UMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi kunabanye omasipala abakhulu

IZIBALO ezintsha zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika zikhombisa ukuthi uMasipala waseThekwini unesibalo esiphansi sabantu abangasebenzi.

Umasipala utshale uR29 million ukuphucula impilo yabadayisi baseMansel

UMASIPALA waseThekwini uthule isigaba sokuqala seMansel Road Market Development Project ezophucula le makethe ngoR29 million. Inike abadayisi amagumbi okudayisela awu-100 amasha akhiyekayo, anogesi, izindlu ezincane ezizolekelela kakhulu abadayisi abakuChurch Walk.

UMasipala waseThekwini utshale uR43 million ezimotweni zokuqoqa udoti

UMASIPALA waseThekwini usuzoqoqa udoti ngezomoto ezintsha ezibiza uR43 million kuleli dolobha. Lezi zimoto zokuqoqa udoti nezisiza ukuhlanza zithulwe ngokusemthethweni izolo yimeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba. Uzichaze njengesibophezelo sikamasipala ukuqinisekisa ukuthi abantu baseThekwini baqoqelwa udoti yizimoto ezisesimweni esifanele.

Sekuvuliwe ukubhalisela ukukhangisa kwireSURGEnce Conference

IZINKAMPANI ezifuna ukukhulisa igama lazo, ukungena ezimakethe ezintsha nokuxhumana nabatshalimali bakwamanye amazwe zimenywa ukuthi bazozikhangisa embukisweni ireSURGEnce Durban Conference 2026.

Abesifazane bazohlonyiswa ngolwazi lwamabhizinisi kwi-EmpowerHer Market Trade Fair

INYANGA yabaNtu beSifazane izovulwa ngomfutho njengoba ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli obheke izindaba zaBantu beSifazane, iNtsha nokukhubazeka uNkk uSindisiwe Chikunga ezobanika amathuba omnotho.

Amahhotela agudle ulwandle lwaseThekwini azolungiswa ngoR250 million

UMASIPALA waseThekwini umemezele ukuthi ibeyimpumelelo iSouthern African Association for the Conference Industry yalo nyaka.

Yonga okungangamandla akho – ikusasa lakho lincike kukhona

IMALI yakho oyisebenzela kanzima iyanyamalala ngaphambi kokuphela kwenyanga kanti ukonga kunzima kakhulu. Esikhundleni sokukhathazeka ngenye into ebonakala idinga imali, uvele ungabe usonga ngoba uthi ulinde ukuhola imali ethe xaxa.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokusimamisa umnotho ngezinkundla ezisezingeni eliphezulu

UKUQHAKAMBISA umsebenzi omuhle kaMasipala weTheku kusukela ngo-2021 kuya ngo-2026, kunomkhankaso i-Five-Year Service Delivery Milestone enendikimba ethi: “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuphokophela ngisho kunzima.

Asimile Siyaqhuba: iminyaka emihlanu yokwenza izindawo ezihlanzekile eThekwini

UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuqhakambisa umsebenzi wawo weminyaka emihlanu wokuhlinzeka umphakathi ngezidingo ngokuqhakambisa umsebenzi woPhiko lokuQoqa Izibi ekwezeni idolobha elihlanzekile, eliphephile nelisimeme.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokwakha ubuxhakaxhaka bezokuthutha besimanje nobuphephile

EMINYAKENI emihlanu edlule, i-eThekwini Transport Authority (i-ETA) yenze umsebenzi onqala ekuguquleni isimo sezokuthutha kuMasipala waseThekwini ngokutshala kwingqalasizinda, izinto ezintsha, izindlela eziphephile nokuhlela ezokuhamba eziphucukile.

Asimile Siyaqhuba: iminyaka emihlanu yokuvuselela imboni yabahwebi bamatafula

UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuqhakambisa umsebenzi wawo weminyaka emihlanu wokuhlinzeka umphakathi obizwa nge-Five-Year Service Delivery Milestones onendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuphokophela nasebunzimeni.

Asimile Siyaqhuba: Sekuphele iminyaka emihlanu kwakhiwa izindawo zokuhlala ezinesithunzi

MKHULU umsebenzi owenziwe wuMasipala waseThekwini ukuhlinzeka ngezindlu ezisezingeni elifanele nasekuphuculeni izindawo zokuhlala.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokusimamisa imboni yezolimo

MKHULU umsebenzi owenziwe wuMasipala waseThekwini endimeni yezolimo. Lo msebenzi ubonakala ngomkhankaso weminyaka emihlanu wezinto ezizuziwe i-Five-Year Service Delivery Milestones, ngaphansi kwendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilence Through Adversity”, okusho ukuphokophela nasebunzimeni.

Asimile Siyaqhuba – Sekuphele iminyaka emihlanu uMasipala waseThekwini uqinisekisa ugesi othembekile

KULE minyaka emihlanu edlule uPhiko oLwengamele uGesi lukaMasipala waseThekwini luhlinzeke izakhamuzi namabhizinisi kumasipala jikelele ngemisebenzi kagesi emqoka, obekufaka ukuvuselela ingqalasizinda, ukwandisa izindawo ezinogesi, ukushintsha indlela yokuqoqa imali nokuseka umphakathi.

Asimile Siyaqhuba: Uhlelo lukamasipala lokusebenzisa umhlaba ngobuhlakani luvula amathuba

MKHULU umsebenzi osuwenziwe ngokohlelo lukaMasipala waseThekwini lokudedela umhlaba ngobuhlakani i-Land Release Strategy, okuwuhlelo olungaphansi koPhiko lokuPhatha iZakhiwo, oluholwa wuMnu uThapelo Mmusinyane.

Asimile Siyaqhuba: i-uShaka Marine World iseyindawo yokuvakasha ethandwayo nanamuhla

KULELI sonto sibheka indawo kaMasipala waseThekwini i-uShaka Marine World okuyindawo yokungcebeleka nokuvakasha. Loku kungenxa yokubaluleka kwezokuvakasha ekuheheni izivakashi ukuthi zize eThekwini nokudala amathuba omsebenzini kulo mkhakha.

Asimile Siyaqhuba: Sekuphele iminyaka emihlanu sihlinzeka amanzi asezingeni eliphezulu

UKUQINISEKISA ukuhlinzeka izakhamuzi namabhizinisi ngamanzi angapheli yinto eseqhulwini kuMasipala waseThekwini. Ngokutshala imali kwingqalasizinda nezinqumo eziphusile zomKhandlu, uPhiko lwaManzi nokuThutha iNdle belusebenza lungaphezi ukuze kuhlale kunamanzi.

Umasipala uvulele intsha ithuba lokwenza izinto zokuhlanza

INTSHA ewu-30 yaseThekwini esafufusa kwezamabhizinisi namalungu emifelandawonye ithola ithuba eliyingqayizivele lokufunda ukwenza imikhiqizo yokuhlanza ukuze ikwazi ukusungula nokukhulisa amabhizinisi anekusasa.

ITheku linconyiwe ngokuphatha kahle izimali

IKOMITI elengamele ukusebenza kwezimali zomphakathi iStanding Committee on Public Accounts (iScopa) lincome uMasipala waseThekwini ngokuthula umbiko onayo yonke imininingwane ngokuphatha izimali, ukuthumela izidingo kubantu nokuphatha umasipala.

Umasipala uhlole amabhizinisi angayilandeli imithetho yokuhweba

UMASIPALA waseThekwini usebenzisana namaphoyisa, nomNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uqinisa umkhankaso wawo wokulwa namabhizinisi angawulandeli umthetho nangabhalisiwe kulo masipala.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page