Uhulumeni uhlongoza ukuchibiyela umnotho ngokunyusa i-VAT
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseKapa
UHULUMENI uyaqhubeka nokuzama ukusimamisa umnotho njengoba usazama ukuxazulula inkinga yomnotho ongakhuli, ukwehla kwemali oyingenisa ngentela, amabhizinisi kahulumeni angasebenzi kahle, inkanankana yesikweletu nokwanda kwezinto okufanele uzikhokhele.
Manje uphakamisa ukunyusela wonke umuntu intela azoyikhokha, njengoba intela ekhokhelwa izimpahla, phecelezi i-value-added tax (i-VAT), izonyuka ngo-2%. Kusukela ngo-Ephreli isizobawu-17%.
Emiqingweni eneziphakamiso zeSabelomali sango-2025/26, okuhlehlile ukuthulwa kwaso ePhalamende namhlanje, umNyango weziMali uthe imali ezongeniswa yintela ingaphansi ngoR19.3 billion njengoba isizoba wuR1.84 trillion kanti futhi kunengcindezi ngenxa yokwanda kwezinto okufanele uhulumeni uzikhokhele kwezemfundo, ezempilo nezitimela ezithutha umphakathi. Uthe ukunyusa i-VAT kuzongenisa uR58bn ngonyaka wezimali omusha.
Lo mnyango uthe leSabelomali sizobheka ingcindezi yezinto okufanele zikhokhelwe ezizodla uR252.6bn eminyakeni emithathu ezayo.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe umnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-0.8% ngo-2024, esikhundleni sango-1.1% owawulinganisiwe ngenxa yokuntenga kwezinto ngekota yesithathu.
Iphini lomqondisi-jikelele eHhovisi leSabelomali UMnu u-Edgar Sishi lithe: “Kukhona izinto ezifakela uhulumeni ingcindezi njengodokotela abangasebenzi, izinkulisa nezinye izinto okufanele sizenze njengengqalasizinda yezitimela ezithutha umphakathi. Kungabawubudedengu ukuboleka imali ukukhokhela lezi zinto. Uma uhulumeni ufuna ukusebenzisa imali ethe xaxa, kufanele uqhamuke nendlela yokuyithola leyo mali.”
UGodongwana uthe sekunesikhathi kunezinselelo ngemisebenzi ebucayi. “Sikhuluma nje kunengozi yokuthi iKwaZulu-Natali ilahlekelwe ngothisha abawu-19 000. Izinto ezimbili ongazenza wukuthi ungaqhubeka nokuboleka, okungewona umqondo omuhle emnothweni ongakhuli, noma unciphise imali oyisebenzisayo. Asikwazi ukuqhubeka nokwehlisa imali. I-VAT yisona sisombululo esinaso, nokungakho sithi kulesi Sabelomali kufanele sivikele abantu abantulayo,” kusho yena.
INingizimu Afrika yagcina ukunyusa i-VAT ngo-2018, ngesikhathi inyuka ngo-1% emva kweminyaka eminingi imi ku-14%.
Lesi yisikhathi okwakusanda kuqala ukuphatha ngaso umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, okusho ukuthi uma igcina inyukile lentela kuzobe sekungokwesibili ngesikhathi kubusa uRamaphosa. Uvumile ungqongqoshe ukuthi ukunyusa i-VAT yinto eyingozi uma kubhekwa ezobumbusazwe.
“Akekho umuntu ofuna ukulahlekelwa ngabalandeli, ne-ANC ayihlukile lapho,” kusho yena.
UmGcinimafa uthe ukunyusa ezinye izinhlobo zentela kudala akuthelanga izithelo ababezifisa, nokungakho uhulumeni ubone kungcono ukunyusa i-VAT kunokukhuphula intela ebanjwa emiholweni nekhokhwa ngamabhizinisi.
Lo mnyango uthe uyaqonda ukuthi intela efana ne-VAT izwela kakhulu kubantu abahluphekayo, nokungakho unqume ukwandisa izimpahla ezingakhokhiswa le ntela futhi unyuse izibonelelo zikahulumeni ngokungaphezu kwezinga amanani ezimpahla anyuka ngalo.
Ngo-2018 ziwu-21 izimpahla okwanqunywa ukuthi ngeke zikhokhiswe le ntela. Uhla olusha lushicilelwe namhlanje ukuze umphakathi uphawule ngalo ngaphambi kokuthi luphasiswe yiKhabhinethi.
Iphini lomqondisi-jikelele oPhikweni oluqondene nomGomo weNtela neMboni yezMali kusho uMnu uChris Axelson lithe: “Sibheke kakhulu ukudla okusetshenziswa emakhaya ngabantu abahola kancane, okufana nenyama yangaphakathi nemikhiqizo yobisi engavala isikhala sobisi.”
Lo mnyango uphakamise ukuthi inyama efana namanqina, amathambo, ulimi namaveji asemathinini ngokunye kokudla okufanele kungakhokhiswa i-VAT.
“Izibonelelo zikahulumeni zihlinzekwe ngoR23bn ukuqikelela ukuthi amakhaya abantu abahola kancane awashayeki kakhulu ngenxa yokunyuka kwe-VAT. Impesheni yezaguga nabanokukhubazeka izonyuka ngoR150, ifinyelele kuR2 340 ngo-2025.
Loku kuzohlukaniswa kabili. Izonyuka ngoR140 ngo-Ephreli bese inyuka ngoR10 ngo-Okthoba. Isibonelelo sezingane sizonyuka ngoR50, okusho ukunyuka ngo-9.4% siye kuR580 ngenyanga, kuthi eyabantu abanakekela izingane abangazizali izonyuka ngoR80,” kusho ungqongqoshe.
Ukucabangela i-middle class, umGcinimafa uthe uzokwenza loku ngokuqhubeka nokungayinyusi intela ekhokhelwa uphethroli, nathe kuzokongela abathengi uR4bn.
Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe bazokwazi ngonyaka ozayo ukuthi yimuphi umphumela wokunyusa i-VAT ekushintsheni kwezinga amanani ezimpahla anyuka ngalo.
“Ukunyuka kwe-VAT ngenye yalezo zinto ezisithusayo ngoba besingakulindele. Nokho akuthi ngoba naku sithukile bese kubakhona esikwenzayo. Siyalinda kuqala sibone ukuthi kuzobanamuphi umphumela, ukuthi ngabe kuyayishintsha yini indlela abathengi abenza ngayo,” kusho yena.
Kulo nyaka wezimali ophelayo uhulumeni wapatanisa ngokucaphuna esikhwameni sikagadingozi i-Gold and Foreign Exchange Contingency Reserve Account Reform, esenganyelwe yiBhange loMbuso.
Kulesi sikhwama uhulumeni uthathe uR150bn, ohlukaniswe kathathu njengoba ngo2024/25 wathatha uR100bn bese kuthi eminyakeni emibili ezayo uzothatha uR25bn njalo ngonyaka ngenhloso yokunciphisa isikweletu sezwe.
Ngo-2025/26, isikweletu sezwe kulindeleke ukuthi sikhuphukele ku-76.1% womthamo womnotho, nokungaphezu kuka-75.3% owawuhlongoziwe ngesikhathi kwethulwa iSabelomali sango-20204/25.
UmNyango weziMali uthe emva kwaloko sizoqala sehle.
Izindleko zalesi sikweletu zizodla u-21.7% wemali uhulumeni ozoyisebenzisa ngaphambi kokuqala zehle.
Sisonke isikweletu sezwe silindeleke ukuthi sikhuphuke sisuka kuR5.68trn ngo-2024/25, sifinyelele kuR6.79trn ngo-2027/28.
Eminyakeni emibili edlule, uhulumeni wazama ukusimamisa umnotho ngokumemezela ukuthi uzophungula isikweletu se-Eskom ngoR254bn, okwakungenye yemizamo yokusiza le nkampani eyayingasakwazi ukuphefumula nokwakuntswinya umnotho njengoba ukucinywa kukagesi kwakudlangile.
Isiyonke imali okulindelwe ukuthi isetshenziswe wuhulumeni ngo-2025/26 wuR2.60trn.


