Imithetho ayingavimbeli abantu ukuhweba noma ibakhiphe emnothweni: uGodongwana
WUBONISWA MOHALE
BANINGI abantu abakhala ngokuthi imithetho elawula ukusebenza kwemali eNingizimu Afrika igcina iyizihibe esikhundleni sokulekelela abantu.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi imithetho iyadingeka ukulawula abantu abasebenza ngemali kodwa akahambisani nokuthi ibeyizithiyo ezivimba abantu ukubaneqhaza emnothweni.
Wenze isibonelo ngokubhalisa amaspaza ukuze ahwebe ngokusemthethweni futhi adayise imikhiqizo ephephile elandela yonke imigomo yezempilo.
UGodongwana ubekhuluma ngesikhathi kuphothulwa ingqungquthela yenhlangano elawula abasebenza ngemali iFinancial Sector Conduct Authority ebiseGoli, eGauteng.
“Ngesikhathi sishaya umthetho wokuthi akubhaliswe amaspaza sifune izinto eziningi ebantwini, abanye bagcina sebekhishelwa ngaphandle emnothweni.
“Akufanele sishaye imithetho ezogcina icindezela abantu. Besifuna ukuthi amaspaza adayise ukudla okuphephile futhi ahlanzeke. “Besingekho Isidingo seminye imicikilisho ethi umuntu odayisa i-atchar ekhaya kufanele ashintshe umuzi ubeyindawo yebhizinisi,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/21/abamaspaza-bayakuqonda-okufunwa-uhulumeni-kodwa-kuzobanzima/
Uthe kunenkinga yebhange Ithala esidale ukukhuluma okukhulu ngenxa yokuthi sekungena nepolitiki.
Uthe Ithala kudala lalinezivumelwano nongqongqoshe abahlukene bomNyango weziMali licelwa ukuthi alilandele umthetho.
Ebelikwenza wukuya enkantolo esikhundleni sokulandela umthetho owengamele abasebenza ngemali.
Ukuqinisekisile ukuthi sebebeke eceleni uR2 billion ukuvikela amakhasimende aleli bhange ukuze nelinye ibhange elinakekela amakhasimende alo likwazi ukusebenza kahle futhi nabantu bayithole imali yabo.
Uthe akukuhle ukuthi Ithala belingawulandeli umthetho obekelwe abasebenza ngemali kodwa beligijimela enkantolo.
Ucele abasebenza ngemali ukuthi bavikele abathengi ngoba kukhona nabantu abangenamali eningi kodwa abakhetha ukuyoyibeka ebhange.
Uthe amabhange kufanele enze isiqiniseko sokuthi imali yabantu iphephile ngaso sonke isikhathi.
Inhloko ye-compliance and governance eNedbank uMnu uBongane Sibanyoni ithe kubalulekile ukuthi amabhange aqinise ezokuphepha online ukugwema ukuhlaselwa yizigebengu.
Uthe kubabuhlungu ukubona abantu bengakwazi ukuthenga nokwenza ezinye izinto ekubeni bazi kahle ukuthi banemali. Emva kwaloko amabhange akhiphe isitatimende asifake ezinkundleni zokuxhumana nakuma-website awo ethi aseshaywe yizigebengu.
“Amabhange kufanele aqonde ukuthi imali ibalulekile futhi kubuhlungu kabi ukuthi uzazi kahle ukuthi unemali kodwa uma uyothenga esitolo kuthiwe ikhadi lakho alisebenzi. Ibabuhlungu leyo nto futhi ukubona isitatimende ezinkundleni zokuxhumana akwanele.
“Kufanele ziqine ezokuphepha ngoba imali ibalulekile. Aziqiniswe futhi ziphuculwe ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.