Ukudlula emhlabeni kukaMnu uPravin Gordhan, owake wawungqongqoshe nesishoshovu somzabalazo, kwenza umuntu azibuze ukuthi zisekhona izisebenzi zikahulumeni ezinjengaye, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

I-BLSA iyalila ngokudlula kukaGordhan emhlabeni

INTATHELI YOMBELE
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) idabuke kakhulu ngemva kokuzwa ngokudlula emhlabeni kwalo owayewungqongqoshe noqweqwe lukasopolitiki uMnu uPravin Gordhan namhlanje, mhlaka-13 wangoSepthemba.

Sisho kanje namuhla isikhulu esiphezulu seBLSA uNks uBusi Mavuso. 

U-Gordhan ubewumuntu okhathelele iNingizimu Afrika obehlale ebeka izwe phambili. Kusukela ngezikhathi zakhe eseyisishoshovu esilwa nobandlululo aze agcine esebenzela izwe ekwikhabhinethi, ukhombise ubuqotho nombono ocacile wokuthi kusho ukuthini ukusebenzela uhulumeni.  Wabayinqaba elwa nokugwamanda amandla ombuso futhi waneqhaza elimqoka ukuzama ukunqanda ukuxebula umkhoma ngesikhathi sikamengameli uMnu uJacob Zuma.

U-Gordhan ubeyisakhamuzi esizinikele ebesinezinhloso ezingenasici. Ubehlale elungile ukuxoxa, amele into ayishoyo futhi ekwazi ukulalela abanye abantu. I-BLSA ibenamathuba amaningi okuxoxisana naye ngesikhathi esasebenza kanti bekuthi noma singavumelani kodwa ubungeke umsole ngentshisekelo yakhe yokuzama ukwenza ukuthi iNingizimu Afrika iphumelele.

UNks uMavuso uthe: “Ubeyingxenye yohlobo losopolitiki abangena kuhulumeni ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika nokufukula izwe. Noma ubungeke uhlale uvumelana nemibono yakhe kodwa izinhloso zakhe bezingangabazeki. Usebenzele leli zwe ngobuqotho.”

Kwezinye izinto eziningi azenze kahle umsebenzi wakhe wokwenza iSouth African Revenue Service (iSARS) ukuthi ibeyisikhungo esisebenza kahle esasivame ukwenza konke okusemandleni aso ekwenzeni umsebenzi wokuphatha izimali ngemva kukahulumeni wobandlululo. Loku kwenza uhulumeni wakwazi ukuhlinzeka imisebenzi yomphakathi nokweseka abantu abantulayo emphakathini. 

Isikhathi sakhe sokuba wukhomishana eSARS sitshengisa intshisekelo yokusebenza ngokuzihlonipha nokukhathalela inhlalakahle yabantu abantulayo.

Ngesikhathi sokugwamanda amandla ombuso, ngoDisemba wango-2015, uGordhan wafakwa ngokushesha esikhundleni sokuba wungqongqoshe womNyango weziMali ngemva kokukhuza ibhadi kwesekisi lokuqokwa kukaMnu uDes van Rooyen wuMengameli uMnu uJacob Zuma. 

U-Gordhan wayesevele eshaye into ecokeme kulo msebenzi ngemva kukaMnu uTrevor Manuel ngo-2009. 

Uma sibuyela emsebenzini wakhe wokubawungqongqoshe wezimali, uGordhan wabuyisa ngokushesha ithemba ngokuphathwa kwezimali zikahulumeni. Ngemva kwaloko wasebenza ngokuzikhandla ukulwa nenkohlakalo eyayisabalele nokunqanda imizamo yokufunza izwe iziteshi zikagesi zamandla enuzi ezimba eqolo.

Ngenxa yaloku wabhecwa ngobende inyama engayidlanga lapho kwadicilelwa phansi igama lakhe nelomndeni wakhe. Lapha kubalwa izinsolo ngomsebenzi wakhe eSars, zonke okwacaca ukuthi zingamanga uma sekufikwa enkantolo. 

Wama ebhekene naloku kuhlaselwa, ubuqotho bakhe bagqama. Lezi zinsolo zasetshenziswa wuZuma njengehawu lokumxosha ekubeni wungqongqoshe womNyango weziMali ngo- 2017, wabeka uMnu uMalusi Gigaba isikhashana kwesinye isahluko esibuhlungu sokugwamanda amandla ombuso.

Ngaphansi kukahulumeni kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa, uGordhan ubewungqongqoshe womNyango wamaBhizinisi kaHulumeni, umsebenzi omenze wabhekana nobunzima bokuwa kwe-Eskom neTransnet. Imizamo yakhe yokushintsha izinto ayihambanga kahle. Nakuba i-Eskom yagcina ifakwe endleleni efanele kodwa iTransnet yatabalasa ukulungisa indaba yobuholi. Ukuthanda kwakhe ukugada abantu abangaphansi kwakhe nokuthi kuqokwe abantu abathandwa nguyena kwenza ukuthi kubenzima kulezi zinkampani ukuthi ziphathe kahle nokuthi zilungise izinto.

Nokho, uGordhan wayephokophele ukubangula iva lenkohlakalo elase lingene nezingxabo emabhizinisini kahulumeni, okwakudingeka ekuwahlengeni.

Uyokhunjulwa emlandweni ngokubayisisebenzi seNingizimu Afrika esazi umsebenzi kakhulu nesizinikele, esineqhaza elenze izwe langcono ngempela.

UNks uMavuso uthe: “Ubungeke umsole ngothando lwakhe lwezwe, ukuzinikela kwakhe ezweni nothando lwakhe lezwe. Ubeyisisebenzi sikahulumeni ngokweqiniso kanti wenze umsebenzi omuhle wokusebenzela izwe. Ukudlula kwakhe emhlabeni wukulahlekelwa okukhulu, njengoba esebenzele isizwe ngamandla akhe onke. Angazi noma zisekhona yini izisebenzi zikahulumeni ezinjengaye.”

I-BLSA idlulisa ukudabuka okukhulu kumkakhe, amadodakazi, izihlobo, abangani namaqabane akhe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/13/ugalagala-lukangongqoshe-alusekho-emhlabeni/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page