Kuzwela kakhulu kwabasafufusa ukubheduka komkhuhlane wezinkukhu: inhlangano
WUBONISWA MOHALE
KUZOSHAYEKA kakhulu osomabhizinisi abancane nabaziphilisa ngokufuya izinkukhu uma kubheduka umkhuhlale wezinkukhu i-Avian flu.
Loku kuvele kuleli sonto esithangamini esithunyelwe ebesibizwe yiFair Play, inhlangano egqugquzela ukuthi kunenokuncintisana okuhle embonini yezinkukhu,.
Isikhulu esiphezulu seSouth African Poultry Association uMnu u-Izaak Breitenbach sithi osomabhizinisi abancane yibona abashayeka kakhulu uma kubheduka umkhuhlane wezinkukhu ngoba uhulumeni uvele uthi abazibulale.
“Uhulumeni uthi asibulale izinkukhu zethu bese ungafuni ukusinxephezela. Ukubulala izikhukhu kushaya kakhulu osomabhizinisi abancane ngoba kusho ukuthi kufanele baqale phansi bayothenga ezinye ukuze bakwazi ukuphila. Sikhathazekile ukuthi nakulo nyaka akukho osekwenziwe ukuvikela imboni yezinkukhu,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/10/umkhuhlane-wezinkukhu-ubhuqa-imfuyo-ukhinyabeza-abafuyi-abasafufusa-usimangaliso-ntshangase-uyabika/
Uthi uma sekubheduke umkhuhlane wezinkukhu inyama yenkukhu enama-protein ebalulekile kwabantu abampofu iyabiza ngenxa yokuthi zibancane izikhukhu emakethe.
Wenze isibonelo sokuthi usomabhizinisi omncane useduze nabantu, ngakho uyakwazi ukufuya izinkukhu bese ezidayisela umphakathi oseduze kodwa uma sekubheduke umkhuhlane wezinkukhu kusho ukuthi akakwazi kwenza lutho.
Umsunguli weFair Play uMnu uFrancois Baird uthe imboni yenkukhu yalahlekelwa wuR2.2 billion ngo-2017 kuya ku-2023 ngenxa yomkhuhlane wezinkukhu.
Uthe loku kuholele ekupheleni kwemisebenzi ewu-1 300 ezinkampanini ezinkulu nezincane ngenxa yokuthi kwabulawa izinkukhu eziyizigidi.
Uthi sebezamile ukuxoxa nohulumeni ukuthi uphasise imithi yokugoma izinkukhu ngoba kuyaziwa ukuthi umkhuhlane wezinkukhu ulethwa yizinyoni ezisuka eYurophu nakwamanye amazwe ngoSepthemba. Zisuke zizozalela eNingizimu Afrika ngenxa yesimo sezulu esihle.
Uthisha wezifundo zolimo eTshwane University of Technology nowusihlalo we-Animal Research Ethics Committee uDkt Talakali Mpofu uthe kubalulekile ukuthi izinkukhu zigonywe njalo ukuze zikwazi ukusinda emkhuhlaneni wezinkukhu uma usufikile.
Ucele abafuye izinkukhu ukuthi balandele imithetho yokuzilawula, bazihlole njalo.
Wengeze ngokuthi uhulumeni kufanele usheshise ukuphasisa imithi yokugoma izinkukhu.
Usolwazi osethathe umhlalaphansi wezempilo yezilwane uRobert Bragg uthe umkhuhlane wezinkukhu kufanele usukunyelwe ngoba uzolambisa inqwaba yabantu abampofu abathola ama-protein ngokudla inyama yenkukhu namaqanda.
Uthe osomabhizinisi abancane badinga ukuxhaswa kakhulu ngoba baseduze nomphakathi futhi akulula ukuthi bavuke uma sebelahlekelwe yizinkukhu zabo.
“Kufanele kubenokugoma izinkukhu okuqhubekayo ukuze zikwazi ukulwa nomkhuhlane ovelayo. Kufanele uhulumeni ubenohlelo lokuxwayisa imboni ukuthi sesiyeza isifo sezinkukhu, uphasise imithi ezosebenza ukuze imboni ikwazi ukugomela izinkukhu. Uma singasukunyelwa lesi sifo, kunengozi yokuthi sihlasele nabantu sibewuhlobo oluhlukile lomkhuhlane,” kusho yena.