Ayidumi kanje uma izoya phambili kwezempilo, kuloba uBusi Mavuso

UKUPHASISWA komthethosivivinyo we-National Health Insurance (iNHI) ePhalamende wumdlalo nje ongeke usiyise ndawo uhulumeni aqonde ukuwudlala. 

Ngeke usebenze lo mthethosivivinyo, alikho iqhinga lokuwufeza elizolandelwa ngoba yinto engeke yenzeke futhi akucacile ukuthi kuzokhokhelwa kanjani ngoba ayikho imali yokuwukhokhela. 

Kubukeka sengathi uhulumeni uzimisele ukuqhubekela phambili ukuziba kodwa wonke lo mdlalo wakhe uzobhidlika. Indlela okuthuleke ngayo emva kokuthi lo mthethosivivinyo uphasisiwe ngesonto elidlule ingitshengisa ukuthi abantu abaningi abasenendaba nawo.

Abantu abaningi abayigqizi qakala yonke le nto kanti baziqhubekela nempilo ngoba bayazi ukuthi izogcina iphelele emoyeni kanti akukho okuzobe kuphucukile endleleni iNingizimu Afrika ehlinzeka ezempilo ngayo.

Inkinga wukuthi umthethosivivinyo weNHI unemiphumela emibili. Lokhu okuhlongozayo ukuthi imboni yezempilo ezimele igcine ingasekho nhlobo, isikhala sayo sivalwe uhulumeni, yinto engeke yenzeke. 

Umuntu ocabanga ukuba yingxenye yemboni yezempilo eNingizimu Afrika ngelinye ilanga, kungaba ozosebenza kuyona noma ozotshala imali kuyo noma ngabe wubani okhathazekile ngokuhlinzekwa kwezempilo, kufanele ukuthi uphelelwa yithemba. 

Ngabhala emasontweni amabili edlule ukuthi yini esingayenza ukubhekana nezinselelo zezwe lethu kwezempilo. Into enkulu wukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele ukuze wonke umuntu eze namandla kukona. 

Wubudlelwano nokubambisana okwasilekelela ukuthi silwe ne-COVID-19 futhi manje okuthelela izithelo njengoba silwa nenkinga kagesi.

Ngokubona kwami, izinhlangano zosomabhizinisi ziyakweseka kakhulu ukuthi kuhlinzekwe ezempilo ngendlela ezosiza wonke umuntu kodwa sidinga iqhinga elihlelekile ukwenza lokho.

Into engihluphayo wukuthi sengathi uhulumeni akazihluphile ngokuthi kuzokwenzeka kanjani loku. Kubukeka sengathi into uhulumeni anendaba nayo wukujabulisa abantu abazoshaya izandla ngoba sebazi ukuthi umthethosivivinyo ususayiniwe.

Inkinga ukuthi uma usuphasisiwe sesizongena esikhathini esibuhlungu lapho ezempilo zingeke zisizakale ngalutho futhi nohulumeni kungawenzeli lutho. 

UmNyango wezeziMali uzophoqeka ukuthi uzame ukubonakala sengathi kukhona okuzamayo ukuxhasa iNHI nakuba kumanje ubhekene nenqwaba yezinto okufanele uzame ukuzikhokhela kodwa ohlulekayo. 

Abezempilo bazophoqeka ukuthi babonakale sengathi kukhona abakwenzayo. Kuzofanele basungule amabhodi namakomidi, yize izikhungo zabo zidinga ukunakwa ngokushesha njengoba iningi lazo lihluleka wukwenza izinto ngendlela efanele. Loku kuzophazamisa umsebenzi kahulumeni njengoba kuzoba nenkombankombane ngoba izinto zizobe zingenzeki futhi zizobambezeleka.

Ngaphezu kwaloko, kuzoba nenqwaba yamacala ngoba abantu abathintekayo nosomabhizinisi bezogijimela ezinkantolo bezama ukuvikela amalungelo abo. 

Sekuke kwazanywa phambilini ukusebenzisa umthetho ukulungisa izinselelo zenhlalakahle, into engakajwayeleki kangako. Akucacile ukuthi ngesikhathi kuxoxwa ePhalamende, kubhekiwe yini loku.

Ikomidi lezempilo ePhalamemde libonisene nabameli. Libonisene futhi neFreedom Front Plus. Bonke laba bantu bazibalulile izinto ezihluphayo ngalo mthethosivivinyo nokuthi ziphikisana kanjani noMthethosisekelo. 

Nakuba kukhona lapho uchitshiyelwe khona kodwa umthethosivivinyo ogcine uphasisiwe awuvunyangwa yizinhlangano eziningi eziphikisayo njengoba zithe awuzixazululi izinkinga zoMthethosisekelo onazo.

Sekufanele manje udlulele eMkhandlwini weZwe weziFundazwe ngaphambi kokuthi usayinwe eHhovisi likaMengameli. Mhlawumbe kukhona okuzolungiswa kulezi zigaba osazodlula kuzo.

Osomabhizinisi sebetshengisile ukuthi bayakwazi futhi bazimisele ukusebenzisana nohulumeni ukubhekana nezinselelo zezempilo esinazo siyizwe. Sizimisele ukusebenza nohulumeni ukuthola indlela efanele esingasebenzisa ngayo izinsizakusebenza ezimbalwa ukuphucula ezempilo ukuze wonke umuntu ahlinzekwe ngendlela efanele. 

Uhlelo olusekwa ngabantu abaningi kwezamabhizinisi nakuhulumeni yilona oluzokhuthaza wonke umuntu ukuthi afune ukubona izinto ziqhubeka. Yiloko engifisa ukukubona kwenzeka kwezempilo zethu.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page