Amabhizinisi nohulumeni bayadingana ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

KUNAMABHIZINISI amaningi eNingizimu Afrika afisa ukukhiqiza izimpahla nokuhlinzeka ngemisebenzi. Abantu abafisi ukukhokhela loku imali emba eqolo. Ukuze amabhizinisi enze lokho, kufanele kube nendawo ewavumelayo, indawo angathembela kuyona ukuthi umthetho uyalandelwa nohulumeni osebenza kahle. 

Yingakho izinhlangano ezifana neBusiness Leadership South Africa (iBLSA) zixoxisana nohulumeni nezinye izinhlaka. Inhloso yethu ukweseka uhulumeni ngaleyo ndlela esikwazi ngayo ukuze uhlinzeke kahle izidingo, ulawule ukusebenza kwengalo yomthetho, ubudlelwano namanye amazwe neminye imisebenzi eyinqwaba onayo. 

Singakwazi ukumeseka lapho sinendlela engasiza. Intando yabantu ithi kufanele uhulumeni usebenzele wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Njengoba osomabhizinisi bedala amathuba emisebenzi, bengenisa intela nezinye izimpahla nemisebenzi edingwa abantu baseNingizimu Afrika, uhulumeni kufanele uqinisekise ukuthi bayakwazi ukusebenza kahle. 

Sike sigxekwe kwezinye izikhathi ngoba kuthiwa le mizamo yethu iyahlupha futhi igqugquzela ukuthi uhulumeni ungasebenzi kahle ngoba ivala izikhala lapho kubheda khona.

Abasigxekayo bashaya eceleni. Sizosebenzisana nohulumeni ophethe ngoba simele osomabhizinisi abadinga ukufeza izinto ezithile ukuqinisekisa ukuthi umnotho uyasebenza futhi amabhizinisi ayachuma. Ekugcineni, loku kuheha abatshalimali, kukhulise umnotho. Loku yinto okufanele nohulumeni ayiphokophele. 

Imizamo yethu iphumelela ngoba uhulumeni uzimisele ukusebenzisana nathi futhi kwesinye isikhathi loko akwenzeki kahle. Asifisi ukuphazamisa izinsizakusebenza, ngakho sizoziyisa lapho sikholwa ukuthi singathola imiphumela  khona.

Uhulumeni awusiso isizinda esisodwa, kwezinye izingxenye zawo siyaphumelela kangcono kunezinye. Isibonelo nje, ngikholwa wukuthi osomabhizinisi nohulumeni babambisene kahle ukulungisa inkinga kagesi. 

I-National Electricity Crisis Committee ihlanganise iqhinga elihle ngokuvumela umgomo omuhle nokugqugquzela ukutshala imali ukuphucula ukukhiqia ugesi. Kuyathembisa nangenkinga yezokuthutha esizama ukuyilungisa ngendlela efanayo.

Ikhona inqubekelaphambili nangomgomo wama-visa nelayisensi ye-spectrum.

Sisebenzisana nezinhlaka ezihlukene zengalo yomthetho ngophiko lwethu iBusiness Against Crime noPhiko lokuShushisa eZweni lonke. Yonke lena yimizamo yokuphucula indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyo.

Zikhona izinto ezike zisiphamise. Isidididi ngokuthi simi kuphi ngempi yeRussia ne-Ukraine ngesinye isibonelo saloku. Sizokhuluma ngobungozi nemiphumela yaloku emnothweni wethu futhi sizoxoxisana seseke abalingani bethu bakwamanye amazwe, kodwa akukho okunye okutheni abangakwenza osomabhizinisi. 

Loku akusho ukuthi osomabhizinisi bayinhlangano eyodwa. Kunezinkulungwane zezinkampani, iningi lazo elincintisanayo futhi elinezinhloso ezingafani. Nokho, amabhizinisi abunjwe ngabantu, bonke abayingxenye yezwe lethu. Sifisa izwe lethu liphumelele, hhayi nje amabhizinisi ethu kuphela. 

Yingakho izikhulu eziphezulu eziwu-125 ezihola izinkampani ezivelele zisayine isibophezelo esikhombisa ukuthi zizimisele ukusiza izwe liphumelele ngoba zikholwa wukuthi yinto engenzeka lena.

Zithe zizimisele ukubhekana nezinselelo ezikhona ukuze kukhule umnotho ngendlela efanele futhi kusizakale wonke umuntu. 

Lokhu sekusungule izinhlelo eziningi nohulumeni futhi kukhuthaze nohulumeni ukuthi uqhamuke nemizamo yokubhekana nakho.

Izikhulu eziphezulu zisebenzisa isikhathi sazo nezinsizakusebenza ukubambisana nohulumeni ukulungisa izinkinga esibhekene nazo zikagesi, ezokuthutha, ubugebengu nenkohlakalo. Ngeminye imizamo ebalulekile lena yokukhulisa umnotho.

I-BLSA izoqhubeka izikhandle ukweseka imizamo yokukhulisa umnotho. Sikwenza loku simagange ukuthola esizosebenzisana nabo kuhulumeni, abantu nabo abanomdlandla wokulungisa izinselelelo ezisimise kabi. 

Kuningi esingakwenza ngokusebenzisana. Kepha akusho ukuthi sizokwenza noma yikanjani. Asikwazi ukusebenzisa izinsizakusebenza ebe engekho amathuba okuphumelela. 

Ukuphumelela kwaloku kusebenzisana akuncikile kosomabhizinisi kuphela. Izindaba ezinhle wukuthi baningi nabanye esisebenzisana kahle nabo kuhulumeni. Kepha ngikhuthaza ukuthi sibonisane ukuze sibone ukuthi yiziphi izisombululo esingaqhamuka nazo.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page