Bangaphezu kuka-142 000 abazongenela ukhetho loHulumeni beNdawo olungomhlaka-4 wangoNovemba. Isithombe: Sithunyelwe

Bangaphezu kuka-142 000 abazongenela uKhetho loHulumeni beNdawo

INTATHELI YOMBELE

ABANTU abangaphezu kwabawu-142 000 bazobanga izikhala eziwu-10 526 okhethweni loHulumeni beNdawo oluzobamhlaka-4 wangoNovemba.

Inhlangano engamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) ithi abantu abawu-142 072 bafake amagama abo ngaphambi kokuvalwa kwesikhathi ngo-5 ntambama mhlaka-28 ngenyanga edlule.

Lesi sibalo sinyuke ngo-43% uma siqhathaniswa nesangokhetho lwango-2021, lapho kwabhaliswa khona abantu abacishe babewu-99 000.

I-IEC manje isibheka ukuthi bonke abantu abafake amagama bayahlangabezana yini nokuvumelekile ngaphambi kokukhipha uhlu lokugcina lwabangenele ukhetho ngomhlaka -16 kule nyanga.

Kubona, abawu-40 241 bazobanga izikhala ze-proportional representation (i-PR) kanti abawu-100 856 bazobanga amawadi. Abazimele abawu-975 bazobanga izikhala zamawadi.

Ngokwemininingwane ye-IEC, abantu abawu-58% abangenele ukhetho baneminyaka ephakathi kwewu-36 newu-55. Abeneminyaka ephakathi kuka-41 no-45 baningi ngo-16%.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/12/ikhomishini-yokhetho-isiqalile-ukubala-izinsuku-ngaphambi-kokhetho/

Abantu besilisa yibona abaningi ngo-62% kanti abesifazane bawu-38%. Idolobha laseGoli yilo elihamba phambili ngesibalo samaqembu epolitiki azongenela izihlalo ze-PR, njengoba ziwu-80. Kulandela iTshwane ngeziwu-72, kanti eThekwini ziwu-70, i-Ekurhuleni ineziwu-69 bese eCape Town zibawu-55.

I-IEC ithe amaqembu epolitiki awu-546 kwawu-732 abhalisiwe azongenela ukhetho, okusho ukuthi amaqembu awu-75%. Ithe abanye abawu-2 274 babhalisele ukungenela ukhetho nge-Online Candidate Nomination System kodwa abazange bawathumele amagama abo ngaphambi kokuvalwa kwesikhathi, ngakho ngeke babalwe njengabangenele ukhetho. Uhlu lokugcina lwabangenele ukhetho kulindeleke ukuthi lukhishwe ngomhla-16 kule nyanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page