Asiphangise ukulungisa ubudlewano bethu neMelika ukuvikela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

INHLOSO yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukusungula indawo enhle osomabhizinisi abangasebenzela kuyona. 

Imvamisa sigxila ekutheni ungasetshenziswa kanjani umgomo womnotho nezimboni ukweseka imizamo yokuwukhulisa futhi kusungulwe imisebenzi.

Asijwayele ukubheka nokuthi ukusebenzisana nobuhlobo namanye amazwe bona bungena kuphi. Kepha ngesonto elidlule izinto ezithinta ubuhlobo namanye amazwe zibaphazamise kakhulu osomabhizinisi.

Asazi kwenzekani eSimon’s Town ngoDisemba odlule ngenkathi umkhumbi waseRussia owawugunyaziwe ufika upaka khona. Inxusa laseMelika selenze izinsolo ezinzima, ezithi kwalayishwa izikhali ezaziya eRussia ukulwa ne-Ukraine.

Uhulumeni uphendule ngendlela engazwakali kahle. Uthembise ukuthi kunethimba elizimele elizoholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi elizophenya. 

Emva kwaloko inxusa lixosile, nalo ngendlela engazwakali kahle, (uhulumeni uthe lixolisile kodwa ayikho into eshicilelwe yinxusa esho loko).

Emva kokuthi iBLSA ibuze kuhulumeni ngoLwesihlanu icela acacise ukuthi ikhona yini imvume yokudayisela iRussia izikhali eyakhishwa, umNyango wezangaPhandle uthe iNational Conventional Arms Control “ayinawo amarekhodi atshengisa ukuthi kudayiselwe iRussia izikhali”.

Loku kusho ukuthi uma zikhona izikhali ezalayishwa ngaleliya langa eSimon’s Town, kwakungekho emthethweni. Umthetho uthi odayisela elinye izwe izikhali ngaphandle kwemvume angahlawuliswa noma agwetshwe iminyaka ewu-25 ejele. 

Buyadidana ubufakazi okuyibona okubonakala kusetshenziswe inxusa. Kubonakala sengathi udaba olwaxoxwa ngenkathi ithimba elaliholwa wuMnu uSydney Mufamadi livakashele eMelika ngenyanga edlule, ukuzama ukulungisa ubudlelwano obese buvele buqala ukudungeka. 

Kukhona izethembiso ezenziwa yiNingizimu Afrika zokuthi izophenya futhi kukhona ulwazi lwezobunhloli obuzoqhamuka eMelika.

Nokho kubonakala sengathi emva kwenyanga, uma kubhekwa ukuthi alukho ulwazi olutheni oluqhamuka kuhulumeni, akuphenywanga okutheni. Uhulumeni uthe abukho ubufakazi ababudlulisile. 

Konke lokhu kuziphazamisile izimakethe. Irandi lehle kakhulu kunokwake kwenzeka uma liqhathaniswa nedola. Ama-bond anyukile, okunyuse izindleko ezikhokhwa wuhulumeni uma uboleka.

Loku kukhombisa ukuthi izimakethe zikhathazekile ngokuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzomosheka ngenxa yaloku.

Kuyabonakala futhi kungani kungahle kwenzeke loko. INingizimu Afrika yiyona ehlomula kakhulu ebudlelwaneni i-Africa Growth and Partnership Act (i-AGOA) njengoba idayisa izimpahla nemisebenzi okuwu-$15 billion (R270 billion). 

Eminye yemibandela evumela izwe libe yingxenye ye-AGOA ithi akufanele libe yingozi kwezokuphepha zeMelika. Ukudayisela iRussia izikhali kuyashayisana naloku. Cishe futhi ngeke kwaphelela lapho, sinesivumelwano sokudayiselana ngokukhululekile ne-European Union, esingaba sengozini kanjalo nokuhwebelana ne-United Kingdom.

Yebo, akhona namanye amazwe amaningi esihwebelana nawo nalawo asempumalanga, ikakhulukazi iChina ne-India, angamakhasimende ethu azandisayo izimpahla azithenga kithina. 

Kepha loku kuhwebelana kuhlukile. Imvamisa empumalanga sidayisa okumbiwa phansi kanti eYurophu naseMelika sibadayisela izimpahla esizikhiqizile. Isibonelo nje, zingaphezu kuka-70% izimoto esizidayisela iYurophu.

Izimpahla ezisiza umnotho kakhulu yilezi ezisuke sezikhiqiziwe ngoba zithinta izimboni eziningi, ngisho nokumbiwa phansi. Yizona eziletha imisebenzi eminingi kunokumbiwa phansi. Uma sinendaba nokukhulisa izimboni zomnotho wethu, izimakethe zasentshonalanga zimqoka.

Okwenzeka eSimon’s Town kudinga incazelo kusukela kwenzeka. Ngisho ngabe kuthiwa azilayishwanga izikhali emkhunjini, kwakona ukuthi wafika, ikakhulukazi esikhungweni sombutho wezokuvikela, wacinywa, yinto okwakungafanele yenzeke. 

Kumqoka ukuthi uhulumeni ayilungise le nto. Sidinga incazelo ecacile yokuthi wubani owagunyaza ukuthi lo mkhumbi upake, kwalayishwa ini futhi kwathululwa ini kuwona?

Uma kwaphulwa umthetho, kufanele kube khona ababoshwayo nabashushiswayo. Loku kufanele kwenzeke ngokushesha, ngaphambi kokuthi kwenzeke umonakalo esingeke sikwazi ukuwulungisa futhi asikwazi ukulinda ikomidi elizophothula uphenyo emva kwezinyanga.

Ukungaboni ngaso linye neMelika bekuvele sekuqalile ngisho ngaphambi kwesigameko sangesonto elidlule. Ukubambisana neRussia kwezinye izinto ezithinta imibutho, ukuvakasha kukaNgqongqoshe wezangaPhandle eRussia uMnu uSergey Lavrov, ukuthi kungenzeka kufike uMengameli waseRussia ngo-Agasti uMnu uVladimir Putin nendlela esavota ngayo ngenkathi kubhungwa nge-Ukraine eNhlanganweni yeZizwe, kwenza sibukeke singabantu abahambisana neRussia. 

Sifake usawoti esilondeni ngesnkathi uMengameli uCyril Ramaphosa eshayela uPutin ucingo ngesonto elidlule. 

I-BLSA isicele uhulumeni ukuthi ucacise ngodaba lokudayisela iRussia izikhali njengoba kwenze amazwe afana neChina (ayidayiseli muntu phakathi kweRussia ne-Ukraine). Kepha manje kufanele kusetshenzelwe ukulungisa ubudlelwano neMelika.

Kuvele kuningi okulimaze umnotho wethu, kusukela ekucinyweni kukagesi kuya ebugebengwini. Uma singalahlekelwa wubudlewano nabantu esihwebelana nabo, kungahlehlisela emuva imizamo yethu yokuthi kube nendawo enhle yokuthi amabhizinisi asebenze nokukhulisa umnotho.  Cishe yiyona nto engavele iwuqedele umnotho wethu, ovele untekenteke. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page