I-Standard Bank yenze izinguquko ezinqala
YINTATHELI YOMBELE
I-STANDARD Bank yenze izinguquko kubaphathi bayo, yehlisa esikhundleni obeyiphethe eNingizimu Afrika uMnu uLungisa Fuzile futhi uzokwesula nasebhodini yabaqondisi lale nkampani.
Esimemezelweni esenzile le nkampani, ithe uFuzile, obeyisikhulu esiphezulu seStandard Bank South Africa usezophatha izikhundla ezimbili, esokuba yi-group head: Policy and Regulation futhi uzoba yi-regional chief executive ye-Southern & Central Region.
UFuzile wafika kuleli bhange ngo-2018 kanti ngaphambi kwaloku wayesebenzele uhulumeni iminyaka ewu-20, lapho aphathe khona izikhundla ezihlukene okubalwa kuzona nokuba wumqondisi-jikelele emNyangweni weziMali. Uyilungu lebhodi leBanking Association of South Africa neBusiness Leadership South Africa futhi usemkhandlwini weWalter Sisulu University.

UFuzile, obeyisikhulu esiphezulu eStandard Bank, usezophatha izikhundla ezimbili
Esikhundleni sikaFuzile kuqokwe uMnu uKenny Fihla nozoba yiphini lesikhulu esiphezulu. UFihla uzokwengamela umsebenzi waleli bhange kwamanye amazwe e-Afrika naphesheya kanti uzoqhubeka abike kwisikhulu esiphezulu uMnu uSim Tshabalala.
Esikhundleni esidala sikaFihla kungene uMnu uLuvuyo Masinda, nosezoba yisikhulu esiphezulu seCorporate and Investment Banking. NoMasinda uzobika kuTshabalala.

UMasinda uwumphathi omusha weCorporate and Investment Banking
UFuzile yena usezobika kuFihla. UMnu uYinka Sanni, obephethe amazwe ase-Afrika naphesheya, usezoba yisikhulu esiphezulu esizobheka ubudlelwano leli bhange elinawo namanye amakhasimende alo amakhulu futhi uzolekelela uFihla ngomsebenzi wasemazweni ase-Afrika naphesheya. USanni uzophathwa wuFihla.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/16/i-std-bank-ingenise-inzuzo-ewur22bn/