo zithinta ezilekelela imboni yezimoto, eyama-call centre, eyethelevishini namafilimu, ama-special economic zone, eyezimpahla zokugqoka nokukhiqiza izimoto ezisebenza ngogesi. 

Ukuqhubeka nokulungiselela ukuthula umshwalense wezempilo ohlose ukuphucula indlela ezempilo ezinhlinzekwa ngayo eNingizimu Afrika i-National Health Insurance, um nyango uthe uzokwabela umNyango wezeMpilo izibonelelo eziwu-R9.9bn eminyakeni emithathu ezayo.

“Ukuqinisa ezempilo nokulungiselela umshwalense wezempilo, umNyango wezeMpilo uzokhokhela ukusungula indlela ezosetshenziswa ukuqoqa ulwazi ngeziguli, indlela yokukhipha imithi yezifo eziyisimbelambela neyokugada imithi,” kusho umNyango weziMali.  

Imali yokuphucula ingqalasizinda yezibhedlela iwuR37.4bn eminyakeni emithathu ezayo.

Njengoba kuzobanokhetho loHulumeni baseKhaya ngonyaka ozayo, kunoR1.4bn ozohlinzekwa ngo-2026/27 ukuseka ukuthi ukhetho luhambe kahle kanti kule mali uR885m uzoya ngqo kwiKhomishini yoKhetho bese kuthi uR400m uye emaphoyiseni ukubheka ukuphepha ngesikhathi sokhetho, kuthi uR150m uye emNyangweni wokuVikela ukuze ulekelele ngezokuphepha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page