UNks uThatele Mashilwane oqokelwe kwibhodi yeMr Price. Isithombe: Sithunyelwe

‘Imbokodo’ ewumakadebona iqokelwe kwibhodi yeMr Price

YINTATHELI YOMBELE

I-Mr Price Group isanda kuqoka uNks uThatele Mashilwane ukuthi abeyilungu lebhodi nelungu lekomiti lokucwaninga amabhuku nokulandela imithetho.

UNks uMashilwane, oqale kulesi sikhundla mhlaka-2 wangoSepthemba, uwumcwaningimabhuku onamava nongoti obheka ubungozi emabhizinisini asemikhakheni ehlukene, okubalwa kuyo owezimali, umshwalense, ukuthenga izimpahla, ezokuthutha nezokuphatha izindlu. Ungomunye wabasunguli beMASA Auditors, ayisikhulu esiphezulu sayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/07/uhola-elinye-lamahhovisi-amqoka-ekusebenzeni-ukuze-intando-yabantu-ithele-izithelo-uxoxe-noslindile-khanyile-ngalo-msebenzi-nangokukhula-kwakhe/

Uke wayilungu lamabhodi ezinkampanini ezinkulu ezinjengeClientèle neTiger Brands, lapho asebenze khona futhi njengomqondisi ozimele ohola ibhodi kwaze kwaba wu-2023. Wake wayilungu lebhodi yeCapitec Bank, iFamous Brands, iMurray & Roberts kwaze kwangoMashi wango 2020. Manje uyilungu noma usihlalo wamakomiti ahluene ebhodi yeTiger Brands, iClientèle neVector Logistics.

Uke waklonyeliswa yi-Association for the Advancement of Black Accountants of Southern Africa ngokubawumuntu wesifazane ovelele wonyaka engqungqutheleni iLeading Woman Conference ngo-2021, wahlabana ngomklomelo wokubawusomabhizinisi wonyaka ngo-2022.

Ibhodi yeMr Price imamukele uNks uMashilwane, yathi amava akhe obuholi, amabhizinisi, ukucwaninga amabhuku nokuqapha ubungozi azolekelela umsebenzi webhodi.

Phakathi kweziqu anazo kubalwa i-Master of Business Administration, iB-Compt in Accounting Science, i-BCom (Hons)/CTA ne-Global Executive Development Programme yaseGordon Institute of Business Science.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page