Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers ngenkathi kwethulwa uhlelo lokuqeda inkohlakalo yamathenda eMgungundlovu izolo. Isithombe: Sithunyelwe

Inhlanzi izoshelwa amanzi kwizikhohlakali zamathenda eKZN

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA kokubona ukuthi inkohlakalo eningi yenzeka uma kukhishwa amathenda KwaZulu-Natali, ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uFrancois Rodgers uqale uhlelo lokukhipha amathenda kusetshenziswa ubuchwepheshe.

Ekhuluma esithangamini nezintatheli eMgungundlovu izolo, uthe lolu hlelo luqale ukusebenza ngokugcwele ngoJanuwari kuya ku-Ephreli wango-2025. 

“Uma ukhuluma ngokumoswa kwezimali nenkohlakalo kuhulumeni uyabona ukuthi amathenda yiwona asetshenziswa kakhulu ukutamuza imali. IKwaZulu-Natali inoR158 billion ngonyaka wezimali wango-2025/26 okufanele usebenze ezinhlelweni ezihlukene. Le mali kufanele siqinisekise ukuthi isebenza ukuthuthukisa impilo yabantu, ayingeni emaphaketheni abantu abakhohlakele,” kusho yena.

Uthe manje akekho umuntu ozohlala acabange ukuthi ithenda ethile izoya kubani kodwa osomabhizinisi bazofaka izicelo zomsebenzi besebenzisa ubuchwepheshe besimanje, kubewubuchwepheshe obuzokhetha inkampani efanele, bulandela imigomo nemibandela ebekiwe ngayo. 


U-Rodgers ukuthi lobu buchwepheshe obulwa nenkohlakalo yamathenda buyaqala ukusebenza eKZN njengoba singekho esinye isifundazwe noma umasipalala onabo.

Uthi bugunyaze yiHhovisi lomGcinimafa wezwe elisemNyangweni weziMali. 

“Ayikho imali esizoyimosa uma siqala ukuthula lolu hlelo lobuchwepheshe ngoba kuzosebenza uR3 million kuya kuR5m. Akuyona imali esizobe siqala phansi ukuyoyifuna kodwa yimali esizoyithatha kulo R20m esiwongile ngokushintsha indlela yokusebenza emNyangweni weziMali,” kusho uRodgers. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/27/iminyango-yasekzn-izoqashwa-usuku-nosuku-ngokusebenzisa-imali/

Ubuchwepheshe uthe busho ukuthi awukho umNyango ozozikhiphela amathenda ngoba yonke into ewathintayo izophathwa wumNyango weziMali esifundazweni, usebenzisa ubuchwepheshe besimanje. 

Okuhle wukuthi ngeke abantu besathumela amaphepha amathenda emabhokishini kodwa bazofaka online ukuze kuthi uma benezikhalo kuzolandelwa kahle, kucace ukuthi basifake nini izicelo, ibithini imigomo nemibandela nokunye. 

“Lobu buchwepheshe ngeke bukhethe iphela emasini kodwa buzoletha ukuncintisana okuhle, kuphathe osomabhizinisi ngendlela efanayo. Umsebenzi uzoya kusomabhizinisi ofanele, hhayi owazana nabathile. Konke kuzohlala obala,” kusho yena.

Uthei ithuluzielisha lobuchwepheshe besimanje buzohambisana nesikhungo sokucwaninga imininingwane ezokhombisa ukuthi iKZN inamalini, isisebenze kanjani nokunye okuthinta izimali.

Uthi neminyango kahulumeni waKwaZulu-Natali izokwazi ukubona ukusebenza kwemali ngaphandle kokufunda imicikilisho esetshenziswa yibabo abacwaninga amabhuku. 

“Ubuchwepheshe bethu noma i-dashboard ibalulekile ekuthuthukiseni isimo sokuphatha namakhono. Izosiza kakhulu ukuthi sibone osekwenzekile, sibone ama-invoice athunyelwe wosomabhizinisi, sibone asekhokhelwe nangakhokhelwanga, sizwe nezizathu. 

“Kuzovela nokuthi uhulumeni ukweleta malini nokuthi zingakanani izikweletu zakhe uhulumeni. Sizobona ukuthi amakomiti angamele ukukhokha imali ayahlangana yini, siwabuze ukuthi kungani engakhokheli osomabhizinisi zingakapheli izinsuku eziwu-30 uma kuqhubeka ukungakhokhi imali ngesikhathi,” kusho uRodgers.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page