Ungqongqoshe womNyango wezokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi uthi bazosebenzisana nemboni ezimele ukwehlisa amanani amaselula. Isithombe: Sithunyelwe

Akwehle amanani okuthenga amaselula – ungqongqoshe

WUBONISWA MOHALE

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi uthi bazosebenzisana nemboni ezimele ukwehlisa amanani okudayisa omakhelukhukhwini. 

Loku uthi kuzoqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika banamaselula asezingeni eliphezulu, akwazi ukungena i-internet nokwenza ezinye izinto ezibalulekile.

UMalatsi usho loku ngesikhathi kunenkundla yokucobelelana ngolwazi phakathi komnyango wakhe ubambisene neWorld Bank neGSMA, inhlangano engenzi nzuzo emele izinkampani zokuxhumana emhlabeni jikelele. 

“Sidinga amaselula abiza kahle kodwa anobuchwepheshe obusezingeni ukuze bonke abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukungena kwezokuxhumana kahle. Yebo baningi abantu abanamaselula kodwa ababaningi abakwazi ukungena kwi-internet ngawo. Sifuna ukukuqeda loku,” kusho ungqongqoshe.

Uthe izwe alikwazi ukukhuluma ngamaselula asezingeni eliphezulu nokukhulisa umnotho ekubeni iningi lisasele emuva kwezobuchwepheshe. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/29/bahlinzeka-osomabhizinisi-asafufusa-ngobuchwepheshe-obusha-ukwandisa-amathuba-omsebenzi-uslindile-khanyile-uyabika/

“Ubuchwepheshe buneqhaza elibalulekile emnothweni, ngakho siyadinga ukubona abantu bengena kulo mkhakha. Asifuni bagcine ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana kodwa sifuna benze nokunye okuzobangenisela imali. Ukubaneselula esezingeni kuzobasiza ukwenza loku,” kusho uMalatsi. 

Inkampani ekhiqiza amaselula iHuawei ixoxele Umbele ukuthi vele yenza amaselula athengekayo ngoba alungele wonke umuntu ngokwezidingo zakhe.

Enye inkampani ekhiqiza amaselula i-Oppo South Africa ithe yenza konke okusemandleni ukukhiqiza amaselula angabizi, yize imakethe inzima ezinkampanini ezintsha ezisuke zizodayisa amaselula. Ibalule ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bafuna amaselula ashutha kahle, ane-battery ehlala isikhathi eside futhi angabizi. 

Ithe u-85% wamaselula abiza ngaphezu kukaR3 000 adayiswa ngezinkontileka ukuze abantu bakhokhe kancane kancane ngenxa yokuthi abanamali yawo. 

Amaselula abiza ngaphansi kukaR3 000 athengwa ngokheshi ngoba abantu banamandla awo.

Inkampani yobuchwepheshe iNet Nine Nine ithe kusenzima ukuthenga amaselula anobuchwepheshe besimanje emalokishini nasemakhaya ngoba abantu abaningi bahola uR3 000 ngenyanga.

I-Net Nine Nine isiqalile ukuqinisekisa ukuthi abantu baxhumana kalula ngokuletha i-internet ekhokhelwa uR379 ngenyanga engasetshenziswa amaselula noma imishini esebenzisa i-internet emihlanu, okusho ukuthi ngosuku ukungena kwi-internet kubiza uR2.60.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page