Ukhamba lufuze imbiza kwintokazi eyenza ubuciko bezandla
WUTHOBILE ZWANE
UKHAMBA lufuze imbiza kwintokazi yaseThekwini enebhizinisi lobuciko bezandla. Nakuba yakhula ifisa ukubayinesi, le ntokazi izithola ihamba ezinyathelweni zikanina, naye owalandela kwezikanina.
UNkk uZanele Nzimande, waseSiyanda, KwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, unebhizinisi elenza izimbenge, izibani, izinto zokufaka, amabhodlela ewayini, izitsha zikashukela, ama-place mat nezinye izinto zokuhlobisa i-Asemahle Crafters. Ibhizinisi uliqambe ngegama lendodakazi yakhe kanti selifana nengane yakhe.
UNkk uNzimande uthi umsebenzi wezandla usuneminyaka engamashumi wenziwa kubo. Waqalwa wugogo wakhe enza izimbenge, wase efundisa unina. Unina waqhubeka nalo msebenzi iminyaka ewu-20, wagcina esewufundisa nezingane zakhe, okubalwa kuzona yena nabafowabo.
Yize ibhizinisi elibhalise ngokusemthethweni ekuqaleni konyaka odlule kodwa uthi waqala ngo-2003 ngesikhathi unina emthuma ukuhambisa ama-oda e-African Art Centre eThekwini.
“Njalo uma ngifika esitolo ngangibona ukuthi umsebenzi wezandla muhle. Uma sengishiya umsebenzi babengagcini ngokunginika ama-oda kamama kodwa babenginika nawami. Ngaqala ukuwahlanganisa nakamama, kwaze kwawukuthi sengiyakwazi ukuzimela. Ngesikhathi sengikujabulela ukuzisebenza ngabona ukuthi kuyaphileka ngalo msebenzi,” kusho yena.

I-Asemahle Crafters ikhangisa ngomsebenzi wayo embukisweni wamabhizinisi
Nakuba esebenzisa izindlela zokwenza umsebenzi azifundiswa wunina kodwa uthi uzihlanganisa nezindlela ezintsha ukuhambisana nesikhathi samanje nokukwazi ukuhlangabeza izidingo zamanje. Usenza ama-place mate nezinto zokubeka iwayini.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/19/ukhamba-lufuze-imbiza-kothunga-imihlobiso/
Ibhizinisi alisagcini ngokubayindlela yokuziphilisa kodwa selixosha ikati eziko nakweminye imindeni. Uma ama-oda emaningi, uNkk uNzimande usebenza nabantu abayisikhombisa, iningi labo okungomakhelwane abayitoho nabantu bakubo abane.
Lo msebenzi usumvulele amathuba okuya ezindaweni ezihlukene eyofundisa ngekhono lobuciko. Uthi naye uthola ithuba lokufunda okuningi ngokuphatha ibhizinisi.

Umhlobiso wokubeka ibhodlela lewayini we-Asemahle Crafters
Enye yezinto ezimkhathazayo wukunyuka kwezindleko zezinto azisebenzisayo nokushoda kwezinto zokusebenza.
Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi uthe: “Beka imali uqale ukuthenga izinto zokusebenza ngaphambi kokuthi uqale. Akufani uma usuthole ama-oda ususebenza, kuyaphileka,” kusho yena.
Ufisa ukuthola usizo kuhulumeni ukuze alungise indawo abasebenzela kuyona, bathole izinto zokusebenza ezanele futhi bakwazi ukusimamisa umsebenzi wabo. Muzwe ngezansi:
Uthi: “Ngifisa ukulungisa indawo esisebenzela kuyona, siyakhe ngezitini futhi sithole izinto zokusebenza ezanele ukuze sikwazi ukwenza ama-oda amaningi futhi senze umsebenzi kangcono.”

