Imishini kaR3.4 billion izophucula izinga lomsebenzi eTransnet
WUBONISWA MOHALE
ZIZOJIKA izinto eChwebeni laseThekwini njengoba inkampani elawula ukusebenza kwamachweba nokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika iTransnet ithenge imishini emisha yokuthutha izimpahla kuwo wonke amachweba kaR3.4 billion.
Izolo usihlalo webhodi yeTransnet uDkt u-Andile Sangqu utshele izintatheli ukuthi abafisi kubenesimo esifana nesangonyaka odlule lapho kwakuduve khona inqwaba yama-container ayelindele ukungena echwebeni.
“Lubalulekile kakhulu usuku lwanamhlanje ngoba sizokwethula ama-straddle carrier, okuyimishini ethwala ama-container awu-20. Sizothula neminye ebizwa ngama-rubber tyred gantry eyisishiyagalolunye. Ngeke sigcine lapha eThekwini kodwa kuza imishini emisha emachwebeni ethu amaningi. Imishini esiyithengile izokwenza ukusebenza kusheshe,” kusho yena.
Uthembise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iTransnet isisebenza kahle futhi maduze umphumela wokuhle okwenzeka kuyona uzobonakala emnothweni.
Uthi bayaqhubeka nokuheha imboni ezimele ukuthi isebenzisane neTransnet ngoba njengoba beyinkampani kahulumeni badinga imali ukufeza ezinye izidingo.
“Ukusebenzisana nemboni ezimele akusho ukuthi iTransnet sekuzoba ngeyemboni ezimele kodwa isazoqhubeka ibeyinkampani kahulumeni. Umehluko wukuthi imboni ezimele izokwazi ukufaka imali ukufeza izidingo ezihlukene. Khumbula ukuthi uma iTransnet isebenza kahle, inamandla okungenisa imali emnothweni, idale amathuba omsebenzi bese izwe likleliswa endaweni efanele ngokomnotho,” kusho uSangqu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/11/akuguqulwe-itransnet-ukuphucula-umnotho-wezwe-kuloba-ubusi-mavuso/
Isikhulu esiphezulu seTransnet uNksz uMichelle Phillips sithe ukusebenza ngokuzikhandla nokubambisana nezinhlaka ezihlukene yikona okuguqule isimo kule nkampani.
Uthi beyinkampani ebalulekile emnothweni wezwe ngeke bavume ukubuyela emuva lapho isimo besibheda kodwa baphokophele phambili kanti sebeliphuculile izinga lomsebenzi.
Wenze isibonelo sokuthi uma iTransnet ingawenzi kahle umsebenzi kusho ukuthi izindleko ziwela emphakathini.
“Siyazi ukuthi uma imikhumbi ithatha isikhathi ukuthulula nokulayisha ama-container kusho ukuthi izindleko zizodlulela kubantu. Uma isebenza kahle kusho ukuthi abantu bazokhokha imali efanele ngezimpahla abazithenga ezitolo, kuzosimama umnotho kuvuleke namathuba omsebenzi. Imishini emisha izoletha lowo mehluko,” kusho yena.
Uthi bayayidinga imali yokuqhuba umsebenzi kanti okuhle wukuthi usuyabonakala umehluko abawenzile seloku bethathe izintambo.
Isikhulu seTransnet Port Terminals uMnu uJabu Mdaki sithe imishini emisha isiqalile ukuletha umehluko ngoba yenza umsebenzi usheshe.
Sithe izisebenzi zithola amakhono amasha futhi ziyazimisela ngoba kunesikali ezibekelwe sona ukuthi uma zifike kusona kunomhlomulo othile. UMdaki uthe loku kwenza zizimisele kakhulu bese kuphucuka izinga lomsebenzi.
Okuhle ngemishini emisha uMdaki uthi wukuthi izokwazi ukumelana nesimo sezulu esiguquka ngamandla njengoba ikwazi ukusebenza noma kunomoya omkhulu, inobuchwepheshe besimanje futhi ikwazi ukusebenza ngogesi noma ngodizili. Ayiwudli kakhulu udizili kanti iphasisiwe nayizinhlangano eziqinisekisa ukuthi akudaleki umonakalo kwimvelo.
Umqondisi wenkampani yemikhumbi iMSC uMnu uRosario Sarno uthe bayajabula ngemishini emisha ngoba kusho ukuthi umsebenzi uzoshesha eChwebeni laseThekwini.
Ubonge izisebenzi zeTransnet nezikhulu ezikhona njengamanje ngokushintsha isimo njengoba ethi bekuzokonakala kakhulu ukube izisebenzi bezingawenzi umsebenzi.
Obemele imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba, uMnu uShunnon Tulsiram, uthe kushaywa ngolunye unyawo eTransnet futhi ngeke siphinde sibekhona isiminyaminya sama-container echwebeni njengoba kuthengwe imishini emisha.
Uthembise ukuthi udaba lokuhlupha kwamanzi eThekwini luzolunga ngoba sekunethimba eliza nezisombululo zale nselelo.
Umqondisi wokudayisa izimpahla eKonecranes, inkampani eyenza o-crane neminye imishini esebenza eTransnet, uMnu uPeter Kania, uthe bayilethe kusasele izinyanga ezimbili akade bebekelwe zona.
Okubenze bashesha wukuchazelwa ukuthi idingeka kakhulu le mishini emachwebeni akuleli zwe.
Uthi ibalulekile ngoba amachweba amakhulu emhlabeni asebenzisa yona ukusheshisa umsebenzi.