Ingqungquthela yabatshalimali yithuba lokulungisa umonakalo wangesonto elidlule, kuloba uBusi Mavuso
NJENGOBA siya eNgqungqutheleni yabaTshalimali kuleli sonto, ngikhumbula ukuthi ukuheha abatshalimali kucishe kufane nokudayisa. Noma ngabe ziningi kangakanani izizathu okufanele zenze abatshalimali beze kodwa kufanele ubashele futhi kufanele uphendule ngezinto ezibakhathazayo.
Kudingeka uhlale uzinikela ukudayisa “igama” leNingizimu Afrika abatshalimali babone kuyindawo efanele ukuthi beze kuyona, indawo abazothola inzuzo enhle kuyona, kuthi nezingozi ezikhona zingabi mandla kakhulu.
Ngesonto elidlule akubanga yisonto elihle elandulela le ngqungquthela. Kuningi okungahambanga kahle endleleni uhulumeni okhulume ngayo ngezinye izinto. Cishe ebibuhlungu kakhulu wumsindo mayelana nemvume eke yanikwa i-Eskom kodwa yaphinde yahoxiswa, ebizoyigunyaza ukuthi ingavezi embikweni wezimali imali engasetshenziswanga kahle nechithiwe.
Indlela okumenyezelwe ngayo ishiye abaningi ezimakethe becabanga ukuthi inhloso yale mvume bekuwuzama ukufihlela izinhlangano ezikleliswa ngamazwe nezinkampani ulwazi oluthile, into evele yabhedisa uhlelo.
Kudicilela isithunzi sikahulumeni kanti ubukeka njengomuntu ongathembekile kubatshalimali.
Enye yezinto ezibalulekile okufanele ngabe sizoyisho kubatshalimali wushintsho esilwenzayo embonini kagesi. Awusizanga umbiko kangqongqoshe kagesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa ngesonto elidlule ngeziteshi zikagesi eziwu-15 ukuthi kungani zingasebenzi kahle.
Yize kufanele iziteshi ziphathwe ukuze kuphuculwe indlela ezisebenza ngayo, ungqongqoshe ucashunwe ethi kufanele uhulumeni ungenelele ngokutshala imali ukuze zizoqhubeka nokusebenza futhi kufanele kutshalwe ezimayini zamalahle ukuze kuzokhiqizwa amalahle athe xaxa.
Loku akukona ukuphatha iziteshi kangcono kodwa kuwukuphuma ohlelweni olubekwe yiNational Electricity Crisis Committee (iNECOM) oluhambisana nokuvala iziteshi ze-Eskom.
Kungenzeka ukuthi ungqongqoshe ubengaqondile ukuthi useyashintsha ekugxileni kugesi ovuselelwayo ukuze kuqhutshekwe nophehlwa ngamalahle, kungenzeka inkulumo yakhe izwakale kanjalo.
Kufanele ukuthi bathukile abatshalimali abahlela ukutshala izigidi ngezigidi zamadola ohlelweni lokushintshela kugesi ovuselelwayo.
Akusibo abatshalimali bakwamanye amazwe kuphela. Izinkampani zaseNingizimu Afrika zibhekene nokuthi kuzoba nzima futhi kuzobiza wukudayisela amanye amazwe izimpahla ngenxa yendlela yemithetho ebekiwe ngendlela okuphehlwa ugesi ngayo uma kukhiqizwa izimpahla.
I-European Union (i-EU) ingenye yezindawo ezizohlawulisa izimpahla eziqhamuka kwamanye amazwe ezisebenzisa ugesi omningi.
I-EU ingenye yezindawo esidayiselana nazo kakhulu kanti siyidayisela izimpahla ezinjengezimoto. Ukuqhubeka nohlelo lokushintshela kugesi ovuselelwayo kubalulekile ezinkampanini zakuleli zwe ukuze zikwazi ukutshala imali, zinethemba lokuthi ugesi eziwusebenzisayo uzozilekelela ukuncintisana namanye amazwe ngomuso.
Nginesiqiniseko sokuthi ungqongqoshe uyawazi umsebenzi oqhubekayo ukunyusa ukukhiqizwa kukagesi ovuselelwayo, okuyilapho kufanele sigxile khona.
Elinye lamathuba okufanele ngabe silisebenzisile ukucosha amaphuzu yileli le mininingwane ekhishwe yiNational Energy Regulator of South Africa ethe kunogesi omusha obhaliswe ngoMashi owu-1.2GW, okwenza ugesi omusha ngale kota ube ngu-2.4GW.
Lena yingxenye kagesi ongakhiqizwa yiMedupi obhaliswe ngekota eyodwa (nakuba kuthatha cishe iminyaka emibili ukwakha nokusebenza kweziteshi zokuphehla ugesi ngomoya nangelanga).
Yinto enkulu lena kodwa akukho sitatimende esithunyelwe kwabezindaba futhi akukho okushiwo ungqongqoshe. Yini ndaba? Leli bekuyithuba elihle lokukhuluma ngomsebenzi esesiwenzile ukuxazulula inkinga yokushoda kukagesi.
Kuyakhombisa nokuthi ugesi ovuselelwayo yilona kusasa lokuphehla ugesi eNingizimu Afrika, hhayi ukunweba izimayini zamalahle noma ukuqhubeka neziteshi zikagesi ezindala, okuvele kungekho muntu ongazikhokhela.
Esikhundleni salokho siyaqhubeka nokuba negama elibi njengoba esikhaleni kuvele kwamenyezelwa ukuthi izwe alisaphethwe ngaphansi komthetho wezinhlekelele, okwenzeke ngesikhathi uhulumeni ebeboshwa enye yezinhlangano ezingenzi inzuzo ebezifuna ukwazi ukuthi yisinqumo esisemthethweni yini.
Into ecacayo wukuthi kubonakala sengathi uhulumeni ubengenazo izizathu ezizwakalayo zokumemezela ukuthi izwe libuswe ngomthetho wezinhlekelele.
Abafundi bazokhumbula ukuthi yinto engangingayizwa kahle lena kwasekuqaleni.
Izinto bezingehluka kakhulu. Besingaqhakambisa uhlelo lweNECOM, kube yiyonanto uhulumeni ayiqhakambisayo.
Akufanele ngabe sikhuluma ngemvume egunyaza i-Eskom ukuthi kube khona izinto engazidaluli kodwa kufanele ngabe sikhuluma ngendima esikhathuliwe ukuwuhlukanisa kathathu.
Kufanele ngabe sikhuluma ngomsebenzi osheshayo wokwakha iziteshi zokuphehla ugesi ovuselelwayo, iningi lazo elakhiwa ngabemboni ezimele, hhayi ngokumba amanye amalahle.
Kufanele ngabe sikhuluma ngomsebenzi owenziwa wuhulumeni ukuphucula indawo ukuze kuheheke abatshalimali bakwamanye amazwe ukuze baseke uhlelo lokushintshela kugesi ovuselelwayo.
Yilona umyalezo engithemba ukuthi uzoqhamuka kule ngqungquthela yabatshalimali. Asiyi kuyona ngeqholo emva kwezinto ezenzeke ngesonto elidlule kodwa kufanele sibhukule ukuheha abatshalimali futhi yisimo esibheke naso.
Uhulumeni kufanele utshengise umhlaba ukuthi uzibophezele ukuguqula indlela esiphehla ugesi ngayo. Ngokwenza njalo, izotshengisa izinkampani zale lizwe ukuthi zinekusasa elihle futhi nazo zingayitshala imali.
- UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
