‘I-Cape Town yindawo enhle yokwenza ibhizinisi’
AZIPHELI izinyanga ezintathu i-Cape Town ingazange ibenomcimbi noma ingqungquthela enkulu. Loku kwenza leli dolobha libengelinye lavelele ngokwenza imicimbi nezingqungquthela e-Afrika.
UBONISWA MOHALE ukhulume nenhloko ye-Coverage Business Banking eStandard Bank eNtshonalanga Kapa uMnu uCliff Mayinga.
Yini eyenza iCape Town ihehe abatshalimali, osomabhizinisi, izingqungquthela nemicimbi esezingeni eliphezulu?
I-Cape Town inengqalasizinda esesimweni esihle futhi esezingeni lomhlaba. Iyisifundazwe esihle ngokwemvelo nangengqalasizinda yezakhiwo. Abatshalimali nosomabhizinisi bayazi ukuthi iyakwazi ukubaxhumanisa kalula futhi kulandelwa umthetho.
Idume ngezokuvakasha nangemicimbi emikhulu ehlale ibakhona, okubalwa i-Mining Indaba neminye. Ihamba phambili kwezokuvakasha namabhizinisi ngoba osomabhizinisi bangena kalula ezimakethe zomhlaba uma besebenzela eCape Town. Indawo ekuyona yenza kubelula ukuxhumanisa iNingizimu Afrika, Afrika namanye amazwe omhlaba.
Ukuza kwemicimbi kuhambisana namathuba omnotho, osomabhizinisi bendawo bangayisebenzisa kanjani imicimbi ukuzenzela imali?
Imicimbi emikhulu nezingqungquthela ibanamathuba ebhizinisi kusuka kwezokuvakasha, ezokuthutha, ukudayisa, ukuphatha imali nokunye. Osomabhizinisi abancane bangathola ithuba lokusimama.
Okokuqala kufanele baqinisekise ukuthi banezindlela zesimanje zokukhokhela impahla nokunye abakwenzayo okubalwa ukukhokha ngekhadi nangezindlela zobuchweshephe.
Kufanele badayise imikhiqizo yabo online nangendlela ejwayelekile. Abasebenzise imicimbi nezingqungquthela ukuzikhangisa, ukuxhumana nokwakha ubuhlobo nosomabhizinisi bakwamanye amazwe nabantu abangasebenzisana nabo.
Ababheke amathuba okuhweba nawemali e-Afrika nakwamanye amazwe omhlaba.
Ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje osomabhizinisi bangakwazi ukusebenza emnothweni wemicimbi nezingqungquthela eCape Town.
I-Standard Bank ibasiza kanjani osomabhizinisi bakuleli zwe ukuthi babeyingxenye yomnotho wezingqungquthela ukuvakasha nemicimbi?
I-Standard Bank inemikhiqizo eyenzelwe osomabhizinisi bakuleli zwe ezobasiza ukukhula nokuthi bahlale bagxile emnothweni wemicimbi, izingqungquthela nokuvakasha.
Sinohlelo lokuthuthukisa osomabhizinisi olubizwa nge-Enterprise Supplier Development (i-ESD) programme olusiza osomabhizinisi abancane ukuthi basebenze nezinkampani ezikhulu. Bayacijwa, balekelelwe ngemali, bahlome ngosizo lokuthenga izimpahla banikwe namathuba ahambisana namabhizinisi abo.
Sinezinhlelo zamabhizinisi, okubalwa i-Mymobiz ne-Mymobiz Plus Account, ezisiza osomabhizinisi ukuphatha imali kahle.
Sinobuchwepheshe obubizwa nge-SimplyBLU obenza kubelula ukuthi osomabhizinisi bamukele imali online, bakwazi ukukhokhisa ngekhadi nangezinye izindlela ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
I-Standard Bank Merchant Solutions iqinisekisa ukuthi osomabhizinizinisi banemishini nezinsiza ezihlukene zokwamukela imali ekhokhwa ngabantu bakuleli zwe nabakwamanye amazwe ngezindlela ezihlukene zokukhokha.
Osomabhizinisi siyabaseka ngokuhweba nangemali ukuze bakwazi ukwenza okudingeka ezimakethe ezihlukene abasebenza kuzo. Sifuna baphumelele emnothweni waseCape Town.
Yiluphi usizo olunikwa osomabhizinisi abafuna ukuhweba e-Afrika njengoba iStandard Bank ingelinye lamabhange amakhulu e-Afrika?
I-Standard Bank inolwazi olunzulu lokuhweba, ukusiza ngezimali nangakho konke okwenzeka emazweni ase-Afrika. Loku kwenza ibeyibhange elingenisa osomabhizinisi kalula ezimakethe zase-Afrika.
Osomabhizinisi bafunda ngokwenzeka e-Afrika kwi-Afrika Trade Barometer owuhlelo esilwenzele ukubanika imininingwane ngezimakethe zase-Afrika, ubungozi namathuba asemazweni ahlukene. Siyakwazi ukubanika izinsiza zokubhenka emazweni ahlukene ase-Afrika nawomhlaba jikelele.
Sibavulela amathuba okuxhumana nabanye osomabhizinisi ezingqungqutheleni ezifana ne-G20/B20 lapho bexhumana nabatshalimali, abantu abangasebenzisana nabo nabashaya umthetho kohulumeni bamazwe.
Sitholakala emazweni awu-20 e-Afrika futhi sisebenzisana namabhange akwamanye amazwe ukulekelela osomabhizinisi base-Afrika okubalwa i-Mauritius, Isle of man namanye.
Osomabhizinisi bayithinta kanjani iStandard Bank ukuthola usizo lwemali nokucijwa ukuze bakhule?
Osomabhizinisi bangathinta iStandard Bank and Commercial Banking kwi-website ethi: https://www.standardbank.co.za/southafrica/business.
Iminingwane yohlelo olusiza osomabhizinisi i-ESD esiza osomabhizinisi abancane ukuze basebenze nabakhulu itholakala ku: enterprisedevelopment@standardbank.co.za.

