Ukunyuka kwamanani kaphethroli nakadizili kudonsiza amabhizinisi ezokuthutha kanzima
WU-AFHULUFHEDZEAHO OLGA MULAUDZI
NGEMVA kokunyuka kwamanani kaphethroli ngoR1,34 ilitha nodizili ngaphezu kwangoR2 ilitha izolo, amabhizinisi ezokuthutha nathembele kuwona azothwala kanzima.
Ungqongqoshe wezokuMbiwayo uMnu uGwede Mantashe ugcwalisile ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi amanani kaphethroli i-93 ne-95 azonyuka ngoR1,34 ilitha kuthi akadizili one-sulphur ewu-0,0% anyuke ngoR2,94 ilitha bese kuthi akadizili one-sulphur ewu-0,005% anyuke ngoR2,13 ilitha.
Ukunyuka kwamanani kulandela ukunyuka kwamanani kawoyela phesheya ngenyanga edlule ngenxa yemibango nezindleko zokuthutha izimpahla ngemikhumbi kukapakele kumanani kaphethroli.
Loku kunyuka kwamanani kusho ukuthi abanikazi bezinto zokuthutha, amabhizinisi athutha izimpahla, izitolo, abalimi namanye amabhizinisi amancane athembele kwezokuthutha kuzofanele babuyekeze izindleko zokusebenza ekuqaleni kwale nyanga. Ukunyuka mawala kwamanani kwadizili kungabanomphumela omubi kumabhizinisi athembele ezimothweni zokuthutha nemishini.
Isikhulu esiphezulu seFreight Association uMnu uGavin Kelly sithe udizili yiwona osetshenziswa amabhizinisi amaningi kakhulu, okusho ukuthi ukunyuka kwamanani kuzokwengeza kwizindleko zansuku zonke zokusebenza kwawo.
Ukuncika kweNingizimu Afrika ekuthutheni ngamaloli kusho ukuthi umphumela wokunyuka kwamanani kwaphethroli nodizili kuzozwela ngale kwezinkampani zezokuthutha.

INingizimu Afrika ithembele kakhulu ekuthutheni izimpahla ngamaloli
Usomnotho omkhulu eKPMG uMnu uFrank Blackmore uthe: “Njengoba imizila yamaguzu ingasasebenzi kakhulu, kudingeka sisebenzise amaloli kakhulu kanti asebenzisa udizili.”
Uthe amanani kaphethroli aphezulu azonyusa izindleko zokuthutha futhi ahlise amandla emali. Loku kunyuka ngeke kugcine ngokuthinta amabhizinisi athenga umthwamo omningi kadizili kuphela. Umdayisi olanda istoko, umbhaki odilivayo noma umkhiqizi othutha izimpahla bonke bazozwela amanani okuthutha aphezulu.
Loku kunyuka kwamanani kulandela ukukhuphuka kukawoyela ongahluziwe iBrent usuka ku$8,37 (uR593,83) uya ku$87,88 umphongolo.
UmNyango wokumBiwayo uthe loku kunyuka kwamanani kudalwe ikakhulu wukubambana ngezihluthu Phakathi kweMelika ne-Iran, ukungabaza ngokudlula kwamafutha eStrait of Hormuz nezindleko eziphezulu zokuthutha ngemikhumbi.
Nokushoda kwezimpahla ngenxa yempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine nokuncipha kwestoko kukhuphule amanani kaphethroli.
Lolu kumanani lusho intela kaphethroli nekadizili ewu 83.28c ilitha. Kuzokwengezwa u-4.9c ilitha ozoya emalini yokunyusa imiholo yabantu abathela uphethroli emagaraji.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

