Isikhulu esiphezulu seRoad Accident Fund uMnu uCollins Letsoalo, enxephezele abantu abalimale ezingozini ngezigidigidi zamarandi. Isithombe: Sithunyelwe

I-RAF isinxephezele abantu ngoR45.6 billion

WUBONISWA MOHALE

ISIKHWAMA esinxephezela abantu abalimala ezingozini zezimoto ngonyaka wezimali odlule u-2023/24 sinxephezele abantu abalimele ezingozini zomgwaqo ngoR45.6 billion

Isikhulu esiphezulu seRoad Accident Fund (iRAF) uMnu uCollins Letsoalo sithi kule mali bekukhona uR47 million wemali yemingcwabo, uR21.6 billion wemali ekhokhelwa abasuke bengasakwazi ukusebenza, uR12.7bn wemali yezinye izindleko ezithinta abalimele ezingozini zomgwaqo. 

Kukhona noR2.6bn okhokhelwe abantu akade bondliwa abashone ezingozini zomgwaqo noR1.7bn wezindleko zezibhedlela nodokotela abasiza abalimele ezingozini zomgwaqo ukuthi bakwazi ukuphila impilo engcono. 

ULetsoalo ubalule ukuthi kunemihlomulo ethile etholwa ngabasuke belimele ezingozini zomgwaqo uma befake isicelo sesinxephezelo kwiRAF. 

“Izingozi zishiya imindeni ihlukumezekile, ziphazamisa impilo futhi zinomphumela omubi emnothweni wemindeni nowezwe. Kufanele sishintshe indlela esiziphatha ngayo emigwaqweni. Ngonyaka odlule kwashona abantu abawu-335 ezingozini zomgwaqo, okuyisibalo esasiphezulu njengoba ngo-2023 kwakushone abawu-252,” kusho yena. 

Uthi izingozi eziningi zidalwa ngamaphutha abantu, ukungasebenzi kahle kwezimoto nesimo sendawo abasuke behamba kuyona. Konke loku sekuholele ekutheni kufe abantu abawu-1 325 ngesikhathi sePhasika kusukela ngo-2019 kuze kube wu-2024.  

Phakathi kwamaphutha enziwa ngabantu ubalule ukushayela ngejubane eliphezulu, ukuhamba umathanda emgwaqweni, okusho ukuthi abahamba ngezinyawo abahambi endaweni eyenzelwe ukuthi bahambe kuyona nezimoto ezishayisa abantu bese zibaleka. 

Ezinkingeni zezimoto ezidala izingozi kubalwa ukuqhuma kwamathayi, ukungasebenzi kahle kwamabhreki namathayi ayizimpandla. Esimweni sendawo esenza ukuthi abantu babesezingozini kubalwa ukungaboni kahle mhlawumbe ngenxa yenkungu nezinye izimo zezulu, ukungehlisi ijubane uma abantu beya emajikeni, izilwane eziwuvanzi, ukungalungiswa kwemigwaqo okwenza ingabi sesimweni esifanele okudinga abantu bahlale beqaphile. 

“Ukushayela budedengu, ukunganaki kwabantui abahamba emgwaqweni nokungasevisi izimoto yizinto eziphambili uma sibheka izizathu ezidala izingozi zomgwaqo. Zonke lezi zinto singazishintsha uma silungisa indlela esiziphatha ngayo. “Kufanele sikhumbule ukuthi ubudedengu bethu bungabulala umuntu. Asigweme loku ukuze bonke abantu bafike bephephile lapho beya khona,” kusho uLetsoalo. 

Uphethe ngokuthi uma kwenzeka umuntu eba sengozini yomgwaqo kufanele athinte iRAF ku-087 820 1 111 ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-07:45 ekuseni kuze kubengo-4 ntambama. 

Umuntu odinga usizo angathumela u-Whatsapp ku-071 605 4707 noma i-SMS ku-44930 noma i-email ku-contactcentre@raf.co.za noma aye emahhovisi eRAF aseduze naye ukuze asizakale. Olunye ulwazi luyatholakala ngokuvakashela u-www.raf.co.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page