I-Citroën Basalt wubutsetse ngaphandle nangaphakathi, kuhlaziya uSlindile Khanyile
NGIYITHANDE ngiqala ukuyibona. Ngithande ukuma kwayo, ingaphakathi layo eliqhakazile nelinendawo enkulu, ngathanda nokuhamba ngayo. I-Citroën Basalt imanzi futhi iyashelela.
Uma iqhathaniswa nezintanga zayo esigabeni ekusona, imanzi. Iyi-crossover coupé neSUV encane ewubutsetse. Yinhle ngaphambili, yinhle eceleni, yinhle ngemuva. Nomagcino wami, ojwayele ukuthi ngiyisidala, uthe “imanzi”.
Esigabeni sayo, okuyisigaba esilandela esokuqala ngokomzimba, lo mshini wamaFrench, ebengipepenyeka ngawo ngezilokotho ze-iMoto Online, unako konke okuthola emotweni yesimanje nezimoto ezisezigabeni ezingaphezu kwesayo; ngokobuchwepheshe namandla. Konke loku kugqama ngaphakathi. Idunyiswa icishwe ngenkinobho, hhayi ngokhiye.
Ine-infotainment e-wireless ethintwayo ehambisana ne-Android ne-Apple nezinkinobho zomsakazo nokukhombisa uma uhlehla. Izinga lesithombe alikho phezulu uma uliqhathanisa nelezinye izimoto zesimanje. Pho kunani? Phela ayikho esicongweni ngokwesigaba kodwa futhi iyawenza umsebenzi.
I-Basalt ishaya nge-screen sesibili kwi-instrument cluster esingemva kwesteringi. Kwisteringi inezinkinobho zokwehlisa nokunyusa umsindo ne-cruise control.

I-Basalt iqhakazile ngaphakathi
Ngithande nebhuthi yayo ewudedangendlale. Iwu-470 litre. Iyamumatha impela. Nokho amaFrench abengenza kangconywana uma kukhulunywa ngokuvala ibhuthi. Yebo ayivalwa ngenkinobho kodwa inesibambo esidonswayo kwibhuthi. Uma uyivala, ibuye ingavaleki kahle. Ize ivaleke uma kungathi uyayishaya.
Hhayi, angisayiphathi eyelambu elitshengisa ibanga ongalihamba ngophethroli. Nokho ekuqaleni icishe yanginyusela ushukela ngendlela ebhala ngayo ukusha kukaphethroli ngamakhilomitha ewahambayo. I-econo light ekwi-instrument cluster ewu-17 inch iqale iwuveze uphezulu, uye wehle kancane, kancane, phathaphatha uwubone usuphezulu futhi. Ngike ngadideka ukuthi kwenzeka kanjani uphethroli ubemningi, wehle bese ubuye ubamningi futhi. Ngiyibambe emva kwesikhashana. Lihlakaniphile leli lambu.

Ama-screen amabili anobuchwepheshe obenza impilo ibelula
Inokudumisa okusagandaganda, sadizili. Ungadideki ekaphethroli kanti inenjini ewu-1.2 litre. Nokho iwumshini ozishintshayo oshelelayo i-6-speed automatic torque-converter. Inamandla awu-81kW @ 5 500 rpm ne-torque ewu-205Nm. Ibihamba kamnandi, iyasukuma uma unyathela, ithobele umthetho uma uxegisa unyawo. Ingichazile ngokuthi emqanseni izibopha kamnandi, awudingi ukubhalansisa.
Ihlukile induku yokushintsha amagiya. Kumnandi ukuyishintsha. Kakade ama-French ayathanda ukuhluka. Itholakala ngezinhlobo ezimbili, iBasalt Pro ewuR345,000 nePlus, i-last number, ewuR370 000. Wubutsetse ngaphandle nangaphakathi obushelelayo, obungambi eqolo.
Isu lokonga lesonto:
Ukuthwala izimpahla eziningi emotweni kudla uphethroli, uphethroli udla ephaketheni. Layisha izimpahla ezingaphansi noma ezilingene isisindo semoto yakho, wonge uphethroli.


