Izinkampani zaphesheya kufanele zihlawule ngokukopolota i-Afrika – umfelandawonye wezinyunyana
INTATHELI YOMBELE
UMFELANDAWONYE wezinyunyana zezisebenzi iCosatu ugxeka izinkampani zaseNtshonalanga ngokudla amandla ezwekazi i-Afrika. Iphini lokuqala likamengameli walo mfelandawonye wezinyunya uMnu uMike Shingange lithe indlela abantu abafudukela emazweni aphesheya iyimbangela wokumbiwa kwamagugu omhlabathi wase-Afrika yizinkampani zaseYurophu nezaseMelika, okuholela ekutheni amazwe amaningi ase-Afrika asale empofu.
Uthe: “Yibona abafika lapha (e-Afrika) bamba ingcebo esenhlabathini, bathatha inzuzo bashiya amadolobha engamagobongo nemiphakathi icwile osizini, bathatha inzuzo bayisa emazweni abo. Izisebenzi ziphelelwa wumsebenzi, kuphume inzuzo ezweni.”
I-Cosatu ihlabe leli khwelo ngemva komyalelo wekomiti lenHlangano yeziZwe othi ngokomthetho amazwe anesibopho sokunxephezela ngokuhweba ngezigqila ezathathwa e-Afrika zaya phesheya nokuthi kuthathwe izinyathelo zokulungisa umphumela wobandlululo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/18/okuhle-nokubi-okwenziwe-yicosatu-eminyakeni-ewu-40-yasungulwa-izingqapheli/
Ngokomhlahlandlela oshicilelwe ngoMsombuluko yileli komiti elibheke ukuqeda ukucwasa ngebala, lezi zibopho zisuselwa esivumelwaneni sango-1965 ngokomthetho wokucwasa ngebala obuhlanga, hhayi emithethweni yangaleso sikhathi.
Leli komiti lichaze le ndlela njengoguquko olukhulu lokubuka izinto ehlukile ekuzivikeleni kohulumeni ukunqanda ukunxephezela abantu. “Amazwe angamalungu kufanele athathe izinyathelo eziphelele zokunxephezela abantu base-Afrika ngazo zonke izindlela kusho lo mqulu osemthethweni.
Kuyanda ukuthi izishoshovu zithi ukunxephezela kufanele kuhlanganise ukuxolisa emphakathini nokukhokha inhlawulo kodwa abaphikisana naloku bathi akufanele ohulumeni nezinkampani bahlawulele amacala abantu abangaphambi kwabo.

