Izembe likahulumeni ligawule nxa zonke ukuvala isikhala se-VAT
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
UHULUMENI usuzogawula yonke indawo ukunciphisa izindleko futhi unyuse nesikweletu ngaphezu kobekuhleliwe ukuzama ukuvala isikhala semali ebizongeniswa wukunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (i-VAT).
Namhlanje ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthule iSabelomali sango-2025/26 okwesithathu kanti izindlelo zikahulumeni zizoncishiswa ngoR69.4 billion eminyakeni emithathu yezimali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/20/kuzoba-wumqansa-ukunconzula-isabelomali-ongoti-bomnotho/
Kulo nyaka wango-2025/26 imali ezosetshenziswa wuhulumeni izoncipha ngoR13.5bn, kuthi ngo-2026/27 yehle ngoR28.4bn bese ngo-2028/29 incishiswe ngoR27.4bn.
Izembe ligawule eminyangweni emikhulu efana noweMfundo, owezeNhlalakahle, ezifundazweni naseminyangweni emincane njengowezokuVikela.
Umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe
uhlelo lokunquma ukuthi yiziphi izinhlelo ezizoncishiswa luzokwenziwa ngokubambisana neHhovisi likaMengameli.
Uhulumeni uzama ukubhalansisa amabhuku nje yingoba imali obulindele ukuthi ingene isiyehlile njengoba ungeke usakwazi ukunyusa i-VAT ngo-1 percentage point owawuphakamisile ngoMashi emva kokuthi isiphakamiso sokunyusa le ntela ngo-2 percentage point ngoFebhuwari singaphumelelanga.
“Imali esizongeniswa wuhulumeni eminyakeni emithathu ezayo izoba ngaphansi ngoR61.9bn esikhundleni sokunyuka ngoR75.9bn,” kusho umNyango weziMali.
Isiyonke imali ezosetshenziswa wuhulumeni ngo-2025/26 iwuR2.58 trillion kanti imali ozoyingenisa iwuR2.2trn. Zonke lezi zinto seziholele nasekutheni uhulumeni uboleke imali engaphezu kobuhlele ukuyiboleka.
Isikweletu sekulindeleke ukuthi sikhule sisuka ku-R5.69trn ngo-2024/25 sifinyelele kuR6.82trn ngo-2027/28. Isikweletu sesizonyuka sibe wu-77.4% womthamo womnotho ngo-2025/26 bese sehla emva kwaloko. Loku kungaphezu kuka-75.3% womthamo womnotho owawubikezelwe kwiSabelomali sango-2024 futhi ungaphezu kuka-76.2% womthamo womnotho owawubikezelwe ngoMashi, ikakhulu ngenxa yokukhula kancane komnotho.
Ephawula ngodaba lwesikweletu, ungqongqoshe uthe: “Indaba yesikweletu kungabukeka sengathi iyasehlula kodwa akunjalo. Kade siloku sisho vele ukuthi isikweletu sizonyuka kakhulu kulo nyaka ngaphambi kokuthi sehle, yize sesinyuka ngaphezu kwebesikulindele. Kodwa abantu sebeyaqala ukusizwa manje uma sithi sisebenzisa uR1.2bn ngosuku ukukhokha izindleko zesikweletu.”
Lo mnyango uthe umnotho usuzokhula ngo-1.4% ngo-2025/26 kube wu-1.6% ngo-2026/27 ngaphambi kokufinyelela ku-1.8% ngo-2027/28. NgoMashi umnotho kwakulindeleke ukuthi ukhuphuke ngo-1.9% kulo nyaka nango-1.8% eminyakeni emibili elandelayo.
Enye indawo eqaphelekile uhulumeni oozonciphisa kuyo yisemalini obuyabele ukukhuthaza izisebenzi zawo ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi. Esikhundleni sikaR11bn eminyakeni emibili ezayo, lo mkhankaso usuwabelwe u-R5.5bn.
“Kusho ukuthi njengoba besilindele ukuthi abantu abawu-30 000 abazothatha umhlalaphansi, sesibheke ukuthi babewu-15 000 kanti esikhundleni sokonga uR7bn, sesizokonga uR3.5bn. Sibone ukuthi singayinciphisa le mali ngoba vele kusaxoxiswana (nezinyunyana). Into esizoyibeka eqhulwini wukulekelela leyo minyango exakekile,” kusho umnyango.
UmGcinimafa uthe umnotho wezwe uyathinteka kakhulu ngenxa yezinto ezenzeka kwamanye amazwe kanti kuningi osekwenzekile kusukela ngoMashi okufaka umbango wezohwebo kanti nezinto ezingqinda izinguquko ezinqala ezidingekayo zinesandla.
Yize lo mnyango ungakuphakamisi ukunyusa i-VAT kodwa kukhona lapho kuzozwela khona ngqo kubathengi njengoba usuzihoxisile ezinye zezinto obuthi uzozenza ukulekelela abathengi. Ezinye izinto esezizokwenzeka wukunyusa intela ebanjwa kuphethroli njengoba izokhuphuka ukuze ihambisane namandla emali.
“Kusho ukuthi kusukela ngomhlaka-4 wangoJuni intela ebanjwa kuphethroli izokhuphuka ngo-16 cents ilitha kuthi ekadizili inyuke ngo-15 cents ilitha. Ngeshwa, loku akwanele ukuvala igebe elizoba khona eminyaka emithathu ezayo.
“Ngakho iSabelomali sango-2026 sizodinga ukuphakamisa ukunyusa intela okuhlose ukungenisa uR20bn. Kule minyaka emithathu ezayo, (iSouth African Revenue Service) izohlinzekwa ngoR7.5bn. Ingxenye yale mali kulindelwe ukuthi iqoqe izikweletu eziphakathi kukaR20bn noR50bn ngonyaka… ngikholwa wukuthi ingakwazi ukungenisa cishe uR35bn, okusho ukuthi uR20bn ngeke sidinge ukuwungenisa ngokunyusa intela,” kusho uGodongwana.
Ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter uthe bazoqasha abantu abawu-1 700 ukuqoqa izikweletu, abawu-500 sebevele babaqashile ngo-Ephreli. NgoJuni bazoqasha abanye abawu-250, nathi kufanele kusize ukungenisa omunye uR20bn. Uthe bazowazisa umphakathi njalo ngenyanga ukuthi kuhamba kanjani.
Yize kukhona lapho kuhleshulwe khona kodwa uhulumeni uzihlinzekele ezinye zezindleko ezibesematheni njengoba emalini ewuR20.8bn yokuhlinzeka imiholo yezisebenzi zomNyango wezeMpilo, kukhona neyokuqasha odokotela abawu-800 kanti kusekhona noR1.6bn wokunyusa izibonelelo zikahulumeni.
Ukwaba imali ngo-2025/26 ngoMeyi kuqhathaniswa nangoMashi
Umnyango | Isabelomali sango-2025/26 ngoMashi | Isabelomali sango-2025/26 ngoMeyi |
Imfundo namaSiko | R508 685 billion | R505 641bn |
EzeMpilo | R298 894bn | R296 134bn |
EzenHlalakahle | R422 307bn | R420 107bn |
UkuThuthukisa umPhakathi | R286 603bn | R280 448bn |
UkuThuthukisa umNotho | R289 758bn | R289 758bn |
UkuThula nokuVikela | R266 113bn | R263 170bn |
Imisebenzi yomPhakathi eJwayelekile | R78 661bn | R80 661bn |
- Ulwazi lucashunwe emNyangweni weziMali