UMasipala waseThekwini uthule indawo yabahwebi bamatafula yezigidi zamarandi
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini, ngoPhiko lokuThuthukisa umNotho nokuHlela, uvule ngokusemthethweni iLucky Mngwengwe Traders Precinct ngoLwesihlanu mhlaka-4 kule nyanga, eBoxer Node kuMeyiwa Main Road eMpumalanga, eHammarsdale.
Le ndawo ebiza izigidi zamarandi inengqalasizinda yesimanje eyenzelwe ukuthi abadayisi bamatafula bahleleke, bavikeleke futhi kuthuthuke umnotho wendawo. Kule ndawo entsha ceke kunezindawo zokuhweba eziphuculiwe eziwu-52 ezinama-container aphephile awu-23 namatafula okuhweba awu-52.
Lesi sakhiwo senzelwe abadayisi bamatafula abebesebenza ezindaweni ezingekho esimweni esihle sokusebenza. Ibahlinzeka ngezindawo eziwusizo, okubalwa kuzona izindawo zokubeka izimpahla, izinto zokuhlanza, izindlu zangasese nonogada abaqapha ubusuku nemini.
Kule ndawo kuzobanabadayisi abahlukene okubalwa kubona abadayisi ukudla okusheshayo, ukudla okuphekiwe, izithelo, amaveji izingubo nezinkukhu.
Le ndawo iqanjwe ngomufi owayeyikhansela uMnu uLucky Nhlanhla Mngwengwe, umholi owayehlonishwa kakhulu emphakathini futhi owabayikhansela ngo-2006 wasebenza izikhawu ezintathu.
Ngesikhathi esebenza kwiKomitii lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala, uMngwengwe wayesekhaleni lemisebenzi emikhulu enjengeHammarsdale Junction Mall, iMpumalanga Museum nokwakhiwa kwezindlu kule ndawo. Le ndawo ihambisana nombono kaMngwengwe wokuthi ukuthuthukisa umphakathi kufanele kubeke eqhulwini izidingo nesithunzi.
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kumasipala uMnu uThembo Ntuli uthe: “Umnotho wabahwebi bamatafula ubaluleke kakhulu emnothweni wendawo. Wenza abantu bakwazi ukuziphilisa futhi bondle imindeni yabo, ivulele ithuba abantu okunzima ukungena emakethe. Ukuseka le mboni kusho ukuseka imindeni eminingi. Sifuna umnotho wabahwebi bamatafula osekwayo, ohlonishwayo nomi kahle ukuthi ukhule.”
Ukuthulwa kwale ndawo eseHammarsdale kulandela ukuvulwa kwendawo yabahwebi ekuMansel Road, esenkabeni yedolobha, evulwe ngenyanga edlule. Ukuvula le ngqalasizinda kuhambisana nohlelo olubanzi lukamasipala edolobheni lonke.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/14/umasipala-utshale-ur29-million-ukuphucula-impilo-yabadayisi-basemansel/
Ukufakazela isibopho sawo sokuxhasa amabhizinisi amancane, umasipala uzobanokhukhulelangoqo wengqungquthela yamabhizinisi abadayisi abanamatafula i–Informal Economy Summit izinsuku ezimbili ngenyanga ezayo.
Le ngqungquthela izohlanganisa abadayisi, abamele uhulumeni nabanye abantu abamqoka ukuhlahla indlela ngekusasa nokuqala izisombululo ezintsha ezixazulula izinkinga zalo mkhakha.
Abadayisi namalungu omphakathi banxuswa ukuthi bayinakekele le ndawo, bavikele ingqalasizinda futhi bayisebenzise ukubasiza ukuthuthukisa amabhizinisi nokondla imindeni yabo.

