‘Imali encane ingenza izinto zenzeke uma uyonga’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPholoso Nkhahle, owaziwa ngelika‘Man P’ kwi-Inkonjane FM. Wenza uhlelo i-Amalahle Countdown njalo ngoMgqibelo kusukela ngo-9 ekuseni kuya ngo-12 emini. Uwumphathi wohlelo emcimbini, uyisikhulumi sezinkulumo ezikhuthazayo, umshumayeli nomsunguli weMan P Entertainment

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa imali?

Imali ngangiyiphiwa ekhaya, ikakhulu odadewethu nabafowethu ababili.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?

Ngangisafunda, ngoba kwakuphoqelekile ukuthi ngiqhubeke nokufunda, ikakhulu ngoba ngangihlala kude nasekhaya. Ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi kufanele wamukele imali oyitholayo, (ungahali) ngemali kanti ungakwazi ukwenza izinto zenzeke ngemali onayo. Asikho Isidingo sokufuna imali eningi. Uma unemali eningi izinto ezidinga imali (zibaningi).

Waqala nini ukusebenza, wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngaqala ukusebenza ngo-2018. Ngathenga i-laptop nocingo.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga izinto engangizidinga enkampanini yami yezokungcebeleka.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukungayongi imali. Ngangiyisebenzisa yonke imali engangiyithola.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/04/01/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nobhekani-udankie-mthembu-umsakazi-we-intokozo-fm-nomphathi-wenkampani-yamaciko-ingoza-entertainment/

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi noma ngabe yimalini oyitholayo ingakwazi ukwenza izinto zenzeke uma ngiyonga.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakhulisa ibhizinisi lami lezokungcebeleka, ngiyibeke enye bese ngitshala enye ukuze ngisize umndeni wami.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Yamukela imali oyitholayo futhi usebenzise leyo onayo ukwenza izinto ofuna ukuzifeza empilweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page