Amanani okudla ayehla kancane: iCompetition Commission
WUBONISWA MOHALE
UZOKWEHLA kancane umthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika njengoba umbiko omusha wamanani okudla okhishwe yinhlangano ebheka ukuncintisana iCompetition Commission uveza ukuthi amanani okudla ayehla kancane.
Lo mbiko ophume kuleli sonto ubheka ukudla okudliwa kakhulu abantu baseNingizimu Afrika, okukhona kukona ithini likafishi, amaphisisi enkukhu, isinkwa esinsundu, amafutha nempuphu.
I-Competition Commission ithe ithini likafishi lisuke kuR27.81, laya kuR27.46. Ufishi osethinini uyi-protein ebalulekile emindenini engenamali yokuthenga izinhlobo ezihlukene zenyama.
Ithi inani lenyama yenkukhu lehlile futhi izinkampani ezikulo mkhakha zingenelwe yinzuzo, kwazise isimo besingafani neseminyaka edlule.
Ikhale ngokuthi amanani amafutha kabhekilanga asabiza uma kubhekwa imali ayebiza yona ngo-2021. Isinkwa esinsundu sisabiza kahle uma siqhathaniswa nesimhlophe.
I-Competition Commission ikhathazekile ngamanani empuphu ngenxa yokuhlasela kwesomiso.
Ithe loku akusho ukuthi iNingizimu Afrika isengcupheni yokungabinempuphu ngoba isakhiqiza umbila omningi ogaywa ubeyimpuphu bese kuba nempuphu eyanele abantu basezweni nabakwamanye amazwe.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/27/ukudla-kubiza-ukudlula-amaholo-ucwaningo/
Impuphu yaseNingizimu Afrika ayidayiswa phesheya kuphela kodwa nasemazweni awomakhelwane njengeZimbabwe enyuse impuphu eyithengayo isuka kumathani awu-4 047 ngoMeyi wonyaka odlule, yaya kwawu-14 431 ngoNovemba wonyaka odlule.
Umdidiyeli wezinhlelo enhlanganweni ecwaningo ngamanani okudla iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group uMnu uMervyn Abrahams uthe ukwehla kwamanani okudla ngemali encane akwanele ngoba abantu abampofu nezisebenzi abanamali eningi.
“Sidinga ukubona amanani okudla ehla kakhulu futhi abantu benyuselwa imali emisebenzini naleyo abayitholayo. Ngisho amanani okudla ehla kancane kodwa asiwuboni umehluko omkhulu ebantwini ngoba vele badonsa kanzima,” kusho u-Abrahams.
Umbiko ophelele utholakala ku:
https://www.compcom.co.za/wp-content/uploads/2025/03/EFPM-Report_Mar-2025_publication.pdf