I-Eskom iklinyeke nxa zonke futhi ngesikhathi esibi, kuloba uJabulani Sikhakhane
IMIPHUMELA yezimali ye-Eskom yonyaka wezimali ophele ngoMashi wango-2026 ugqamisa izinkinga ezintathu le nkampani kahulumeni kagesi ebhekene nazo. Okokuqala, le nkampani ibhekene nokwehla kwesidingo sokuthenga ugesi kwamakhasimende ayo amakhulu, okuyizimboni nezimayini, ezithenga ugesi owu-40%.
Okwesibili, imali i-Eskom eyikweletwa omasipala siloku sikhuphuka. Okwesithathu, izindleko zokukhokhela izisebenzi zale nkampani ziyanda ngesikhathi kudingeka ukuthi inciphise izindleko zokusebenza.
Izibalo zikhombisa ukuthi ukudayisa ugesi kwehle ngaphezu kwango-20,5% kusukela ngo-2008 ku-178Twh ngonyaka ophele ngoMashi wango-2026. Ne-Eskom iyavuma ukuthi loku kwehla ekudayiseni ugesi “kubangwa yisimo esikhona”, okusho ukuthi le nkampani ayinalo ithemba lokukulungisa. I-Eskom ithi amandla kagesi amaningi aletha “ubungozi obusha emalini nokusebenzisa izimpahla”.
Loku kusho ukuthi noma yikuphi ukusimama ezimalini ze-Eskom kodwa sezincike kakhulu ekwandeni kwentela, okuwugibe ngoba izinga lokukhula kwentela kule nkampani kahulumeni selenze amakhasimende ayo amakhulu, okuyizimayini nezimboni ezinkulu, zabheka ezinye izindlela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/31/i-business-leadership-sa-ne-eskom-bakhumelane-umlotha/
Kuyavama ukuthi izimayini nezinkampani ezinkulu babheka ugesi ovuselelwayo njengowelanga noma imfucuza yazo ukuziphehlela ugesi wazo.
Amalungu e-Energy Intensive Users Group asebenzisa ugesi owu-40% waseNingizimu Afrika bese befaka u-20% emnothweni wezwe, okalwa ngomkhiqizo womnotho ezweni, phecelezi i-GDP.
Kunezinye izizathu eziyimbangela. Eqhulwini kukhona izizathu zomnotho nokunyuka kwamanani entela i-Eskom ebiyinqunyelwa wumlawuli wemboni kagesi cishe iminyaka ewu-20. Umnotho waseNingizimu Afrika useneminyaka engaphezu kwewu-15 ukhula kancane. Loku kwenzeka kanye nezinto ezenzeka phesheya, okubalwa kuzona ukuqhudelana ngamanani kwabakhiqizi basezweni nabaphesheya, okuklinye izimboni zaseNingizimu Afrika nezimayini.
Umphumela wakho konke loku ucace bha kwimiphumela ye-Eskom yezimali yango-2026. Imali engenile e-Eskom ikhule ngo-4,1% “ngenxa yokunyuka kwentela kagesi ngo-12,74%” Nokho loku kunyuka kwentela “kuncishiswe wukwehla kokudayisa ugesi ngo-6,2% wa-178TWh”.
I-Eskom ithi loku kwehla komthamo odayisayo kubangelwe wubuthaka embonini, ukunyuka kokuziphehlela ugesi nokuphucula izinto kumakhasimende amakhulu endleleni abasebenzisa ugesi ngayo. Ukuziphehlela ugesi nokuphucula izindlela zokuwusebenzisa kuhambisana ngqo nokunyuka kwamanani kagesi iNational Electricity Regulator of South Africa eneminyaka engaphezu kwengamashumi ebiyinqumela i-Eskom.
I-Eskom ithi ukwehla kokuthenga ugesi kugqame kakhulu emkhakheni wezimboni, onciphise ukuthenga ugesi ngo-22.5% noma u-9.7TWh noma u-22.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.

Izimayini ngezinye zezimboni ezingasathembele kugesi we-Eskom
Ukwehla kokuthenga ugesi kusho ukuthi i-Eskom iduve nogesi omningi, isimo esibhebhetheke kusukela ngoMashi wangalo nyaka. Loku kungenxa yokuvala kweMozal, isincibilikisi se-aluminium saseMozambique, eyikhasimende elikhulu le-Eskom. Umnikazi omkhulu weMozal iSouth32 ngoMashi uthe iMozal “iyalungiswa” ngoba ihlulekile “ukuthola ugesi owenele nongabizi” ngemva kwangoMashi.
I-Eskom ithi isikweletu somasipala “sisaloku siyingozi enkulu (kuyona)”. Yingoba isikweletu somasipala sinyuke ngo-17.9% sawuR111.6bn ekupheleni kwangoMashi.
Loku kwenzeke ekupheleni kwangoMashi. Kwenzeke naphezu kwemizamo yomGcinimafa ne-Eskom yokunqanda ukunyuka kwesikweletu somasipala.
I-Eskom ithi isikweletu somasipala sasesifinyelele kuR119bn ngoJuni wangonyaka odlule. Kanti “uma kungathathwa zinyathelo ezinqala” lesi sikweletu sizonyuka sifinyelele kuR358bn ngo-2031. Kulindeleke ukuthi isikweletu somasipala sango-2031 sibengaphezu kwemali ezongeniswa yi-Eskom ngo-Eskom ewuR355bn.
Phezu kwayo yonke le ngcindezi, ziyanda izindleko zezisebenzi ze-Eskom. Le nkampani kahulumeni ithi umholo ojwayelekile unyuke ngo-7%, okubhebhezelwe wukunyuka kwesibalo sezisebenzi ngo-3%. Ngaphezu kwaloko i-Eskom ikhokhe amabhonasi neminye imihlomulo yokukhuthaza izisebenzi. Le mihlomulo ibewuR5,1bn ngalo nyaka, isuka kuR4,2bn wangonyaka odlule. Ukwanda kwezindleko zokukhokhela izisebenzi kuthinte kancane izindleko zokusebenza.
Kuyacaca ukuthi i-Eskom iklinyeke kathathu: ukulahleka kwamakhasimende, ukuqhubeka kokukhula kwesikweletu somasipala nezindleko zokukhokhela izisebenzi. Yisikhathi esibi sokuklinyeka kule nkampani.


