Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko
WUSLINDILE KHANYILE
BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.
Loku ngenye yezinto ezivele embikweni owethulwe wumlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ngoLwesihlanu.
I-FSCA ithe bangaphezu kuka-2.1 million abantu abafake izicelo zokucaphuna ezikhwameni zabo zentela kusukela kuqale ukusebenza kwalo mthetho ovumela loku njengoba sekune-two-pot retirement system ehlukanisa kabili imali yempesheni kubenengxenye efakwa lapho umuntu engakwazi ukucaphuna kuyo kusukela ngoSepthemba.
Isiyonke imali osekufakwe izicelo zayo ingaphezudlwana kuka-R35 billion. Izicelo ezichithiwe ngenxa yezizathu ezihlukene ziwu-169 509, kuthi ezinqatshiwe ngenxa yokuthi abafake izicelo bebengenayo imali eyanele nokuthi bafake ama-code angafanele zwu-41 523.
Inhloko yophiko lwe-Retirement Funds Conduct Supervision eFSCA, uNks uCorlia Buitendag uthe bathola umbiko ngokwenzekayo njalo ngesonto.
“Enye yezinto eziqhamukile ngalolu hlelo lwe-two-pot retirement wukubambisana kubona bonke abantu abasembonini okufaka kubo umNyango weziMali, iSARS, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo.
“Ziwu-853 izicelo esizitholile zezikhwama ebezicela ukuchibiyela imithetho yazo (ukuhambisana nohlelo lwe-two-pot retirement), kanti ezingu-837 seziphasisiwe, nokusho uuthi u-98% osuphothuliwe. Eziwu-11 zisalinde izimpendulo, kuthi ezinhlanu zisayiswe kubahlaziyi bezozibheka,” kusho yena.
Sezizonke, zingu-887 izikhwama zempesheni eNingizimu Afrika kanti imali eziyengamele iwu-R3.15 trillion. Abaqashi abanezikhwama zempesheni bawu-155 000, kuthi amalungu alezi zikhwama awu-9.6m.
Nokho iFSCA ithe kungenzeka ukuthi amanye amalungu aphindaphindekile ngoba abanye abantu banezikhwama zempesheni ezingaphezu kwesisodwa.
Ukhomishana weFSCA uMnu u-Unathi Kamlana uthe ukwethulwa kwe-two pot retirement ngenye yezinguquko ezinqala ezenzekile embonini futhi ebezingelula ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokuchibiyela imithetho.
“Siyakubonga ukubambisana embonini, likhulu isasasa njengoba kungaphezu kukaR35 bn osukhokhiwe nokuphungulela amalungu ezimpesheni umthwalo. Kodwa kufanele sigcizelele ukuthi lolu hlelo lwenzelwe izinto ezimbili, ukusiza abantu nokuthi kongiwe impesheni, kufanele nalena enye inhloso yalo igcizelelwe.
“Siyazizwa izikhalo ngemali abantu abakhokhiswa yona. Masisho ukuthi asiwalawuli amanani kodwa yinto esibonisana ngayo ukubheka ukuthi ingabuyekezwa kanjani, sizoziqhuba izingxoxo ngo-2025,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/16/abantu-abawongeli-umhlalaphansi-ucwaningo/
Enye ingxenye uKamlana akhuluma ngayo ngehlose ukuphucula isibalo sabantu okufika isikhathi sokuya empeshenini bekulungele ngoba uma umuntu eshintsha umsebenzi manje ngeke esavunyelwa ukuthi ayihhundule yonke imali yakhe esikhwameni sempesheni somqashi omdala njengoba ezophoqwa ukuthi ayibeke.
Ngokwezibalo eziqhamuka kubantu abahlukene embonini yezimali, bawu-10% kuphela abantu okufika isikhathi sokuya empeshenini bekulungele eNingizimu Afrika.