Kuningi iNingizimu Afrika engakufunda eSingapore ngokuqoka abaholi abafanele. Izithombe: YiPexels nesithunyelwe

INingizimu Afrika ingafunda kwiSingapore ukuthi wakhiwa kanjani uhulumeni owazi umsebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGIYAYITHANDA indlela iSingapore ekhokhela ngayo osopolitiki abakhethiwe. Kwenza ukuthi ongqongqoshe nezinye izikhulu zikahulumeni bazi ukuthi kwenzekani ngezindaba zezwe zomnotho nezepolitiki, ngaphezu kwendlela ohulumeni bentando yabantu, kubalwa neNingizimu Afrika, abakwazi ukwenza ngayo.

Kudume ukuthi ohulumeni bentando yabantu, ngenxa yokuthi bayakhethwa, benza osopolitiki bakwazi ukuletha ushintsho kwezenhlalo nezomnotho ukuze kuthi uma kufika ukhetho olulandelayo bakwazi ukuphinde bakhethwe.

Kepha ngemva kweminyaka engaphezu kwe-30 yohulumeni be-ANC kwenza loku kungakholakali. Yingakho ngikhuluma ngendlela yaseSingapore yokukhokhela osopolitiki. Indlela yokwenza izinto eSingapore ikabili. Okokuqala nje, indlela yaseSingapore yokwenza izinto kwipolitiki yenza ukuthi kubhekwe abantu abasezingeni eliphezulu. Okwesibli, wukuthi osopolitiki baseSingapore bakhokhelwa kahle kakhulu.

Undunankulu waseSingapore uMnu uLawrence Wong uthi: “Siqala ngokuthi uhulumeni omuhle ulele kubuholi obuhle. Indawo ibeyiloko abaholi abayiholayo beyikona. Izindlela zokwenza izinto zibalalulekile. Azizilawuli. Ikakhulu phezulu, izinga lobuholi lenza umehluko omkhulu. Izinkampani zikuqonda kahle loku.”

Kuleli sonto iSingapore imemezele izinguquko kwimiholo ongqongqoshe nezinye izikhulu zikahulumeni. Isitatimende esivela ehhovisi likandunankulu sithe lezi zinguquko zizonika uhulumeni “ithuba elikhulu lokuthola ubuholi bepolitiki obazi umsebenzi nobuzinikele ekuhlinzekeni izidingo zeSingapore zesikhathi eside”.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/18/ukuba-wumengameli-womnyango-wezimali-akusikho-ukusinisa-amahleza-ngokobudlelwano-nabalingani-bakho-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

U-Wong, enkulumweni yakhe ngezinguquko emiholweni, izinga lobuholi bepolitiiki lithinta izinga lezisebenzi zikahulumeni.

“Abantu abazi umsebenzi bafuna ukusebenzela abaholi ababahloniphayo nabangafunda kubona. Bafuna ongqongqoshe abaqonda izinto, ababuza imibuzo efanele, abathatha izinqumo eziphusile nabamela izinqumo zabo. Uma ongqongqoshe bejwayele ukuhluleka, izisebenzi zivama ukuxakeka. Eziningi ziyahamba.”

U-Wong wengeze ngokuthi umqondo wokuthi ungabanongqongqoshe abangawazi umsebenzi bephethe izisebenzi zikahulumeni ezisengeni eliphezulu kodwa izinto ziqhubeke ukuhamba kahle, wukuphupha nje.

Uthe uhulumeni waseSingapore ubheka izinto ezimbalwa kumuntu ongase abewungqongqoshe. Phakathi kwazo kukhona uhlobo lomuntu, akuchaze ngokuthi yikona okumfakayo noma kumkhiphe umuntu. “Uma umuntu engekhoqotho, engenazimiso nokuzinikela ukusebenza, ngisho kungathiwa uwazi kangakanani umsebenzi kodwa lowo muntu akufanele abawungqongqoshe.”

U-Wong uthi uhulumeni omuhle ulele kubaholi abahle

Nokho uhlobo lomuntu alwanele. Umuntu ongabawungqongqoshe kufanele azi umsebenzi, “ukukwazi ukuthatha izinqumo, ukwazi umsebenzi nobuholi bokwenza umsebenzi kahle”.

“Yilapha umvuzo ungena khona. Awukhombisi ukuthi wubani owazi umsebenzi kodwa ukhomba ukuthi abantu abazi umsebenzi bakulungele ukuphumela obala benze umsebenzi.”

I-Singapore ibeka izinga lemiholo bosopolitiki kwelemboni ezimele bese isebenzisa isaphulelo esiwu-40% kulelo zinga, isaphulelo esichaza ngokuthi “wukuzinikela ukusebenzela uhulumeni”. Okunye wukuthi imiholo yongqongqoshe inezinto ezimbili, eyokuqala yingxenye emile ewu-65% weholo nengxenye eshintshayo ewu-35%. Le ngxenye eshintshayo ihambisana nomsebenzi wongqongqoshe empumelelweni yenhlalo yeSingapore nezakhamuzi zakhona kwezenhlalo nezomnotho.

Le ngxenye eshintshayo incike ezingeni lokungabibikho kwemisebenzi ezweni, ukusimama kwemiholo yabantu baseSingapore (okubheka ukwehla kwamandla emali), evama ukuzwelana nabantu abahola imali encane nezinga lokukhula komnotho.

Enye into eqaphelekayo ngemiholo yongqongqoshe yindaba yongqongqoshe abancane, okusho ukuthi, okungafani naseNingizimu Afrika, ongqongqoshe abaholi imali elinganayo. Undunankulu waseSingapore uyakwazi ukuqasha ungqongqoshe omushe ngemali encane. Ngaphambi kwemiholo emisha, emenyezelwe kuleli sonto, ungqongqoshe omncane uhola u$1,1 million (R16 000m) kuthi ungqongqoshe onamava noma owenza kahle ahole u$1,76m.

U-Wong wengeze ngokuthi ukubuyekeza isimo semiholo senza undunankulu akwazi ukudlala ngemali. “Kwenza ungqongqoshe akwazi ukuhlukanisa imiholo ngokomsebenzi kodwa ikakhulu ukuthi akwazi ukuletha abantu abangekho kuhulumeni, ikakhulu labo abavele behola kakhulu embonini ezimele.”

Uthe injongo yaloku wukwakha” ithimba elinamandla leSingapore”. I-Singapore isiphinde yakhombisa ukuthi izwe liwakha kanjani uhulumeni owazi umsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page