Umbiko osanda kukhishwa i-Cost of Living Report ukhombisa ukuthi izindleko zokuphila ziyaqhubeka nokubiza. Isithombe: Sithunyelwe

Bathwele kanzima abantu emakhaya yizindleko zokuphila – umbiko omusha

YINTATHELI YOMBELE

UMBIKO weKhomishini yokuNcintisana ophume ngoLwesihlanu uveza ukuthi imizi yabantu isaqhubeka nokuthwala kanzima njengoba izindleko zikagesi, amanzi, uphethroli, ezokuthutha, ezempilo nezokuxhumana zinyuka ngamandla ukudlula ukwehla kwehla kwamandla emali.

Umbiko i-Cost of Living Report ukhombisa ukuthi  ezitolo zokudla, okubalwa kukona isinkwa esinsundu, impuphu namafutha kabhekilanga,  amanani abakhiqizi asaloku ephezulu yize amanani okusanhlamvu nezinhlamvu namafutha ehle kakhulu.

Kwezinye izitolo zokudla, njengezinkukhu eziqandiswe nofishi osethinini, amanani asezitolo asaloku ephezulu yize amanani abakhiqizi emi ndawonye noma ehla.

Umbiko uncike emsebenzini wekhomishini wokuqapha amanani okudla okumqoka, owashicilelwa okokuqala ngoJulayi wango-2020 oqaphela amanani okudla okuthile kusuka emapulazini kuze kuyofika ezitolo. Lo mbiko awusagcini ngokubheka  ukudla kuphela kodwa nezinye izidingongqangi ezinjengogesi, amanzi, izindlu, ezempilo, ezokuthutha, imfundo nezokuxhumana nomphumela wokunyuka kwentela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/07/kuzobhekwa-izibalo-zomthamo-womkhiqizo-wezwe-wekota-yesibili/

Phakathi kwangoJulayi wango-2025 noJulayi wango-2026, amanani kagesi enyuke ngo-8,1%, kwathi awamanzi anyuka ngo-10,1%, womabili edlula kakhulu ukwehla kwamandla emali okuwu-4,3%. Eminyakeni eyisithupha edlule, amanani kagesi nawamanzi anyuke kakhulu.

Izindleko zokubona udokotela zinyuke ngo-3,5% phakathi kwangoJanuwari wangonyaka odlule nawangolo nyaka. Uma kubhekwa iminyaka eyisithupha edlule, lezi zindleko zenyuke ngo-38%, zidlula ukunyuka kwamanani okuhlangene okucishe kubewu-36%.

Amanani kaphethroli anyuke ngo-26% phakathi kwangoJanuwari noJulayi walo nyaka, kanti loku kudalwe kakhulu yingcindezi ngenxa yempi eseMiddle East. Imali yamatekisi inyuke ngo-13% ngalesi sikhathi, okudala ixhala lokuthi abagibeli bangase baqhubeke nokukhokha kakhulu ngisho noma amanani kaphethroli esehlile, njengoba imali yamatekisi ivamise ukungehli.

Amanani e-internet engenantambo anyuke ngo-4,1% phakathi kwangoJanuwari nangoJulayi walo nyala, okubengaphezu kokunyuka kokwehla kwamandla emali okuwu-3,8%.

Izindleko eziphezulu zikaphethroli nezokuthutha zinyuse izindleko zokukhiqiza, ezokuthutha nokusabalalisa emnothweni, zadala ukunyuka kwamanani ezimpahla ezimqoka. Lokhu kubonakala ezitolo zokudla eziningi  Amanani amaqanda anyuke kakhulu kusukela ngo-Ephreli kulo nyaka, kwaqondana nokunyuka kwamanani kaphethroli ngalesi sikhathi.

Ushicilelo ngalunye lwe-Cost of Living Report lubheka ngokugxilile izinto ezikhuphula amanani. Kulolu, kugxilwe emanzini, lapho kunokukhathazeka ngokunyuka kwamanani awo. Izintela zamanzi zibangwa yizindleko emkhakheni wamanzi jikelele.

Umbiko ophelele utholakala ku-https://www.compcom.co.za/wp-content/uploads/2026/09/CC_Cost-of-Living-Report_Aug-2026.pdf.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page