I-BLSA ishaya amakhala ngokusayina iNHI
INTATHELI YOMBELE
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ikhathazekile ngezindaba ezithi uMengameli uCyril Ramaphosa uzosayina umthetho ophasisa ukwethulwa komshwalense wezempilo i-National Health Insurance (iNHI) kusasa, mhlaka-15 Meyi 2024.
Ngokwenze njalo uzoshaya indiva ukuphawula kwabantu okuningi ngalo mthetho ohlongozwayo, ongeke usebenze futhi ozocekela phansi umnotho wezwe futhi ushayisana nezimiso zomThethosisekelo waseNingizimu Afrika.
Isikhulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Ukuthola uvo lomphakathi akukwazi ukuthi kungaba yinto eyenziwa ukugcina icala kodwa kufanele kubhekisiswe uma abantu sebephawulile njengokusho kwe-Promotion of Administrative Justice Act.”
Kunzima ukukholwa ukuthi ibhekiwe imibono yabantu uma umthetho owawushicilelwe uphothulwa ngaphandle kokushintsha lutho uma abantu sebephawulile.
“Ngalesi sikhathi ukhetho oselusemome ngaso, imikhankaso yepolitiki iyawuphazamisa umsebenzi wokuphatha izwe, ikakhulukazi ngalesi sikhathi kunenqubekelaphambili kwizinselelo ezinkulu ezibhekene nomnotho. Uhulumeni uphuthuma ukushaya umgomo ozowenza uthandwe okubonakala kuwukukhankasa njengoba ukuphawula kwabantu okukhuluma ngemiphumela ozoba nayo emphakathini kunganakiwe.
“Lesi sinqumo sizokonela abantu abaningi nobudlelwano esikhathini lapho ukubambisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi kumqoka ekuletheni ithemba emhlabeni wonke ukuthi iNingizimu Afrika yindawo elungele ukutshala imali. Lo mthetho awusoze wasebenza ngoba abenele abantu abadingekayo ukuze ulandelwe futhi uzothi ungasayinwa nje, kuyiswane ezinkantolo kubhekwa nokuthi uyahambisana yini nomThethosisekelo.”
I-BLSA iyaseseka isiphakamiso sokuthi kufanele wonke umuntu waseNingizimu Afrika anakekelwe ngokwezempilo ngendlela efanele. Nokho, lo mthetho ongahlanganisiwe kahle uzophazamisa kunokuthi ulekelele ukuthi izakhamuzi zithole ezempilo ezinohlonze ezweni lethu.
Lo mthetho udala umonakalo omkhulu kwezempilo ezizimele nezikahulumeni njengoba uhulumeni uzama ukuthi kube nesikhwama esisodwa okukhokhelwa ezempilo ngaso, okuzoqeda ngemboni ezimele ekubeni lingekho iqhinga lokuthi bazokwandiswa kanjani abantu kuhulumeni. Selivele liphazamise ukutshalwa kwemali embonini, okwenze osomabhizinisi – okuyibona abakhokha intela – bazibuza ukuthi bazokwazi yini ukuthembela kwezempilo zaseNingizimu Afrika ngomuso.
I-BLSA isithole ukuthi izisebenzi zempilo, ezingabantu abakwazi ukusebenza noma kuphi emhlabeni, zikhathazekile ngekusasa labo eNingizimu Afrika ngenxa yomphumela walo mthetho uma uhulumeni usuwushayile.
UmThethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi ukuthola imibono yabantu yinto ebalulekile ngaphambi kokuthi ushaywe. INkantolo yomThethosisekelo isike yachitha imithetho ngoba uhulumeni uhlulekile ukuhlonipha ukuthi kufanele uqale ubonisane nomphakathi ngaphambi kokuwuphasisa.
Loku akuzona izindleko nje kubantu abasebenzisa isikhathi sabo nemali bephawula kodwa nakuhulumeni uqobo. Uma imithetho ingacacile noma iphikisana nomThethosisekelo izogcina iphikiswa enkantolo, okudinga uhulumeni ukhokhe lezo zindleko. Iningi lale mithetho igcina ichitshiyelwa. Konke loku kungagwemeka ngokubhekisisa imibono yomphakathi nokushaya kahle umthetho kwasekuqaleni.
“INingizimu Afrika idinga imithetho emihle, ehlomula emibonweni ebekwa yilabo abathintwa yimithetho. Imithetho kufanele futhi ibhekwe ukuthi izoba namiphi imiphumela kwinhlakahle yabantu nasemnothweni, okwenziwa yiHhovisi likaMengameli.
“Nokho, imvamisa uma kwenziwa loku kuyenziwa nje kanti alisetshenziswa leli thuba ukuphucula imithetho nokusiza umphakathi. Sidinga uhulumeni obhekisisayo, oyibhekayo imibono yabathintekayo nothatha izinyathelo uma kunethuba lokuphucula umthetho. Yilokho okubhekwe umThethosisekelo ngoba yiyona ndlela ezosenza sibe yizwe elifinyelela ezingeni elifanele,” kusho uNksz uMavuso.