Asibhukule ukuze singaphunyukwa yiqatha le-Agoa, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elizayo kuzoqala uhlelo lokuthi iPhalamende laseMelika libuyekeze ukuthi yimaphi amazwe okufanele ahlomule kwi-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa).

Lona wumthetho ovumela amazwe athile, okukhona kuwo neNingizimu Afrika, ukuthi adayise izimpahla eMelika ngaphandle kokukhokha intela. Wumthetho osisizile sakhulisa inani lezimpahla esizidayisela iMelika, kwasizakala izimboni ezifana neyezimoto nezolimo. 

Izigidi ngezigidi zemali nezinkulungwane zemisebenzi zithembele emikhiqizweni edayiselwa amanye amazwe. Lo mthetho waseMelika wahlanganiswa kusabusa uMengameli uBill Clinton kanti kusukela ngaleso sikhathi uyavuselelwa uma sekufike isikhathi sokuwuvuselela. 

Kulindelwe ukuthi uvuselelwe eminye iminyaka ewu-10 uma sekufike isikhathi sokuthi uphele ngo-2025 kodwa umbuzo omqoka uthi ngabe uma iPhalamende laseMelika seliwuvuselela lizowubhala ngendlela engezukuyivalela yini ngaphandle iNingizimu Afrika? 

Inkulumompikiswano ngokuthi sekuzovunyelwa amazwi ngayiphi indlela nenkulumompikiswano ngokuvuselela lo mthetho yizinto ezimbili ezihlukene kodwa kukona kokubili, iNingizimu Afrika isengcupheni. 

Indaba yokuthi akucaci kahle ukuthi simi kuphi ngeRussia iyicasulile iMelika. Incwadi ebhalwe ekuqaleni kwale nyanga iveza  ukuthi sekuphakanyiswe ukuthi iMelika iphuce iNingizimu Afrika ilungelo lokwenza ingqungquthela ye-Agoa ngenyanga ezayo.

Le ncwadi ibalule nokuthi ukufika komkhumbi iLady R eSimon’s Town nokubambisana kombutho wamasosha ethu nawaseRussia “kwenza  kungatshazwe ukuthi kusafanele yini iNingizimu Afrika ihlomule kwi-Agoa ngenxa yokuthi enye yezinto edingeka kulawo mazwe wukuthi akufanele abe yingxenye yezenzo ezibeka engozini ezokuphepha eMelika noma ezishayisana nemigomo yayo mayelana nendlela esebenzisana ngayo namanye amazwe”.

Izethulo mayelana namazwe okufanele avunyelwe zingenziwa ngesonto elizayo ePhalamende laseMelika kanti iBusiness Unity South Afrika ilungiselela ukuyokwenza isethulo.

Nokho into emqoka ebeka ubudlelwane bethu neMelika engcupheni yizenzo nezitatimende ezididayo eziqhamuka kuhulumeni wethu. 

Uma sinendaba nokuba kwi-Agoa nezinkulungwane zemisebenzi, sekufike isikhathi sokuthi sicacise ukuthi thina siyizwe asiyona ingozi kwezokuphepha zeMelika.

Kufanele yonke into ihlale obala ngodaba lweLady R, wawenzani lo mkhumbi ngenkathi upake eNingizimu Afrika, kwalayishwa ini kuwona ngaphambi kokuthi uhambe? Kufanele sichaze ngendiza yaseRussia eyafikela eWaterkloof. Kufanele sibe nomgomo ocacile ngokudayisela iRussia izikhali nokuthi kungani iMelika kufanele isithembe uma sithi asicheme namuntu nokuthi lokho kusho ukuthi ayikho into esizoyenza ukuphehla udweshu ngandlela thize eYurophu. 

Lokhu kufanele kuhambisane nesisoka nobuchule emNyangweni weziNdaba zangaPhandle. Ngenkathi kuyisikhathi sokuthi i-Agoa ivuselelwe ngo-2015, amazwe ase-Afrika asebenza ndawonye ukwenza osopolitiki baseMelika babone ukuthi kuwumqondo ophusile ukuvuselela lo mthetho. INingizimu Afrika yabamba iqhaza elikhulu kulowo mzamo.

UmNyango wezangaPhandle kufanele uqhamuke neqhinga usebenzisa ongoti bethu kwezokuhweba noma ngabe bakuphi. Osmabhizinisi eNingizimu Afrika bami ngomumo ukulekelela nokweseka ngolwazi nocwaningo uma ludingeka.

Ukuthi kudingeka kube yizwe elinjani elizovunyelwa ukuba kwi-Agoa yisinqumo esizokhishwa ngaphambi kokuphela konyaka kanti amazwe akhethiwe ukuthi aqhubeke abe kwi-Agoa azomenyezelwa kusukela ngoJanuwari ngonyaka ozayo. Sinethuba elincane lokutshengisa iMelika ukuthi kuyisiza ngani ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke ihlomule. 

Osomabhizinisi bazokwenza okusemandleni ukweseka loku kodwa ekugcineni kusezandleni zosopolitiki namanxusa okufanele akhulumele iNingizimu Afrika.

Uma singakulungisi kulezi zinyanga ezimbalwa ezizayo, kuzosho ukuthi umnotho wethu uyalahlekelwa futhi. 

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page