Intela yezimpahla izonciphisa imali yezidingongqangi zabantulayo – ingqapheli
WUBONISWA MOHALE
KUZOZWELA kakhulu kubantu abampofu Ukunyuka kwentela ekhokhiswa abathenga izimpahla ngo-0.5% percentage points njengoba izonciphisa imali abasuke beyibekele izidingo.
Usho kanje umdidiyeli wePietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group uMnu uMervyn Abrahams ngesikhathi ezwakalisa ukuthi kungani bengeneme ngokunyuka kwe-value added tax.
“Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ubenezindlela eziningi kabi zokungenisa imali ezingahlangani nje nokunyusa intela yezimpahla, kusho lo mdidiyeli wale nhlangano eyenza ucwaningo ngamanani okudla nesimo senhlalo.
“Osomnotho, izinyunyana nathi siyizinhlangano ezisiza umphakathi simtshelile ukuthi akabakhokhise intela abantu abasuke bethatha umhlalaphansi abahola uR750 000 ngonyaka. Bekufanele asebenzise nemali yezikhungo ezingawenzi umehluko njengoba ebetsheliwe,” kusho yena.
“Bekungafanele ukuthi uGodongwana anyuse intela yezimpahla ngoba manje kusho ukuthi abantulayo yibona abazojeza. Kuyimanje ukudla komndeni onabantu abayisithupha kubiza uR5 313.22. Uma sifaka intela ewu-0.5% percentage points kusho ukuthi sekuzobawuR5 324.02.
“Akusizi ukuthi u-2kg wamanqina enkukhu, owezingingila, owezibindi namathini kabontshisi ngeke kusakhokha intela yezimpahla. Ukudla kusazobiza. Khumbula ukuthi abantu abantulayo vele abanayo imali, basizwa yizibonelelo zikahulumeni,” kusho u-Abrahams.
Ukhale ngokuthi ngaphezu kokudla, kusafanele abantu bathenge izinto zokugcoba ezibiza uR1 039.74 ngenyanga. Lapha ubala umuthi wokuxubha, okokugcoba umzimba, insipho, isiqholo nokunye okusetshenziswa ngabantu uma beqeda ukugeza.
Uthe baphatheke kabi ukuthi uhulumeni usinyuse ngoR30 kuphela isibonelelo sezingane, ngoba ukudla okunomsoco kwengane efunda amabanga aphansi kuwuR951,64. U-R30 uthi awanele ngisho ukuthenga i-peanut butter encane.
Ubalule ukuthi iningi labantu besifazane alisebenzi lihola uR370 wabantu abangasebenzi bese lihlanganisa nesibonelelo sezingane esesizoba wuR560, okwenza ukuthi bathwale kanzima.
Uthi bebelindele okungcono kuGodongwana, hhayi ukuthi athwalise abantu abantulayo ijoka lentela yezimpahla abangenamandla okuzikhethela ukuthi ngeke bazithenge ngoba bayakudinga ukudla nsuku zonke
Uphethe ngokwenza isibonelo sokuthi abantu abacebile bayakwazi ukunciphisa imali abayisebenzisela ukuya eholidini, ukuzikhipha nokuthenga izimpahla ezinamagama abizayo kodwa abantu abantulayo intela izobashaya ngoba vele imali yabo bayisebenzisela ukuthenga izidingongqangi.