Izosimamisa uhwebo phakathi kwamazwe ase-Afrika ingqungquthela
YINTATHELI YOMBELE
KULINDELEKE ukuthi ihehe abatshalimali nemboni ezimele ukuze basebenzisane namazwe ase-Afrika ukusimamisa umnotho i-African Markets Conference ehlelwe yiStandard Bank.
Kungokuqala ngqa iStandard Bank yenza ingqungquthela yalolu hlobo eseCape Town kuleli sonto.
Isikhulu se-Corporate and Investment Banking eStandard Bank Group uMnu uLuvuyo Masinda uyichaze njengendawo lapho kuzohlangana bonke abanenhloso yokukhulisa umnotho wase-Afrika ngokuza namasu okungenisa imali nokunciphisa imicikilisho yokwenza ibhizinisi kuleli zwekazi.
“Le ngqungquthela izobayindawo yokuletha abatshalimali ngokubakhombisa abangakwenza e-Afrika. Bazobona ukuthi kuningi okuhle esinako nokuthi yize kukhona izingqinamba ezithile kodwa kuyasebenzeka,” kusho yena.
Uthi le ngqungquthela yenzeka ngesikhathi uhlelo lokwenza kubelula ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika, i-Africa Continental Free Trade Area, olwaqalwa ngo-2018, lusebenza emazweni awu-48.
I-World Bank ithi i-Africa Free Trade Area izongenisa u$450 billion eminyakeni eyishumi ezayo e-Afrika ngokunyusa uhwebo phakathi kwamazwe lube ngaphezu kuka-81%.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/i-cape-town-yindaba-enhle-yokuhweba/
Kulindelwe nowayewumengameli wase-United Kingdom phakathi kwango-1997 nango-2007 uMnu uTony Blair nosewusihlalo weTony Blair Institute for Global Change.
Kuzobanezinkundla zokucobelelana ngolwazi ezizoba namalungu asephalemende, abantu abamele uhulumeni nabaholi bamabhizinisi abavela emazweni ahlukene e-Afrika.
“Siyibhange eligxile ekukhuliseni i-Afrika ngokusebenzisa namazwe omhlaba, le ngqungquthela ibalulekile ekufukuleni umnotho wase-Afrika nokuza nezisombululo ezizoyilekelela ukusimama. Sikholwa wukuthi izoza nezisombululo ezizosimamisa umnotho,” kuphetha uMasinda.