Sesidinga ukuthi imali yabatshalimali ingenele ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

SIYAMBONGELA umengameli ngengqungquthela yabatshalimali ebe yimpumelelo ngesonto elidlule. 

Lo mcimbi obekungowesihlanu ubunabantu abaningi futhi kube nezingxoxo ezinohlonze nasomabhizinisi nohulumeni ngezingqinamba namathuba okutshala imali. 

Kukhombisile ukuthi umengameli uzimisele ukuthi kusebenzeke kahle ukuze osomabhizinisi batshale imali futhi inconyiwe imizamo kahulumeni. Nami ngiyishayela ihlombe imizamo.

Le ngqungquthela iphothula umengameli ayezibekele ukukuzuza eminyakeni emihlanu – ukudoba abatshalimali abazofaka uR1.2 trillion kusukela ngo-2018. Kuthe kuphela ingqungquthela bese kungene uR1.5trn, kufeziwe futhi kwadlulela. Kuhle ukubona uhulumeni efeza abezibekele kona.

Umengameli usethe kule minyaka emihlanu ezayo uzibekele ukuthi kungeniswe uR2trn. Kuhle konke loko kodwa ngifisa ukuphakamisa kumengameli ukuthi sengathi bekungahambisana nezinye izinto. Ukutshala imali kukodwa akusho lutho. Kuhle ngenxa yalokho okukwenzayo, okufaka ukusebenza komnotho futhi kuphucule impilo yabantu.

Ukutshala imali kukhulisa umnotho ngoba kwandisa okwenziwayo emnothweni. Ngamanye amazwi, uma kwanda imigwaqo, amachweba, ojantshi, amafemu, izindawo zokukhiqiza ugesi nenye ingqalasizinda yomnotho kusho ukuthi kuyanda okungakhiqizwa wumnotho, kungene imali okubanjwa kuyona intela engenza izwe libe ngcono.

Nakuba kukuhle ukuthi ingqungquthela yokutshala imali ingenise uR1.5trn kodwa kwenzeke ngeminyaka emihlanu lapho umnotho ubungakhuli nhlobo khona. 

Esinye sezizathu zokufadalala kwengqalasizinda, ekagesi kodwa neyozokuthutha nakomasipala njengehlinzeka amanzi. Enye inkinga wukuthi iningi lemali ezotshalwa izosetshenziselwa ukulungisa izinto – izinkampani zizakhela iziteshi zazo zokuphehla ugesi ngoba azisakwazi ukuthembela ku-Eskom ukhiqiza ugesi. Loko akwandisa izinto ezikwazi ukwenziwa umnotho, kuvikela lokhu okuvele kwenziwa. 

Angicacise ukuthi nako kuseyinto enhle. Iningi leziteshi zikagesi ezakhiwayo manje zizoyixazulula inkinga yokucinywa kukagesi eminyakeni embalwa ezayo. Kuzonyusa ithemba kosomabhizinisi futhi sithemba ukuthi kuzokwenza kungene imali ezozuza esikufunayo – ukukhulisa umnotho. 

Uma osomabhizinisi benethemba ngekusasa, bayatshala. Kufanele bakholwe ukuthi azoba khona amakhasimende abazowadayisela ukuze batshale imali abacabanga ukuyifaka manje. Futhi kuyacaca ukuthi enye imali etshalwa kugesi ayifakelwa ukuvala isikhala se-Eskom kuphela, kukhona izinhlelo zezimboni ezinkulu ezibambekayo ngenxa yemithetho esikhona evumela izinkampani zizikhiqizele ugesi wazo. 

Eminyakeni emihlanu ezayo kufanele sibuyekeze impumelelo yengqungquthela yabatshalimali ngokubheka ukuthi ingakanani imali kwengenayo ekhulisa umnotho. Akufanele nje futhi sibheke imali abantu abazibophezela ngayo kodwa sibheke nemali esetshenziselwa ukutshala ezimpahleni izinkampani ezingeke zizidayise ezikhulisa umsebenzi wazo. 

Angingabazi ukuthi imali okuthiwa izongena iyasiza nayo kodwa siqala ukubona ukuthi kukhona okuhle okwenzekayo emnothweni uma izinkampani zikhula.

Empeleni sisanda kubona kuba nomehluko omuhle njengoba eminyakeni eyisikhombisa kuze kufinyelele ku-2021 ibiloku ishone phansi le mali kodwa ngonyaka odlule inyukile (nakuba ithi ayibe wuhhafu ka-30% womnotho okuzama ukufinyelelwa kuwona). 

Enye imbangela yaloku wukuthi yima isazongena imali ezotshalwa kugesi nakwezinye izinto ezihambisana nawo. Kufanele umuntu akuqaphe ngeso lokhozi loku.

Uma lo R2trn okuphokophelwe kuwo uzongena ngenxa yezimayini ezintsha, amafemu amasha, ama-call centre amasha, ingqalasizinda entsha yokudonsa umoya we-internet, kuphinde kulekelelwe imali ezotshalwa wuhulumeni uqobo emigwaqweni, kojantshi, emachwebeni nasekusabalaliseni ugesi, kuyoba yinto enkulu.

Loko wukutshala imali okuletha lokhu esikufunayo – imisebenzi nempilo engcono kuwo wonke umuntu. 

Osomabhizinisi bazimisele ukusebenza nohulumeni ukulungisa imigomo eminingi ezokwenza ukuthi kufezeke esikufisayo.

  • UNks uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page