Abalimi bomoba baseNingizimu Afrika bafuna kunyuke intela ekhokhiswa ushukela ovela emazweni aphesheya. Izithombe: Zithunyelwe

Abalimi bomoba bafuna kunyuswe intela kashukela waphesheya

YINTATHELI YOMBELE

ABALIMI bomoba bathi izibalo ezintsha zikhombisa ukuthi ushukela ovela kwamanye amazwe ubeka imboni kashukela kuleli zwe engcupheni.

I-SA Canegrowers ithi ucwaningo luveza ukuthi ezinyangeni ezinhlanu zokuqala kwalo nyaka ushukela ovela phesheya uphindwe kabili uma uqhathaniswa nangonyaka odlule.

Loku kusho ukuthi ushukela okhiqizwa eNingizimu Afrika awunandawo ezitolo futhi kuzoqeda imisebenzi kule mboni. Ithe yize ithumele isicelo sokuthi kubuyekezwe intela ekhokhiswa ushukela ovela phesheya kolwandle ezinyangeni eziwu-18 ezidlule kodwa namanje i-International Trade Administration Commission (i-Itac) ayikasikhiphi isinqumo.

Inxuse ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukuthi angenelele ukuze i-Itac isheshise isinqumo sentela kashukela wangaphandle.

Ngokwezibalo zeSouth African Revenue Service ushukela ongene ezweni kusukela ngoJanuwari kuze kubengoMeyi kulo nyaka ungamathani awu-94 984, ngonyaka odlule bekungene amathani awu-55 213 ngesikhathi esifanayo.

Ngo-2022 kwakungene amathani awu-1 491 kuphela ngoJanuwari kuze kubengoMeyi. I-SA Canegrowers ithi loku kukhombisa ngokusobala ukuthi iphansi intela ekhokhiswa ushukela ovela phesheya.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/19/abalimi-bomoba-bathakasele-ukuqala-kwenkathi-yokugaya/

Ithe okubuhlungu wukuthi ukwanda kwamathani kashukela angena ezweni kusho ukuthi amathani awu-255 015 kashukela okhiqizwe ezweni awadayisanga ngo-Ephreli kuze kubengoJuni walo nyaka. Ithe ngonyaka odlule ngo-Ephreli kuze kuphele uJuni wangonyaka odlule bese kudayise amathani awu-428 422 kashukela wakuleli.

Usihlalo weSA Canegrowers uMnu uHiggins Mdluli uthe ukungadayisi kwethani likashukela wasezweni kubeka engcupheni isigayo somoba, izisebenzi sazo, umlimi nomnotho wasemakhaya.

“Isimo semboni kashukela siyinhlekelelele ngenxa yamathani avela phesheya. Sinxusa uTau ukuthi angenelele ngoba uma isikhathi siloku sihamba wanda ushukela ongena ezweni imboni yethu izolimala kakhulu.

“Ushukela omningi uvela eBrazil, e-India naseThailand. Kubalulekile ukuthi sivikele imboni yethu, ngokwenza njalo sivikela umnotho wasemakhaya, abalimi nemisebenzi,” kusho yena. Uthe imboni kashukela yondla abantu abangaphezu kwango-1 million KwaZulu-Natal naseMpumalanga.

UMdluli uthi kubalulekile ukuvikele imboni kashukela yasekhaya

Ukhala ngokuthi abalimi abasayenzi imali ngomoba ogaywayo njengoba ithani selehle ngo-10% kunelalibiza kona ngonyaka odlule njengoba seliwuR6 600 kulo nyaka.

“Akusikona ukuthi sifuna ukwenzelelwa kodwa sifuna uhulumeni uvikele imboni yethu ngokusebenzisa imigomo ekhona yentela ekhokhiswa izimpahla ezivela kwamanye amazwe. Akulungile ukuthi imboni yethu ibulawe wushukela olahlwa ngamanye amazwe,” kusho uMdluli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page