Sicuphe ngemali yokuhlenga Ithala – ungqongqoshe
WUBONISWA MOHALE
AKUCACI ngekusasa lebhange Ithala njengoba inkantolo isigodlile isinqumo ecaleni elifakwe yiPrudential Authority (iPA), uphiko lweBhange lomBuso olubheke ukusebenza kwamabhange.
I-PA ifake isicelo sokuthi Ithala liyeke ukusebenza njengoba lingenayo ilayisensi yokusebenza njengebhange.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) yanquma ukuhoxisa ilayisensi yebhange Ithala ithi lisebenza ngaphandle kwemvume yokusebenza kwamabhange.
Izolo enkantolo ebihleli eThekwini iPA ithe Ithala alinayo imali eyanele yokuqhuba umsebenzi walo, ngakho ukuhoxisa ilayisensi yokusebenza kwaleli bhange kufanele.
Lesi sinqumo senze ukuthi Ithala lihluleke wukukhokhela izisebenzi imiholo, lingakwazi ukusebenza futhi nabalondoloza imali kulona ababalelwa ku-25 000 abakwazi ukuthola imali yabo.
Ummeli wePA u-Adv Etienne Theron uthe Ithala belingawulandeli umthetho kusukela ngoDisemba wango-2023. Uthi konke ebelikwenza emva kwaloko bekuphambene nomthetho wokusebenza kwamabhange.
Ummeli webhange Ithala u-Adv Sandile Khumalo uthe akusilo iqiniso ukuthi Ithala alinayo imali yokusebenza neyokuvikela abonga imali khona .Wenze isibonelo sokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali usebeke uR2 billion wokuvikela abalondoloza imali kuleli bhange, ngakho kufanele liyekwe lenze umsebenzi walo.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/27/umlawuli-uvikela-amakhasimende-ngelayisensi-yethala/
Ngaphandle kweNkantolo yeziSebenzi lapho bekulalelwe khona leli cala bekumasha izinhlangano ezihlukene, okubalwa kuzona izinyunyana namaqembu epolitiki.
Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers uthe yinto entsha kuyena ukuthi Ithala alinamali.
Wenze isibonelo sokuthi ngoNovemba wonyaka odlule Ithala belinemali eyanele, wathi bafuna ubufakazi bokuthi alinamali.
“Ithala linemali eyanele yokwenza umsebenzi. Asikwazi loku okushiwo enkantolo. Sidinga ukuhlala phansi sithole isisombululo. Sinemali engaphezu kukaR2bn esiyicele kuhulumeni ukuze sikwazi ukuvikela ababeka imali eThala.
“Kufanele iPA iqoke umuntu ozoqinisekisa ukuthi umsebenzi weThala wenziwa ngelinye ibhange elizosiza amakhasimende alo ngesikhathi lisalungisa udaba lokuthola ilayisensi yokusebenza njengebhange,” kusho yena.
Ijaji uMnu uMuzi Ncube lithe isinqumo sizophuma maduze kanti sizonikwa izinhlaka ezithintekayo.