I-IEC iqinisa imithetho yokhetho yokunqanda izindaba ezingamampunge
WUTHOBILE ZWANE
AMAQEMBU epolitiki nabantu abangenela ukhetho kuzodingeka baqaphele ukuthi yiluphi ulwazi abaludlulisela kubavoti njengoba ikhomishini yokhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) isikhiphe imithetho emisha yokunqanda ukusabalala kolwazi olungamampunge ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026, olungomhlaka-4 wangoNovemba.
Le khomishini imemezele i-Electoral Code Conduct Countering Disinformation, okuyindlela yokuziphatha okhethweni ehlose ukunqanda ukusabalala kolwazi olungamampunge okhethweni lohulumeni basekhaya, ekhishwe mhlaka-4 kule nyanga.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/26/kuyavala-ukwamukela-amagama-abazongenela-ukhetho-lomasipala/
UNks uKate Bapela, okhulumela i-IEC futhi ophethe ezokuxhumana, uthe le mithetho ihlose ukuvikela ukuthembeka kokhetho nokuqinisekisa ukuthi abavoti bathola ulwazi oluthembekile oluzobasiza ukwenza izinqumo.
Uthe: “Ukhetho olukhululekile nolungachemile aluncikile kuphela ekulandeleni izinqubo ngendlela efanele kodwa nakulwazi abavoti abangalithemba uma benza khona izinqumo zokuvota.”
I- Disinformation Code iyingxenye ye-Electoral Code of Conduct kanti ibhekene namaqembu epolitiki, abantu abangenele ukhetho noma wubani osebenza egameni labo ekusabalaliseni ulwazi oluphathelene nokhetho, kungaba wukuthi lusatshalaliswa online noma ngezinye izindlela futhi kungabawukuthi kukhokhelwe noma alukhokhelwe.
Ngokwale mithetho emisha, amaqembu epolitiki nabangenele ukhetho kuzodingeka baqale baqinisekise ukuthi ulwazi abalitshela umphakathi luyiqiniso, baphinde babhekane nokubhalwe yibona noma egameni labo.
Uma sebethole ukuthi ulwazi abalutholile alulona iqiniso noma lukhohlisa abantu, kuzodingeka baluhoxise futhi balulungise esidlangalaleni kungakapheli amahora awu-36.
Le mithetho inqanda ukusebenzisa ama-akhawunti-mbumbulu nobuchwepheshe bokusabalalisa ulwazi olungekho nokudalula imininingwane yabantu ngaphandle kwemvume nokubahlukumeza ezinkundleni zokuxhumana.
Amaqembu epolitiki nabantu abangenele ukhetho kuzodingeka bazise umphakathi uma ulwazi abalubhalayo lwenziwe ngobuchwepheshe obusamuntu kanti nezikhangiso zepolitiki kuzodingeka zicacise ukuthi zivela kuliphi iqembu noma kumuphi umuntu.
UNks uBapela uthe le mithetho ayisho ukuthi amaqembu epolitiki nabantu abangenele ukhetho ngeke besakwazi ukuveza imibono yabo, ukugxeka noma ukuphikisana ngezindaba ezithinta ukhetho. Le mithetho ayikuvimbi ukugxeka okufanele, ukuveza imibono nokubika ngendlela efanele nokuhlekisa noma ukuphikisana ngezindaba zentando yabantu. Le mithetho inqanda ukusabalalisa ulwazi olungamampunge oluqondiswe kwi-IEC, okhomishana bayo nezisebenzi zayo.
Abavoti, amaqembu epolitiki nabanye abantu bangabika ku-Real411 ngokungena ku-https://real411.org.za/elections uma besola ukuthi kusatshalaliswa ulwazi olungekho oluphathelene nokhetho, njengoba le kuyinkundla esemthethweni yokubika ngaphansi kwale mithetho.
Le mithetho iqale ukusebenza ngomhlaka-4 wangoSepthemba kanti izoqhubeka nokusebenza kuze kumenyezelwe imiphumela yokhetho.
Amaqembu epolitiki nabantu abangenele ukhetho bazosayina isivumelwano sokuthobela le mithetho emcimbini wokusayina i-Electoral Code of Conduct mhlaka-23 kule nyanga.


