I-South Regional Durban Business Fair izobaKwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, eningizimu yaseThekwini, kusukela ngomhlaka-2 kuya mhlaka-4 wango-Okthoba wango-2026. Isithombe: Sithunyelwe

I-South Regional DBF izovulela osomabhizinisi baselokishini izimakethe namathuba

YINTATHELI KAMASIPALA

UMASIPALA waseThekwini uzosondeza umbukiso omkhulu wamabhizinisi iSouth Regional Durban Business Fair KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, kusukela mhlaka-2 kuya mhlaka-4 ngenyanga ezayo.

Lo mbukiso uyingxenye yemizamo kamasipala yokufukula umnotho wasemalokishini nokuvulela amabhizinisi amancane naphakathi nendawo amathuba okukhula, ukuthola izimakethe nokubaneqhaza elibonakalayo emnothweni wendawo.

I-DBF, eyaqala ngo-1998, isiyinkundla esimeme lapho amabhizinisi ezikhangisa khona ngemikhiqizo yawo nomsebenzi wawo, akhe ubudlelwano futhi axhumane namakhasimende nabangase basebenzisane nawo ebhizinisini. Umbukiso omkhulu wesi-28, obuseDurban Exhibition Centre ngo-Ephreli, ubunezivakashi eziwu-18 743, okukhombisa ubukhulu nesidingo salesi sigcawu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/20/baningi-abafuna-ukukhangisa-kwidurban-business-fair/

Le South Regional Durban Business Fair izogxila emabhizinisini aselokishini nasemakhaya, inike osomabhizinisi ithuba lokuzikhangisa nelokusabalalisa imikhiqizo nomsebenzi wabo ezimakethe ezinkulu.

Ohlelweni kuzoba neBusiness Indaba, ama-masterclass okucija amakhono, izithangami zokuseka amabhizinisi nethuba lokungena eminyangweni kamasipala nohulumeni emqoka, ukuhlinzeka ngolwazi nosizo emabhizinisini nasemiphakathini.  

Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa nokuHlela umNotho kumasipala uMnu uThembo Ntuli uthi lo mbukiso wesifunda uhlose ukusondeza amathuba omnotho kosomabhizinisi.

“Iminyaka ewu-28 i-DBF ihlanganise amabhizinisi nezimakethe, amathuba nabanye osomabhizinisi. Manje sihambisa le nkundla emiphakathini yakithi mathupha. Sifuna amabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya abonakale, akwazi ukuncintisana futhi abesethubeni lokukhula. Ngokuvula iminyango yezimakethe, siqinise amabhizinisi endawo futhi sidale amathuba, singakha umnotho lapho abantu abaningi bezobaneqhaza, bachume futhi bakhe amathuba omsebenzi,” kusho yena.

Lo mbukiso uzokhangisa ngemikhiqizo nomsebenzi okusezingeni eliphezulu lamabhizinisi aselokishini nasemakhaya futhi kukhuthazwe abantu ukuthi beseke futhi bathenge emabhizinisini endawo.

Amabhizinisi afisa ukukhangisa kulo mbukiso akhuthazwa ukuthi abhalise ngaphambi komhlaka-24 kule nyanga. Amafomu okubhalisa atholakala ku-https://gqr.sh/ukZU noma e-199 Anton Lembede Street, esitezi sesikhombisa, eThekwini noma kunoma iyiphi iSizakala Centre.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page