Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso sithi umthetho omusha kagesi uzosiza ukuncintisana. Isithombe: Sithunyelwe

I-BLSA ijabulela izichibiyelo zomthetho omusha kagesi 

INTATHELI YOMBELE

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ihalalisela bonke abebeyingxenye yokuchibiyela umthetho olawula ugesi, i-Electricity Regulation Act, osayinwe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesihlanu, mhlaka-16 ngo-Agasti.

Lezi zichibiyelo zizoletha izinguquko ezibalulekile embonini kagesi eNingizimu Afrika, zethule imboni encintisanayo ezokwenza abakhiqizi abahlukene bancintisane ngokudayisa ugesi. Loku kuwumphumela wokusebenzisana kwezinhlaka ezihlukene okuhambisana nezinguquko ezinqala njengokuholwa yiqhinga likamengameli, i-Energy Action Plan.  

Iziphakamiso ebesekuphele iminyaka zenziwa yi-Operation Vulindlela, abeHhovisi likaMengameli, i-Eskom namabhizinisi, okukhona kubo neBusiness for South Africa, sezenze uhulumeni wesikhombisa wazibophezela kulolu hlelo lokuletha izinguquko. 

Kuzophucula indawo okuhwetshwa kuyo eNingizimu Afrika futhi kuzokweseka ukuthi kutshalwe imali kugesi ovuselelwayo. 

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Lezi zichibiyelo zizosiza ekushintsheni ukunqindeka endleleni ugesi ohlinzekwa ngayo nokuguqukela emnothweni ongasebenzisi izinto ezingcolisa umoya, ikakhulukazi ekushintsheni imboni kagesi okuzokwenza kube nogesi owenele.

“Kuzoletha noshintsho oluhle e-Eskom ukuze kuphucuke ukuthi kube nogesi owenele, kwandise abemboni ezimele abatshala imali futhi kwande nokukhiqiza ugesi ovuselelwayo, owegesi nokugcina amabhethri. Okunye futhi wukuthi kuzokwenza ngcono ukuthi amabhizinisi namakhaya bakwazi ukufaka ingqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga. Kuthina amabhizinisi lezi zinto zibalulekile ukuphucula indawo esisebenzela kuyona kanti sizoqhubeka seseke izinyathelo ezilandelayo zalolu hlelo lwezinguquko.” 

Into okufanele iphuthunyiswe wukusungula inkampani ezimele yokuthutha ugesi kube yiyo ezokwengamela indlela ugesi ophakwa ngayo ezweni lonke bese futhi kugxilwa kwiTransmission System Operator, ezosungulwa eminyakeni emihlanu ezayo. 

I-BLSA iyakweseka ukuhlanganisa iMarket Code, ezoba nemithetho ezolawula indlela okuncintiswano ngayo embonini kagesi futhi ihlanganise nemali ezohlawuliswa abantu abacekela phansi ukusebenza kwengqalasizinda ephakela ugesi ngenhlawulo engafinyelela kuR1 million noma iminyaka eyisihlanu ejele nenhlawulo ewuR5m noma ukuboshwa iminyaka eyishumi abazothola ingqalasizinda kagesi kungafanele.

  • Lolu daba lukhokhelwe yiBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page