Sekusondele iNingizimu Afrika iphume kwi-grey list
WUBONISWA MOHALE
PHEZU kokuthi kubukeka sengathi izinto azihambi kahle eNingizimu Afrika kodwa inhlangano ebheka ukuthi amazwe alwa kanjani nokushushumbisa imali iFinancial Action Task Force (iFATF) ithi leli zwe liyalwa nalo mkhuba.
INingizimu Afrika ibisohlwini lwamazwe angawunakile umkhuba wokushushumbisa imali egcina isisetshenziswa ezenzweni zobushokobezi emhlabeni jikelele, phecelezi i-grey list.
NgoLwesihlanu umNyango weziMali ukhiphe isitatimende esithi izinto eziwu-20 kweziwu-22 iFATF eyayikhale ngazo sezilungisiwe.
UmNyango weziMali uthe izinto ezimbili okukhalwa ngazo zizobe sezilungile uma iFATF isihlanganisa umbiko wayo wekota yesibili ozobe ubheka obekwenzeka kusukela ngoMashi kuze kuphe wuJuni walo nyaka.
Uma konke sekulungile iNingizimu Afrika izobe isikhishwa ohlwini lwamazwe angakusukumeli ukushushimbiswa kwemali i-greylisting.
Esitatimendeni umNyango weziMali uthe: “UmNyango weziMali uyawamukela umbiko weFATF okhombisa ukuthi izwe lithatha izinyathelo ezifanele ukulwa nobugebengu obuthinta imali. Uyaqhubeka nokusebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi bayashushiswa abashushumbisa imali engasetshenziswa ngabashokobezi. Ukuphuma kwezwe kwi-grey list kubalulekile ngoba kuzokhombisa zonke izinhlaka ukuthi uhulumeni uyalwa nobugebengu nenkohlakalo.”
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithi yizindaba ezinhle ukuthi iNingizimu Afrika isizophuma kwi-grey list.
“INingizimu Afrika isisalelwe wukulungisa izikhalo ezimbili zeFATF, okubalwa ukuphenya nokushushisa abantu noma izinhlangano ezishushumbisa imali ngokwezinga eliphezulu, (abantu) abasuke bezitshela ukuthi izinhlelo zabo zokushushumbisa imali ngeke zibonakale.
“Okwesibili, wukuphenya nokushushisa abantu nezinhlangano ezisiza ngemali izinhlangano zabashokobezi emhlabeni jikelele. Yiloku kokubili okusele ukuthi izwe likhishwe ohlwini lwamazwe abikwa njengangazinakile izindaba zokushushumbisa imali,” kusho yena.
Uthe uhulumeni kufanele usebenze kanzima ukwenza nesiqiniseko sokuthi izinto ezifake izwe kwi-grey list azenzeki.
“Kuyishwa ukuthi inkohlakalo isiyande kakhulu ezweni lethu nabayenzayo abananembeza futhi abasabi. Sinethemba lokuthi umsebenzi omuhle osuqaliwe ukulwa nenkohlakalo uzoqhubeka ukuze izwe liphume kwi-grey list. Loku kuhle ngoba kuzokwenza izwe libonakale ukuthi liyalwa nenkohlakalo nokushushumbisa imali,” kusho uDumisa.

