Ungqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ngenkathi ethula iSpaza Shop Support Fund eSoweto, eGoli, eGauteng, kuthangi. Izithombe: Zithunyelwe

Kwethulwe isikhwama sikaR500 million sokuseka amaspaza

YINTATHELI YOMBELE

UNGQONGQOSHE wezoHwebo, iziMboni nezokuNcintisana uMnu uParks Tau uthule isikhwama sokuxhasa amaspaza iSpaza Shop Support Fund

Lesi sikhwama esisungulwe ngoR500 million, nesaqala samenyezelwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa, sithulwe ngokusemthethweni eSoweto, eGauteng, ngoLwesibili.

UTau uthe ngalesi sikhwama uhulumeni uthatha igxathu lokuyenza ibesemthethweni le mboni abaningi abakuyo abasebenza ngokungekho emthethweni. Uthe ukuseka amaspaza kuzokwenza osomabhizinisi abakuyona, imvamisa okungabantu besifazane nentsha, babambe iqhaza ngokugcwele emnothweni.

Lesi sikhwama sizolekelela ngokuthenga isitoko, ukuphucula ingqalasizinda nokuthi kubenabantu abanikazi bezitolo abasebenzisana nabo ukudiliva izimpahla. 

“La mabhizinisi amancane adala amathuba omsebenzi, akhulisa ukuhwebelana emnothweni wezwe futhi angenisa imali ebidingeka kakhulu emiphakathini osekunesikhathi eside inganakiwe. Ucwaningo lukhombisa ukuthi amabhizinisi amancane anesandla esikhulu ekwakheni amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika.

“Ngokuhlinzeka abanikazi bezitolo zamaspaza ngosizo lwezimali, ukuthuthukisa ingqalasizinda nokuqeqesha okubalulekile kwezamabhizinisi senza kube lula ukudala amathuba emisebenzi esimeme,” kusho yena.

Ungqongqoshe uthe lesi sikhwama singenye yezindlela uhulumeni afukula umnotho ngazo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/21/abamaspaza-bayakuqonda-okufunwa-uhulumeni-kodwa-kuzobanzima/

“Kuwukutshala imali kubantu bakithi, ezindaweni esihlala kuzo futhi nakuyo yonke ingxenye yomnotho waseNingizimu Afrika,” kugcizelela uTau.

Abanye bosomabhizinisi abancane ngesikhathi kuthulwa iSpaza Shop Support Fund

“Sizibophezele ukuqinisekisa ukuthi wonke amaspaza ahlomula kulesi sikhwama acijwa futhi esekwa ngokuphelele ngezinsiza. Le ndlela izosiza ukwenza izindawo zokusebenza ezingagcini nje ngokudla umnotho kodwa futhi ezivikelekile nezisimeme. Umbono wethu ucacile, sifuna iNingizimu Afrika lapho amathuba ezomnotho etholwa khona yiwo wonke umuntu nalapho umdlandla wokuhweba uthuthukisa umoya wedolobha lethu,” kwengeza uTau. 

Njengoba abanikazi bamaspaza beyingxenye yabantu ababizwa ngosomabhizinisi abancane bekukhona noNgqongqoshe wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNks uStella Ndabeni kulo mcimbi kanti nosomabhizinisi bebephume ngobuningi babo.  


Abanikazi bezitolo zamaspaza abathanda ukufaka izicelo kulesi sikhwama bangangena ku: https://www.spazashopfund.co.za  noma bashayele u-011 305 8080 ukuthola ulwazi oluthe xaxa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page