Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNks uBusi Mavuso sithi ibambe ngakho ngeSabelomali saphakathi nonyaka kanti bazosibheka ngeso lokhozi esangoFebhuwari. Isithombe: Sithunyelwe

‘Yize sinezinto ezinqindayo kodwa iSabelomali sibeka eqhulwini izinto ezibalulekile’

YINTATHELI YOMBELE

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyamncoma uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokukhipha iSabelomali esifanele esitshengisa ukucophelela kodwa futhi siyise imali ezindaweni ezifanele ezizokhulisa umnotho ngokuhamba kwesikhathi.

Loku kwenzeke ekubeni intela engeniswe wuhulumeni ingaphansi kobekulindelekile, ingaphansi ngoR22.3 billion kunobekulindelekile ngoFebhuwari kanti eminyakeni ezayo izoba ngaphansi kobekubhekiwe.

UGodongwana uthe loku kusho ukuthi kudingeka kwenziwe izinqumo ezinzima. “Ukwehla kwemali engenayo kusho ukuthi asikwazi ukubhekana nazo zonke izidingo. Kunezinto kuzo zonke izindawo zikahulumeni okufanele sizemukele ukuthi ngeke sikwazi ukumelana nazo. Kudingeka zonke izinhlaka zikahulumeni zamukele loko.

“Ngokugxila eqhingeni lethu lokwehlisa isikweletu nokubhekana nezinye izinto singakwazi ukubeka imigomo edingekayo ukukhulisa umnotho ngokushesha ukuze sakhe amathuba emisebenzi.”

Loku kuhlonipha imigomo yokuphatha imali ngenye yezinto ehlonishwayo emhlabeni futhi kufanele sihlale siyibuka njengebalulekile ohlwini lwezinto “ezinhle” abatshalimali abazibhekayo uma behlola izwe ukubheka ukuthi izinto eziyinkinga liyamelana nazo.  

Yize kunjalo, umnotho ukhula ngokungaphansi kokulindelekile. Njengoba umnyango uthi umnotho usuzokhula ngo-1.1%, esikhundleni sango-1.3%, wukukhula komnotho kuphela okungafukula abantu baseNingizimu Afrika. 

“Izinto ezine” umnyango ogxile kuzona njengeqhinga lokufukula umnotho ukuze ukhule futhi ufake nabanye abantu uyakhuthaza, ikakhulukazi uma sibheka izinto ezine eziseqhulwini nezizokhulisa umnotho. Nazi lezo zinto: 

  1. Ukusimamisa umnotho ukuze izinto ezenziwayo zaziwe futhi zihlale obala “ngokuhlola ukuthi okuhlongozwa wumgomo womnotho nokuphucula ukusebenza komnotho kuyenziwa”. I-BLSA ikholwa wukuthi ukukwazi loko yiko okwenza amakhaya, amabhizinisi nabatshalimali bakwazi ukwenza izinqumo ezifanele; 
  1. Ukwenza izinguquko ezinqala. Loku kumqoka. Ezikagesi, ezokuthutha namanzi zidinga ukusebenza ngendlela efanele ukuze kubenesisekelo esifanele sokukhula komnotho. Ungqongqoshe uGodongwana ubalule impumelelo ebonakele phambilini neqhaza le-Operation Vulindlela nokubambisana kukahulumeni namabhizinisi ukuletha lezi zinguquko; 
  1. Ukuseka ukukhula komnotho okwenzeka ngenxa yengqalasizinda. I-BLSA imanqika kancane lapha ngenxa yokungafezwa kwezithembiso zokuthuthukisa ingqalasizinda kusukela kudala kodwa ungqongqoshe umemezele ukuthi umnyango wenza lezi zinguquko ngenhloso yokuheha ukuthi imboni ezimele ibambe iqhaza elikhulu, okufaka ukuthi ikhokhele ongoti ukuseka uhulumeni. Leyo yinto iBLSA ekade yayithi kufanele yenzeke ngenxa yamakhono adingekayo kuhulumeni kusukela kubantu abaphethe kuya phansi komasipala; 
  1. Uthembise ukuthi izichibiyelo ezenziwe endleleni imboni ezimele ebambisana ngayo nohulumeni zizoshicilelwa ngaphambi kokuphela kukaNovemba ukuze ziqale ukusebenza ngonyaka wezimali ozayo nokuthi izichibiyelo komasipala zizophothulwa ngoJuni ngonyaka ozayo. Uma kwenzeka loko, kuyoba yigxathu elibalulekile ekwenzeni imisebenzi ethinta ingqalasizinda ukuthi ithuthuke.

Ukwenza ukuthi uhulumeni ukwazi ukuqhubeka nomsebenzi yinto enkulu. Ukungakwazi ukuqhubeka nomsebenzi kukahulumeni ngenye yezinto ezikhathazayo. Ungqongqoshe umemezele ukuthi i-Independent Electoral Commission, iPhalamende neHHovisi leNhloko yamaJaji kuzothola imali ethe xaxa ukuze kukwazi ukwenza umsebenzi kanti uphiko oluqoqa intela ukuze “luqhubeke kule mpumelelo elivele linayo ukungenisa imali”. 

Uthe kunemizamo yokwehlisa isibalo sezisebenzi zikahulumeni ukuze kuqashwe abantu abancane. Uma kubhekwa ukwanda komthamo obhekene nomasipala ukuletha izinguquko ekuhlinzekeni ngamanzi, ugesi nezinye izinto ezithinta ukuthuthukisa ingqalasizinda, iBLSA iyalwamukela uhlelo lokubhekana nezinto ezishodayo kuhulumeni. I-Operation Vulindlela igxile kulezo zinto. 

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Lezi zinhlaka ezine ziyisisekelo sokukhula komnotho, iBLSA ikhathazekile ngezingozi ezikhona uma kubhekwa ukukhula komnotho nokwenzeka kwamanye amazwe, isivumelwano sokunyusa imiholo ngokungaphezu kokufanele nenye imali yokutakula amabhizinisi kahulumeni afana neTransnet. 

“Yize kukuhle ukuthi umNyango weziMali uyakwazi okufanele kwenziwe, kucacile ukuthi ayikho indawo yokwenza iphutha emnothweni wethu. Ngisho kungakhona okuncane okuba yiphutha, okulindelekile kuyantenga,” kusho yena.  

UGodongwana uthe izindleko zokubhekana nezikweletu zikhula mawala futhi ngaphezu kwaloko umnotho okhula ngakho, njengoba uhulumeni ulindele ukuthi isikweletu sizoba ngaphezu kukaR6 trillion noma u-75.5% womthamo womnotho ngo-2025/26. Loku akuhlukile kangako kunokwabikezelwa ngeSabelomali ngoFebhuwari, okuwu-75.3% weSabelomali kodwa okukhulile kuno-74.6% wangekota yesibili kulo nyaka. 

Okubalulekile wukuthi isikweletu sinyukele kuleli zinga “ukubhekana nale nkinga”, kusho yena. “Sithathe isinyathelo esinzima ukubhekana nale nkinga yokushoda kwemali engenile uma kuqhathaniswa nezindleko. Sinciphise imali esiyisebenzisayo futhi sisimamise imali esiyingenisayo. Ngenxa yaloku, uhulumeni ungenise imali eningi (uma ingabalwa okubanjwa kuyo inzalo) ngo-2023/24, nokungokokuqala eminyakeni engu-15.”  

Eminyakeni emithathu ezayo, ukushoda kwemali kuzokwehla kusuka ku4.7% womthamo wombotho ngo-2024/25, kuye ku-3.4% ngo-2027/28 kanti imali ethe xaxa ezongeniswa wumnotho izoba wu-1.8%. 

Uthe le mali yanele “ukusimamisa isikweletu ukuthi sibewu-75.5% ngo-2025/26. Isikweletu sizokwehla eminyakeni eyishumi elandelayo. Imfihlo wukuthi nemali ekhokhelwa lesi sikweletu izosimama futhi iqale ukwehla eminyakeni embalwa ezayo.”  

I-BLSA ikholwa wukuthi umNyango weziMali ubeke izinto ezibalulekile eqhulwini ukubhekana nezinto ezihlupha izimboni. Yize kungekhonto etheni noma entsha kwiMTBPS, iBLSA isibheke ngabomvu iSabelomali ngoFebhuwari ukuthola imininingwane ngokusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele okudingekayo ukuthuthukisa ingqalasiznda futhi okuyisisekelo ekukhuliseni umnotho. 

I-BLSA ibheke ukuthi uhulumeni wonke wenze loku okushiwo yiMTBPS okuzotshengisa ukuzimisela ekwenzeni izinto ezifanele nangobuqotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page