I-BRICS ayisho ukuthi kufanele sibeyizitha namazwe aseNtshonalanga, kuloba uBusi Mavuso

YINTO enhle ukuthi iNingizimu Afrika iyingxenye yeBRICS. Kufanele uhulumeni wethu ube nobudlelwano namazwe eBRICS (okuyiBrazil, iRussia, i-India neChina). I-India neChina ikakhulukazi ngamazwe amakhulu futhi akhula ngamandla, izinkampani zase zingahlomula okukhulu kuwo. 

Nokho ubudlelwano bethu neBRICS akufanele busidalele amazinyo abusheshelezi namazwe aseNtshonalanga. Yinto okufanele ngabe siyayazi sonke leyo. Yize ebonakala amathuba akhona eMpumalanga kodwa ukuhwebelana namazwe aseNtshonalanga kubalulekile emnothweni wethu. 

Kepha ngathi loku akucacile kahle kubantu abasimele. Ngesonto elidlule iNingizimu Afrika ibingqungquthela yentsha iBRICS Youth Summit eyandulela ingqungquthla enkulu yeBRICS ezobaseSandton, eGoli, ngo-Agasti. 

Asiqalanga kahle. Ngimangele uma ngizwa inkulumo kangqongqoshe oseHhovisi likaMengameli wezabeSifazane, iNtsha nabaPhila nokuKhubazeka uDkt uNkosazana Dlamini Zuma. Esikhundleni sokugxila ekutheni yimaphi amathuba akhona kwiBRICS, ukhethe ukukhuluma ngokuthi iBRICS iyindlela “yokusheshisa ukuwisa amazwe afuna ukulawula umhlaba wonke nomnotho wamanye amazwe”.

Inkulumo yakhe izwakale ithi iBRICS incintisana neNtshonalanga, hhayi ukuthi iyimbumba esungulelwe ukuthuthukisa nokubambisana kwamalungu ayo.

Into emangazayo kule nkululumo wukuthi uDkt uDlamini Zuma ubalise ngabantu abancamela ukuthi sidayise okumbiwa phansi kungahluziwe esikhundleni sokukudayisela umhlaba sekuyizimpahla ezikhiqiziwe. Akazange akhumbule ukuthi yiyo kanye indlela ubudlelwano bethu ne-India neChina obuyiyona, siyiNingizimu Afrika sidayisela lamazwe okumbiwa phansi bese sithenga kuwo izimpahla seziguquliwe.

Ukuzibile ukuthi iYurophu neMelika yibona abathenga kithi izimpahla eziningi esezikhiqiziwe, kuzona okubalwa izimoto, imishini nezinye izimpahla eziyinsika ezimbonini futhi yibona abangenisa kakhulu imali emnothweni wethu.

Impela loku kudayisela i-Asia izimpahla ezingakhiqiziwe yinto okufanele siyiguqule ukuze ngokuhamba kwesikhathi siyidayisele imikhiqizo exubile nengenisa imali ethe xaxa emnothweni wethu. Kepha angiboni ukuthi kuzokwenzea kanjani loku ngokushaya indiva amazwe aseNtshonalanga. Impela kufanele sisebenzise le ndlela esikhiqiza ngayo eyesekwa ngamazwe aseNtshonalanga ukwandisa umkhiqizo nokuncintisana kwethu ukuze sincintisane kangcono ngezimpahla esezikhiqiziwe e-Asia. 

Mkhulu umonakalo ongenzeka ezimbonini zethu uma silimaza ubudlelwane bethu bokuhwebelana namanye amazwe okusisizayo sibe singenayo into esingancintisana ngayo namazwe esesihwebelana nawo.

I-China, i-India neBrazil banabantu abaningi, okusho ukuthi kungenzeka kwande isibalo sabantu abadinga izimpahla zethu. Kepha kufanele siwabhekisise lawo mathuba, ikakhulukazi uma sikhuluma ngeChina okucacile ukuthi izifunela kakhulu okumbiwa phansi kanti futhi inamandla amakhulu okuncintisana uma kukhulunywa ngokukhiqiza izimpahla, into engaba nzima kwiNingizimu Afrika. 

Akungatshazwa ukuthi iChina ifuna ukuhlale ikwazi ukuthola okumbiwa phansi kithina kodwa thina kufanele sigxile ekuvuleni amathuba okuyidayisela nezimpahla eziwumkhiqizo osuphelele. 

Uma sibheka iRussia, kukhona ingozi uma sibheka impi ephakathi kwayo ne-Ukraine futhi kufanele sigade ukuthi ubudlelwane bethu neBRICS abusho ukuthi seseka iRussia.

Kuhle ukuthi uMengameli uVladmir Putin ngeke eseza engqungqutheleni ngoba ukuba khona kwakhe yikona obesekuzogxilwa kukhona ekubeni abemancane amathuba okuthi kube nemiphumela emihle.

Njengoba isiseduze ingqungquthela, nginxusa abazosimela ukuthi babeneqhinga ngokhuthi yini esizoyihlomula. Ukulimaza ubudlelwane bethu namazwe aseNtshonalanga ngokusho izinto ezifana nokuthi iBRICS yenzelwe ukubangisana namazwe aseNtshonalanga ngeke kusisize nhlobo.

Kunaloko kufanele sisebenze namalungu eBRICS ukuphucula ubudlelwane bethu namathuba okuthi sihwebelane. INingizimu Afrika kufanele igxile ekutheni ikwazi ukudayisela amazwe eBRICS izimpahla esezikhiqiziwe.

Kufanele sibheke iBRICS njengethuba lokuthuthukisa iminotho yamazwe ayo, into amazwe aseNtshonalanga nabanye abangani beNingizimu Afrika abangayijabulela. 

I-BRICS kufanele kube ngeyokuvulela iNingizimu Afrika amanye amathuba, hhayi ukuzibeka engozini yokuzihluphekisa. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page