I-Suzuki Across inabo bonke ubuchwepheshe besimanje kanti ayiligugisi iphakethe, kuhlaziya uSlindile Khanyile
NGIKHULE kujwayelekile ukuthi kunabantu ababethi uma beyothatha izincwadi zokushayela bakhethe u-Code C1(okwakuthiwa u-Code 10) ngisho inhloso yabo kungekona ukushayela izimoto ezithutha umphakathi nezimpahla. Ofeleba babenza loku ngoba bebalekela amapali ngoba kwakunenkolelo yokuthi yiwona ayefeyilisana kakhulu uma usuyohlolwa.
Inkinga ngale ndlela “enqamlelayo” yayibonakala uma sekudingeka bashaye i-parallel parking ukupaka imoto uma sebenezimoto. Suka uyobona ngomuntu esejuluke wamanzi te eshikiliswa wukupaka imoto kahle!
Nokho izimoto eziningi manje sezenza impilo ibelula kubashayeli uma kufanele bapake noma bahlehle. Yize ezinye izimoto zinobuchwepheshe bokusiza uma uhlehla kuphela kodwa iSuzuki Across inobukusiza upake ngisho imoto ibheke phambili. Empeleni ubona yonke into ngemoto, emuva, phambili nasemaceleni, okungenye yezinto engizithande kakhulu ngayo.
Ngezilokotho ze-iMoto Online, bengihamba ngeSuzuki Across GLX Hybrid, i-last number, umshini ozishintshayo odle ngombala o-magma grey metallic. Iyatholakala nangezinye izinhlobo ezimbili, iGL Manual neGL Auto Hybrid. Izinto ezinkulu iHybrid ehluke ngazo, ngale kwenani, wumrobhozo i-panoramic sunroof namarimu awu-17 inch.
Okunye ehluke ngakho yizihlalo ze-synthetic leather eziphefumulayo, isihlalo somshayeli esinenkinobho ekwazi ukusisetha kasishiyagalombili, i-360-degree camera, inyakanyaka yo“msindo” i-Infinity 8-speaker audio ne-heads-up display evuleka, ivaleke. Kukuwena: ubuka “iwashi” i-instrument control unit noma ubuke yona. Yinhle kakhulu ebusuku ukugada ijubane ohamba ngalo.

Ingaphakathi le-Across wubukhosi ngenxa yezinkinobho ngapha, nangapha
Uma uhamba ebusuku iyazibhanyazela amalambu endaweni emnyama bese iwehlisa uma uphambana nenye imoto, ukuze ungayixhophi. Akufukuzwa la.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/28/i-suzuki-jimny-wumncanyana-okunika-konke-okuthola-kwizingadlangadla-kuhlaziya-uslindile-khanyile/
Hhayi, umona phansi akhiphile amaJaphani kule SUV! Ngokubukeka, wubutsetse obunesakhiwo sezimoto zamanje okubalwa kuzona izimbangi zezimoto zamaJaphani nezamaShayina, ezingenisile emakethe.
Kubo ubuchwepheshe, injini iyazicisha uma imile kwisiminyaminya, o-stop street nasemarobhothini bese izidumela uma kusukwa. Uma uthanda uyayicisha inkinobho yaloku. Ishaya nangenkinobho yokupaka. Ivele izobophe ungayicindezele inkinobho ye-handbrake. Enye into ngobuchwepheshe bayo wukuthi buyamkhalima umshayeli uma kwenzeka ephuma emzileni bese izibuyisela emgqeni futhi bumxwayisa ngengozi ingakanzeki.
I-Across iphakeme futhi inendawo kahle ngaphakathi. Ngibheme ngakholwa ngemva kokuthatha uhambo nomndeni wami, sithwele nezimpahla. Sanele kahle sonke nezimpahla ebezisebhuthini. Ngingakhohlwa kanjani? Ibhuthi inenkinobho kagesi kukhiye nangaphakathi eyenza izivulekele.

I-Across iwufulathelazimbuke wubuhle
Bayicabangile nento yokuthi izigubhu zamanzi azilingani njengoba ngaphambili kunezikhala ezine ezihlala izigubhu ezingosayizi abangalingani kanti nabahlala ngemuva banezindawo zokubeka ezabo. Umagcino uzitholele le mfihlo yendawo yokubeka izigubhu zamanzi ngemuva. Enye into echaza “igenge” ngemuva ama- USB-C port amabili. Akekho obangisa omunye ngokuxhuma into yakhe.
Nakuba inenjini encane, okuyi-1,5 litre 4-cylinder futhi iyi-hybrid, nokho ngiyithole inokudla uphethroli futhi indonda ezindaweni ezinyukayo ngisho unyathela kangakanani. Lo mshini ozishintshayo, ongadunyiswa ngokhiye, uyakwazi ukubuye uwenze uwushintshe uwufake kwi-manual transmission. Uyi-6 forward eshintshwa egiyeni nakwisteringi. Uyawanyusa amagiya kwesokudla, uwehlise kwesobunxele. Bekubalula ezindaweni ezinyukayo uma kungathi uphelelwa amandla, ngenxa yenjini yayo encane.
Ukuba ngiyazenzela ngabe wonke umshayeli oyivukana ubanamandla okuthenga imoto enalobu buchwepheshe ngoba kungenza impilo ibelula. Ngokwamanani, iGL manual iwuR349 900, iGL Manual ibewuR372 990, kuthi iGLX Auto ibewuR464 900. Ayibizi neze uma ubheka ubuchwepheshe ekunika bona.
Isu lesonto:
Ukushintshashintsha ijubane emgwaqweni ovulekile kubhubhudla uphethroli kanti wona udla ephaketheni. Bamba ijubane elilodwa; kungabewu-100km/h noma 120km/h, hhayi ukugxoba, udedele, ugxobe…


